Ingabe Abafileyo Bangaphinde Baphile Ngempela?
Ubungathi . . .
-
yebo?
-
cha?
-
mhlawumbe?
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“Kuyoba khona uvuko.”—IzEnzo 24:15, IBhayibheli-ImiBhalo Engcwele.
LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE
Ukwazi lokhu kuyasiduduza lapho sishonelwa abathandekayo bethu.—2 Korinte 1:3, 4.
Kuyasikhulula ekwesabeni ukufa.—Hebheru 2:15.
Kusinika ithemba langempela lokuthi siyophinde sihlangane nabathandekayo bethu abashonile.—Johane 5:28, 29.
SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?
Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezintathu:
-
Ukuphila kuvela kuNkulunkulu. IBhayibheli lithi uJehova uNkulunkulu “ungumthombo wokuphila.” (IHubo 36:9; IzEnzo 17:24, 25) Ngokuqinisekile Lowo owanika zonke izidalwa eziphilayo ukuphila angamenza aphinde aphile umuntu oseshonile.
-
UNkulunkulu wabavusa abantu esikhathini esidlule. IBhayibheli lisitshela ngabantu abangu-8—abancane, abadala, amadoda nabesifazane—abavuswa kwabafileyo. Abanye babesanda kushona, kodwa oyedwa kwase kuyizinsuku ezine esethuneni!—Johane 11:39-44.
-
UNkulunkulu uyakulangazelela ukuphinde avuse abafileyo. UJehova uyakuzonda ukufa; ukubheka njengesitha. (1 Korinte 15:26) Ulangazelela ukusinqoba leso sitha, alungise umonakalo odalwe ukufa ngokuvusa abafileyo. Ulangazelela ukubavusa ekufeni labo abasenkumbulweni yakhe nokuphinde ababone bephila emhlabeni.—Jobe 14:14, 15.
CABANGA NGALOKHU
Kungani siguga futhi sifa?
IBhayibheli liphendula lowo mbuzo kuGENESISE 3:17-19 nakweyabaseROMA 5:12.