AGASTI 24, 2018
E-AZERBAIJAN
I-Azerbaijan Ilahla Umfowethu Ngecala Ngenxa Yokwenqaba Ukubhalisa Emnyangweni Wezempi
NgoJulayi 6, 2018, iNkantolo Yesifunda yaseBarda e-Azerbaijan yagweba umfowethu u-Emil Mehdiyev ngokumbekela imingcele isikhathi esingangonyaka. INkantolo yathola u-Emil oneminyaka engu-18 enecala lokunqaba ukwamukela umsebenzi wobusosha, kodwa ayizange imbophe. Nokho akakwazi ukuthutha lapho ahlala khona engazitshelanga iziphathimandla futhi akavumelekile ukuhamba e-Azerbaijan.
NgoDisemba 2017, umfowethu uMehdiyev wathola isamanisi elalimbizela kwelinye lamahhovisi omnyango wokubizela abantu ebusosheni esifundeni saseBarda. Wanqaba ukusayina incwadi yokubhalisela ubusosha ngoba unembeza wakhe wawungamvumeli ukuba asebenze ebusosheni. Lapho ethola isamanisi, wafike wachaza ngezinkolelo zakhe wabe esecela ukwenza eminye imisebenzi engangqubuzani nonembeza wakhe. Watshelwa ukuthi lalingekho ilungiselelo elinjalo, nokuthi udaba lwakhe lwaluzodluliselwa ehhovisini lomshushisi eSifundeni saseBarda.
Ngemva kwesikhathi eside kuqulwa icala lakhe, iNkantolo Yesifunda yaseBarda yamlahla ngecala yabe isimbekela imingcele. Nakuba engazange aboshwe, u-Emil usenerekhodi lokuba isephula-mthetho ngoba icala lamlahla ngenxa yokuthi uhulumeni wase-Azerbaijan akakalwenzi uhlelo lweminye imisebenzi engenziwa abenqaba ukuyosebenza kwezempi nakuba sekuyisikhathi eside ethembisa ukwenza kanjalo.
Siyajabula ngokuthi umfowethu uMehdiyev usabambelele esinqumweni sakhe sokungasekeli hlangothi kwezombusazwe naphezu kwesimo esinzima abhekene naso.—1 Petru 2:19.