Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Izinto Zangaphambili Ngeke Zifike Enhliziyweni’

‘Izinto Zangaphambili Ngeke Zifike Enhliziyweni’

‘Izinto Zangaphambili Ngeke Zifike Enhliziyweni’

UMdali wethu ukwambulile lokho azokwenza maduzane. Uthi:

“Ngidala amazulu amasha nomhlaba omusha; izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.”—ISAYA 65:17.

Ziyini ‘izinto zangaphambili ezingeke zifike enhliziyweni’? Umongo ubonisa ukuthi zihlanganisa ukungabi nabulungisa, ukugula, ukuhlupheka nezinye izinkathazo eziningi ezihlupha isintu. Ziyophela kanjani lezi zinkathazo? Imfihlo itholakala ‘emazulwini amasha nomhlaba omusha’ okwabikezelwa.

Lawo magama amangalisayo nalokho akushoyo azochazwa enkulumweni yeningi ethi “Izinto Zangaphambili Ngeke Zifike Enhliziyweni.” Le nkulumo iyonikezwa eMhlanganweni Wesigodi WoFakazi BakaJehova onesihloko esithi “Qapha Inhliziyo Yakho!” ozoqala ngo-May e-United States bese uqhubeka nakwamanye amazwe.

Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona emhlanganweni oseduze nawe. Ukuze uthole imininingwane eqondile, siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balo magazini. INgosi ethi www.dan124.com inohlu lwazo zonke izindawo nezinsuku zomhlangano.