Dlulela kokuphakathi

Kuyini Ukuza KukaKristu?

Kuyini Ukuza KukaKristu?

Impendulo YeBhayibheli

ImiBhalo ibhekisela kaningi esikhathini esizayo lapho uKristu eyokwahlulela khona abantu emhlabeni. a Ngokwesibonelo, uMathewu 25:31-​33 uthi:

“Lapho iNdodana yomuntu [uJesu Kristu] ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi kanye nayo, khona-ke iyohlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo. Zonke izizwe ziyobuthelwa phambi kwayo, futhi iyohlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini. Iyobeka izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi ngakwesobunxele sayo.”

Leso sikhathi sokwahlulela sizoba yingxenye ‘yosizi olukhulu’ olungakaze lube khona emlandweni wesintu. Lolo sizi luyoholela empini ye-Armagedoni. (Mathewu 24:21; IsAmbulo 16:16) Izitha zikaKristu, ezichazwe emfanekisweni wakhe njengezimbuzi, ‘ziyothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade.’ (2 Thesalonika 1:9; IsAmbulo 19:11, 15) Ngokuphambene nalokho, izinceku zakhe ezithembekile, izimvu, zizoba nethemba ‘lokuphila okuphakade.’​—Mathewu 25:46.

UKristu uza nini?

UJesu wathi: “Ngokuphathelene nalolo suku nalelo hora akekho owaziyo.” (Mathewu 24:36, 42; 25:13) Nokho, wachaza isibonakaliso esicacile esinezingxenye ezihlukahlukene esasizobonisa inkathi eholela ekuzeni kwakhe.​—Mathewu 24:​3, 7-​14; Luka 21:10, 11.

Ingabe uKristu uza ngomzimba womoya noma wenyama?

UJesu wavuswa enomzimba womoya, ngakho uza njengesidalwa somoya, hhayi esenyama. (1 Korinte 15:45; 1 Petru 3:​18) Ngenxa yalokho, ngosuku olungaphambi kokufa kwakhe uJesu washo lokhu kubaphostoli bakhe: “Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona.”​—Johane 14:19.

Imibono eyiphutha evamile ngokuza kukaKristu

Umbono oyiphutha: Lapho iBhayibheli lithi abantu bazombona uJesu ‘eza ephezu kwamafu,’ lisho ukuthi uJesu uzoza, abonwe ngamehlo enyama.​—Mathewu 24:30.

Iqiniso: Ngokuvamile iBhayibheli lihlobanisa amafu nento efihlekile emehlweni enyama. (Levitikusi 16:2; Numeri 11:25; Duteronomi 33:26) Ngokwesibonelo, uNkulunkulu watshela uMose: “Ngiza kuwe ngisefwini elimnyama.” (Eksodusi 19:9) UMose akambonanga ngokoqobo uNkulunkulu. Ngokufanayo, uKristu ‘uza ephezu kwamafu’ ngomqondo wokuthi abantu bazokuqaphela ukuza kwakhe nakuba bengenakumbona ngokoqobo.

Umbono oyiphutha: Inkulumo ethi “wonke amehlo ayombona,” esetshenziswe kusAmbulo 1:7 lapho kukhulunywa ngokuza kukaKristu, kufanele iqondwe njengoba injalo.

Iqiniso: Amagama esiGreki aseBhayibhelini—elithi ‘iso’ nelithi ‘ukubona’—ngezinye izikhathi asetshenziswa ukuze abhekisele ekuqondeni into ethile kunokuba abhekisele ekuboneni okungokoqobo. b (Mathewu 13:15; Luka 19:42; Roma 15:21; Efesu 1:18) IBhayibheli lithi uJesu ovusiwe “nguye yedwa . . . ohlala ekukhanyeni ongenakusondela kuko, okungekho noyedwa umuntu . . . ongambona.” (1 Thimothewu 6:​16) Ngakho, “wonke amehlo ayombona” ngoba bonke abantu bayoqonda ukuthi uJesu nguye oletha isahlulelo sikaNkulunkulu.​—Mathewu 24:30.

Umbono oyiphutha: Amazwi asencwadini yesi-2 Johane 7 abonisa ukuthi uJesu uzobuya ngomzimba wenyama.

Iqiniso: IBhayibheli lithi: “Sekukhona abakhohlisi abaningi ezweni‚ abantu abangavumi ukuthi uJesu Kristu weza enyameni.”

Ngosuku lomphostoli uJohane, abanye bakuphika ukuthi uJesu weza emhlabeni ngomzimba wenyama engumuntu. Babebizwa ngokuthi ama-Gnostic. Incwadi yesi-2 Johane 7 yabhalelwa ukubonisa ukuthi ababekusho kwakungelona iqiniso.

a Nakuba abantu abaningi besebenzisa inkulumo ethi “ukubuya kwesibili” noma ethi “ukufika kwesibili” lapho bebhekisela ekuzeni kukaKristu, lezi zinkulumo aziveli eBhayibhelini.

b Bheka ethi The New Thayer’s Greek-English Lexicon of the New Testament (1981), ikhasi 451 nekhasi 470.