Dlulela kokuphakathi

JANUWARI 1, 2019
EKYRGYZSTAN

Ushintsho Olungokomthetho Olujabulisayo E-Osh, EKyrgyzstan

Ushintsho Olungokomthetho Olujabulisayo E-Osh, EKyrgyzstan

NgoNovemba 30, 2018, uMnyango Wezomthetho WaseKyrgyzstan wabhalisa ihhovisi loFakazi BakaJehova elise-Osh, okuyidolobha lesibili kwamakhulu kunawo wonke eKyrgyzstan, ngokusemthethweni.

Nakuba abafowethu bebebhaliswe ngokusemthethweni eKyrgyzstan kusukela ngo-1998, ngemva kokumiswa komthetho omusha olawula ezenkolo ngo-2008, iziphathimandla bezilokhu zikwenqabela ukubhaliswa kwenkolo yoFakazi emadolobheni asezingxenyeni eziseningizimu, i-Osh ikuleyo ngxenye yezwe. Ngenxa yalokho iziphathimandla bezilokhu zibheka imihlangano yabafowethu engokwenkolo kanye nomsebenzi wabo wokushumayela njengokungekho emthethweni. Iziphathimandla sezike zahlasela emizini yoFakazi nasezindaweni ababambela kuyo imihlangano yabo engokwenkolo.

Siyajabula ngokuthi ukubhaliswa kwabo kule ndawo kuzokwenza ukuba oFakazi baseKyrgyzstan bakwazi ukuhlangana ngokukhululekile futhi bakwazi nokuxoxa nabanye ngomyalezo oseBhayibhelini ngokuthula.—1 Thimothewu 2:1-4.