AGASTI 17, 2020
EMEXICO
Isiphepho Esinamandla UHanna Sihlasele EMexico
Indawo
Esifundazweni saseTamaulipas nesaseNuevo León, eMexico
Inhlekelele
Isiphepho esinamandla uHanna, kamuva esabizwa ngokuthi isiphepho esingesibi kakhulu uma siqhathaniswa nezinye, sahlasela inyakatho-mpumalanga yeMexico ngoJulayi 26, 2020, sabangela izikhukhula ezindaweni eziningi
Indlela abafowethu nodadewethu abathinteke ngayo
Esifundazweni saseNuevo León, imindeni engu-14 kwadingeka ikhishwe emakhaya iyokhoseliswa endaweni ephephile
Edolobheni laseReynosa, esifundazweni saseTamaulipas, abamemezeli abangu-100 kwadingeka bashiye amakhaya abo bayokhosela endaweni ephephile
Ukulimala kwempahla
Kwalimala imizi engu-21 esifundazweni saseNuevo León
Kwalimala imizi engu-117 esifundazweni saseTamaulipas
Imizamo yokunikeza usizo
Igatsha laseCentral America lamisa iKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni
Ababonisi bezigodi nabadala bamabandla ezindaweni ezithintekile benza yonke imizamo edingekayo ukuze kuhlanzwe imizi, kubulawe namagciwane emizini eyayingenwe yizikhukhula
Esifundazweni saseNuevo León, iningi labafowethu nodadewethu ababeshiye amakhaya bahamba bayokhosela selikwazile ukubuyela emakhaya
Esifundazweni saseTamaulipas, amabandla endawo alungisela labo abathintekile ukudla nezingubo zokugqoka
Sibonga uJehova ngokuthi akekho olimalile kubafowethu nodadewethu kule nhlekelele. Imizamo yokunikeza usizo eseyenziwe kakade ibonisa ukuthi uBaba wethu wasezulwini nabantu bakhe bahlale ‘bewusizo olutholakala ngokushesha ngezikhathi zokucindezeleka.’—IHubo 46:1.