Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
Thola incazelo yangempela yamavesi eBhayibheli adumile. Thola ukuthi lawo mavesi amayelana nani njengoba ufunda umongo wawo. Thuthukisa indlela owaqonda ngayo ngosizo lwemibhalo yaphansi nezikhombo.
UGenesise 1:1 Uyachazwa—“Ekuqaleni UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba”
Yimaphi amaqiniso amabili abalulekile aboniswe kuleli vesi lokuqala leBhayibheli?
Incwadi kaGenesise 1:26 Iyachazwa: ”Masenze umuntu ngomfanekiso wethu.”
Wayekhuluma nobani uNkulunkulu?
U-Eksodusi 20:12 Uyachazwa—“Hlonipha Uyihlo Nonyoko”
Ngokwenezela isithembiso kulo myalo, uNkulunkulu wasinikeza esinye isizathu sokuwulalela.
UNumeri 6:24-26 Uyachazwa—“UJehova Makakubusise, Akulondoloze”
Uyini umsuka wesibusiso sika-Aroni?
UJoshuwa 1:9 Uyachazwa—“Qina Ube Nesibindi”
Ungawathola kanjani amandla nesibindi lapho ubhekene nezimo ezinzima nezingqinamba ezibonakala zingaphezu kwamandla?
IHubo 23:4 Liyachazwa—“Noma Ngihamba Esigodini Sethunzi Lokufa”
Ngisho nalapho bebhekene nezinsuku ezinzima ekuphileni, uJehova ubanakekela kanjani lapho abamkhonzayo?
IHubo 37:4 Liyachazwa—“Zithokozise NgoJehova”
Leli hubo lisisiza kanjani sithole ukuhlakanipha futhi sibe uhlobo labantu elamukelwa uNkulunkulu?
IHubo 46:10 Liyachazwa—“Thulani, Niqonde Ukuthi Mina NginguNkulunkulu”
Ingabe leli vesi limane lisho ukuthula esontweni?
IzAga 3:5, 6 Ziyachazwa—“Ungenciki Kokwakho Ukuqonda”
Ungabonisa kanjani ukuthi uthembela kuNkulunkulu ngaphezu kokuba uzethemba wena?
IzAga 16:3 Ziyachazwa—“Noma Yini Oyenzayo Yenzele INKOSI”
Yiziphi izinto ezimbili okufanele zenze abantu bafune isiqondiso sikaNkulunkulu lapho benza izinqumo?
IzAga 22:6 Ziyachazwa—“Khulisa Umntwana Ngendlela Eyakuba Ngeyakhe”
Iyiphi ‘Indlela’ Ingane Okumele Ihambe Ngayo? Ingabe ihlukile kumuntu ngamunye?
UmShumayeli 3:11 Uyachazwa—“Wenze Konke Kwaba Kuhle Ngesikhathi Sakho”
Imisebenzi kaNkulunkulu emihle ihlanganisa okungaphezu nje kwendalo yakhe. Lokhu kukuthinta kanjani wena?
U-Isaya 26:3 Uyachazwa—“Inhliziyo Eqinileyo Uyayilinda Ngokuthula Okupheleleyo”
Ingabe kungenzeka ngempela ukuba nokuthula okuphelele? Kusho ukuthini ukuba nenhliziyo eqinileyo?
U-Isaya 40:31 Uyachazwa—“Labo Abathembele KuJehova Bayothola Amandla Kabusha”
Kungani imiBhalo ifanisa ukhozi olundizela phezulu nomuntu othola amandla avela kuNkulunkulu?
U-Isaya 41:10 Uyachazwa—“Ungesabi, Ngoba Nginawe”
UJehova usebenzisa izinkulumo ezintathu eziqinisekisa izikhonzi zakhe ezithembekile ngokuthi uzozisekela.
U-Isaya 42:8 Uyachazwa—“NGIYINKOSI”
Yiliphi igama uNkulunkulu akhetha ukuzinika lona?
UJeremiya 29:11 Uyachazwa—“Ngiyazazi Izinto Enginihlelele Zona”
Ingabe uNkulunkulu unokuthile akuhlelele umuntu ngamunye?
UMika 6:8 Uyachazwa—‘Hamba NoNkulunkulu Wakho Ngokuthobeka’
Leli vesi likhuluma ngezinto ezintathu uNkulunkulu azilindele kithi.
UMathewu 6:33 Uyachazwa—“Funani Kuqala Umbuso KaNkulunkulu”
Ingabe uJesu wayesho ukuthi amaKristu akumelwe asebenze ukuze aphile?
UMathewu 6:34 Uyachazwa—“Ningakhathazeki Ngekusasa”
UJesu wayengasho ukuthi akufanele sihlelele ikusasa.
Mathewu 11:28-30 Uyachazwa—“Zanini Kimi, . . . Mina Ngizakuniphumuza”
Ingabe uJesu wanikeza isixazululo esisheshayo kuzo zonke izimo ezicindezelayo nezingenabulungisa
UMarku 1:15 Uyachazwa—“UMbuso KaNkulunkulu Ususondele”
Ingabe uJesu wayesho ukuthi uMbuso wawusuqalile ukubusa?
UMarku 11:24 Uyachazwa—“Konke Enikukhulekelayo Nenikucelayo‚ Kholwani Ukuthi Nikwamukele”
Iseluleko sikaJesu esimayelana nokholo nomthandazo singasisiza kanjani sinqobe izinkinga namuhla?
UJohane 1:1 Uyachazwa—“Ekuqaleni Wayekhona ULizwi”
Leli vesi liveza imininingwane mayelana nokuphila kukaJesu Kristu ngaphambi kokuba eze emhlabeni ewumuntu.
UJohane 3:16 Uyachazwa—“Ngokuba UNkulunkulu Walithanda Izwe Kangaka”
UJehova uNkulunkulu wabonisa kanjani ukuthi uthanda ngamunye kithi nokuthi ufuna siphile phakade?
UJohane 14:6 Uyachazwa—“Mina Ngiyindlela Neqiniso Nokuphila”
Kungani umuntu ofuna ukukhonza uJehova kumelwe aqaphele indima ebalulekile kaJesu?
UJohane 16:33 Uyachazwa—“Mina Ngilinqobile Izwe”
Amazwi kaJesu abaqinisekisa kanjani abalandeli bakhe ukuthi bangaphumelela ekujabuliseni uNkulunkulu?
IzEnzo 1:8 Ziyachazwa—“Nizakwamukeliswa Amandla”
Yimaphi amandla uJesu awathembisa abalandeli bakhe, futhi lawo mandla ayezobasiza benzeni?
Kuchazwa EyabaseRoma 5:8—“Ngesikhathi Siseyizoni, UKristu Wasifela”
Njengoba abantu bavame ukucabanga futhi benze izinto eziphambene nemithetho kaNkulunkulu elungile, singakwazi kanjani ukusondelana noNkulunkulu manje, sibuye sibe nethemba lokuphila phakade esikhathini esizayo?
EyabaseRoma 6:23 Iyachazwa—“Inkokhelo Yesono Ingukufa‚ Kepha Isipho Somusa SikaNkulunkulu Singukuphila Okuphakade”
Ayikho into umuntu onesono angayenza ukuze afanelwe umvuzo oyinsindiso, kodwa singasamukela isipho sikaNkulunkulu esiwukuphila okuphakade. Kanjani?
EyabaseRoma 10:13 Iyachazwa—“Biza Igama LeNkosi”
UNkulunkulu unika bonke abantu ithuba lokuba basindiswe bathole ukuphila okuphakade, kungakhathaliseki ubuzwe babo, uhlanga noma ukuthi babaluleke kangakanani emphakathini.
EyabaseRoma 12:2 Iyachazwa—“Maniguqulwe Ngokushintsha Ingqondo Yenu”
Ingabe uNkulunkulu uyabaphoqa abantu ukuba bashintshe?
EyabaseRoma 15:13 Iyachazwa—“UNkulunkulu Wethemba Makanigcwalise Ngenjabulo Yonke Nangokuthula Konke”
Injabulo nokuthula kuhlobana kanjani nethemba nomoya ongcwele?
2 Korinte 12:9 Iyachazwa—“Umusa Wami Ukwanele”
Umphostoli uPawulu wazuza kanjani emseni kaNkulunkulu omkhulu? Thina singazuza kanjani?
EyabaseGalathiya 6:9 Iyachazwa—“Kepha Masingakhathali Ekwenzeni Okuhle”
Uyoba yini umphumela kumaKristu aqhubeka nokwenza okuhle?
Eyabase-Efesu 3:20 Iyachazwa—“[UNkulunkulu Unamandla] Okwenza Okukhulu Kakhulu Kunakho Konke Esikucelayo Nesikuqondayo”
UNkulunkulu uyiphendula kanjani imithandazo yezikhonzi zakhe, anelise nezifiso zazo?
EyabaseFilipi 4:6, 7 Iyachazwa—“Ningakhathazeki Ngalutho”
Hlobo luni lwemithandazo olungasiza labo abakhonza uNkulunkulu ukuba bangakhathazeki kakhulu futhi babe nokuthula?
EyabaseFilipi 4:13 Iyachazwa—“Nginamandla Okwenza Zonke Izinto NgoKristu Ongiqinisayo”
Wayesho ukuthini umphostoli uPawulu lapho ebhala ukuthi uzothola amandla “ngenxa yazo zonke izinto”?
EyabaseKolose 3:23 Iyachazwa—“Konke Enikwenzayo Kwenzeni Ngenhliziyo”
Indlela umKristu enza ngayo emsebenzini ibuthinta kanjani ubuhlobo bakhe noNkulunkulu?
Eyesi-2 Thimothewu 1:7 Iyachazwa—“UNkulunkulu Akasinikanga Umoya Wobugwala”
UNkulunkulu angamsiza kanjani umuntu anqobe ubugwala, abe nesibindi sokwenza okulungile?
EyamaHebheru 4:12 Iyachazwa—“Izwi LikaNkulunkulu Liphilile”
Ingabe uyalivumela izwi likaNkulunkulu liphile ekuphileni kwakho? Lokho kwembulani ngawe?
1 Petru 5:6, 7 Iyachazwa—“Zithobeni . . . Niphonse Izinkathazo Zenu Zonke Phezu Kwakhe”
Kusho ukuthini “ukuphonsa” izinkathazo zethu kuNkulunkulu futhi lokho kungasisiza kanjani?
IsAmbulo 21:4 Siyachazwa—“Azesule Izinyembezi Zonke”
Leli vesi likhuluma ngesithembiso esihle kakhulu sekusasa.