Kungani UJesu Afa?
Impendulo yeBhayibheli
UJesu wafa ukuze abantu bathethelelwe izono futhi bathole ukuphila okuphakade. (Roma 6:23; Efesu1:7) Ukufa kukaJesu kwabonisa ukuthi umuntu angakwazi ukuba qotho kuNkulunkulu ngisho ebhekene nobunzima.—Hebheru 4:15.
Ake sibone ukuthi ukufa komuntu oyedwa kwakungakwenza kanjani konke lokhu.
UJesu wafa ukuze ‘sithethelelwe izono zethu.’—Kolose 1:14.
Lapho umuntu wokuqala u-Adamu edalwa, wayengenaso isono. Nokho, wakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu. Ukungalaleli, noma ukona, kuka-Adamu kwaba nemiphumela emibi ezinganeni zakhe. IBhayibheli lithi: “Ngokungalaleli komuntu oyedwa abaningi baba yizoni.”—Roma 5:19.
UJesu naye wayengenaso isono, kodwa akazange nakanye aphule umthetho kaJehova. Ngakho, wayengaba “umhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” (1 Johane 2:2) Ukungalaleli kuka-Adamu kwenza abantu baba nesono, kodwa ukufa kukaJesu kwasisusa leso sono kubantu ababonisa ukholo kuye.
Kufana nokuthi u-Adamu wadayisa abantu, baba nesono. Ngokuvuma ukusifela, uJesu wasithenga saba ngabakhe. Ngenxa yalokho, “uma-ke umuntu enza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo.”—1 Johane 2:1.
UJesu wafa ‘ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuye angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.’—Johane 3:16.
Nakuba u-Adamu ayedalelwe ukuba aphile phakade, wathola isijeziso sokufa ngenxa yokona kwakhe. Ngo-Adamu, “isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.”—Roma 5:12.
Ngokungafani no-Adamu, ukufa kukaJesu akugcinanga ngokususa isono kuphela, kwasusa nesigwebo sokufa kubo bonke ababonisa ukholo kuye. IBhayibheli liyifingqa kanje le ndaba: “Njengoba nje isono sabusa kanye nokufa njengenkosi, ngokufanayo nomusa ongafanelwe ubuse njengenkosi ngokulunga ngombono wokuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.”—Roma 5:21.
Kuyiqiniso ukuthi abantu namuhla abaphili phakade. Noma kunjalo, uNkulunkulu uthembisa ukuthi uzonika abantu abalungile ukuphila okuphakade, avuse nabafile ukuze nabo bazuze ekufeni kukaJesu.—IHubo 37:29; 1 Korinte 15:22.
UJesu “walalela kwaze kwaba sekufeni,” ebonisa ukuthi umuntu angaba qotho kuNkulunkulu ngisho nalapho ebhekene nobunzima.—Filipi 2:8.
Nakuba u-Adamu ayengenaso isono, akamlalelanga uNkulunkulu ngoba waba yigovu, wafisa into okungeyona eyakhe. (Genesise 2:16, 17; 3:6) Ngokuhamba kwesikhathi, uSathane, isitha esikhulu sikaNkulunkulu, wathi akekho umuntu ongalalela uNkulukulu ikakhulukazi lapho ukuphila kwalowo muntu kusengcupheni. (Jobe 2:4) Nokho, uJesu naye owayengenasono, wamlalela uNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe. (Hebheru 7:26) Lokhu kwabonisa ukuthi abantu bangakwazi ukuba qotho kuNkulunkulu, ngisho noma ngabe bakubuphi ubunzima.
Imibuzo emayelana nokufa kukaJesu
Kungani kwadingeka ukuba uJesu afe ukuze asize abantu? Kungani uJehova engazange amane abaxolele o-Adamu ukuze bangafi?
Umthetho kaNkulunkulu uthi “inkokhelo yesono ngukufa.” (Roma 6:23) UNkulunkulu akamfihlelanga u-Adamu ukuthi wawuyoba yini umphumela wokona kwakhe. (Genesise 3:3) Lapho u-Adamu ona kwenzeka njengoba uNkulunkulu ayeshilo, ngoba ‘akawaqambi amanga.’ (Thithu 1:2) U-Adamu akudluliselanga isono kuphela ezinganeni zakhe, kodwa wazilethela nokufa okuwumphumela wesono.
Nakuba abantu kwakufanele bafe, uNkulunkulu wabanika “ingcebo yomusa wakhe ongafanelwe.” (Efesu 1:7) Ukuze asize abantu, uNkulunkulu wathumela uJesu ukuba anikele ngokuphila kwakhe okungenasono. Lokhu kwabonisa ukuthi uyaligcina izwi lakhe futhi unomusa omkhulu.
Wafa nini uJesu?
UJesu wafa ngemva kwamahora ‘ayisishagalolunye’ kusile, noma ngehora lesithathu ntambama, ngePhasika lamaJuda. (Marku 15:33-37) Ngokwekhalenda lethu, lolo suku lwalungoLwesihlanu, ngo-Ephreli 1 ngonyaka ka-33.
Wafela kuphi uJesu?
UJesu wabulawelwa “endaweni okuthiwa iNdawo Yogebhezi, ebizwa ngokuthi i-Golgotha ngesiHebheru.” (Johane 19:17, 18) Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, leyo ndawo ‘yayingaphandle kwesango’ leJerusalema. (Hebheru 13:12) Kungenzeka yayisegqumeni, ngoba iBhayibheli lithi ngesikhathi uJesu ebulawa abanye ‘babebukele bekude.’ (Marku 15:40) Nokho, namuhla asiqiniseki ukuthi leyo ndawo ikuphi.
Wafa kanjani uJesu?
Nakuba abaningi bekholelwa ukuthi uJesu wabethelwa esiphambanweni, iBhayibheli lithi: “Yena ngokwakhe wathwala izono zethu emzimbeni wakhe esigxotsheni.” (1 Petru 2:24) Ababhali beBhayibheli basebenzisa amagama amabili esiGreki ukuze babonise ukuthi uJesu wabulawela kuphi—elithi stau·rosʹ nelithi xyʹlon. Izifundiswa eziningi zithi la magama asho isigxobo sokhuni noma ugodo olulodwa.
Kufanele sikukhumbule kanjani ukufa kukaJesu?
Ngobusuku bePhasika lamaJuda, uJesu wabonisa abafundi bakhe indlela elula ayefuna ukufa kwakhe kukhunjulwe ngayo, wabe esebayala: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (1 Korinte 11:24) Emahoreni ambalwa ngemva kwalokho, uJesu wabulawa.
Abalobi beBhayibheli bafanisa uJesu nemvu eyayihlatshwa ngePhasika. (1 Korinte 5:7) Njengoba iPhasika lalikhumbuza ama-Israyeli ukuthi ayekhululwe ebugqileni, iSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu naso sikhumbuza amaKristu ukuthi akhululiwe ekugqilazweni isono nokufa. Ngokwekhalenda lamaJuda, iPhasika laligujwa minyaka yonke ngoNisan 14; amaKristu okuqala nawo ayenza iSikhumbuzo sokufa kukaJesu kanye ngonyaka.
Izigidi zabantu emhlabeni wonke zikhumbula ukufa kukaJesu kanye ngonyaka ngosuku okuqondana noNisan 14.