Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?
Impendulo YeBhayibheli
UNkulunkulu uyakwazi ukubona konke futhi athathe isinyathelo noma ngabe ukuphi. (IzAga 15:3; Hebheru 4:13) Nokho, iBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo, ukuzo zonke izinto. Kunalokho, libonisa ukuthi ungumuntu onendawo yokuhlala.
Lokho uNkulunkulu ayikho: UNkulunkulu ungumuntu womoya. (Johane 4:24) Abantu abakwazi ukumbona. (Johane 1:18) Lapho uNkulunkulu enza abantu ukuba babone imibono ngaye njengoba ilotshwe eBhayibhelini, uvezwa njengomuntu onendawo eqondile yokuhlala. Akwenzeki avezwe njengokuyo yonke indawo.—Isaya 6:1, 2; IsAmbulo 4:2, 3, 8.
Indawo kaNkulunkulu yokuhlala: UNkulunkulu uhlala endaweni yomoya, engafani nezinto ezibonakalayo ezidaliwe. Kuleyo ndawo yomoya, uNkulunkulu ‘unendawo yakhe yokuhlala, emazulwini.’ (1 AmaKhosi 8:30) IBhayibheli likhuluma ngesikhathi lapho izingelosi ‘zingena ukuze zime phambi kukaJehova,’ a okubonisa ukuthi ngomqondo othile unendawo yokuhlala.—Jobe 1:6.
Uma uNkulunkulu engekho kuyo yonke indawo, angakwazi ngempela ukungisiza?
Yebo. UNkulunkulu ubakhathalela ngokujulile abantu. Nakuba esendaweni yomoya, uNkulunkulu uyababona labo abasemhlabeni abafuna ukumjabulisa bese ebasiza. (1 AmaKhosi 8:39; 2 IziKronike 16:9) Cabanga ngezindlela uJehova abonisa ngazo ukuzikhathalela izinceku zakhe eziqotho:
Lapho uthandaza: UJehova angawuzwa ngaso leso sikhathi umthandazo wakho.—2 IziKronike 18:31.
Lapho ucindezelekile: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHubo 34:18.
Lapho udinga isiqondiso: UJehova ‘uzokwenza ube nokuqondisisa akufundise’ ngeZwi lakhe iBhayibheli.—IHubo 32:8.
Imibono eyiphutha mayelana nokuba khona kuyo yonke indawo
Umbono oyiphutha: UNkulunkulu ukuyo yonke indawo endalweni.
Okuyiqiniso: UNkulunkulu akahlali emhlabeni noma kwenye indawo emkhathini obonakalayo. (1 AmaKhosi 8:27) Kuyiqiniso ukuthi izinkanyezi nazo zonke izinto ezidaliwe ‘kumemezela inkazimulo kaNkulunkulu.’ (IHubo 19:1) Nokho, uNkulunkulu akahlali ezintweni azidalile njengoba nomdwebi engahlali esithombeni asidwebile. Nakuba kunjalo, umdwebo usitshela okuthile ngomdwebi. Ngokufanayo, izinto uNkulunkulu azidalile esizibonayo zisitshela ‘ngezimfanelo zakhe ezingabonakali,’ njengamandla, ukuhlakanipha nothando.—Roma 1:20.
Umbono oyiphutha: UNkulunkulu kufanele abe kuyo yonke indawo ukuze azi konke futhi abe nawo wonke amandla.
Okuyiqiniso: Umoya ongcwele kaNkulunkulu ungamandla akhe asebenzayo. Ngawo, uNkulunkulu angabona futhi enze noma yini, kungakhathaliseki ukuthi ukuphi, noma ngabe kunini, ngaphandle kokuba abe kuleyo ndawo.—IHubo 139:7.
Umbono oyiphutha: IHubo 139:8 lifundisa ukuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo lapho lithi: “Uma bengingakhuphukela ezulwini, ubuyobe ulapho; futhi uma bengingendlala ukhukho lwami eShiyoli, bheka! ubuyobe ulapho.”
Okuyiqiniso: Lo mBhalo awukhulumi ngendawo uNkulunkulu akuyo. Usebenzisa ulimi olusankondlo, ufundisa ukuthi ayikho indawo esingaya kuyo uNkulunkulu angeke akwazi ukusisiza kuyo.
a UJehova yigama likaNkulunkulu njengoba litholakala eBhayibhelini.