NOVEMBA 12, 2018
EPHILIPPINES
Isiphepho UYutu Siyaqhubeka Sibangela Umonakalo Nasezindaweni ZasePhilippines
UYutu, isiphepho esinamandla esihlasele eziqhingini zaseNorthern Mariana ngo-Okthoba 24, sibangele ukudilika kwenhlabathi kwesinye seziqhingi ezinkulu ePhilippines, iLuzon, ngoLwesibili ngo-Okthoba 30. Izimvula ezinamandla zibangele izikhukhula nokudilika kodaka, kwafa abantu abangu-11. Izinkulungwane zabantu kudingeke ukuba zisuke ngokushesha kule ndawo.
Igatsha lasePhilippines libike ukuthi abekho abafowethu nodadewethu abalimalile noma bashona kulesi siphepho. Nokho, kulimale imizi yabafowethu engu-73 namaHholo OMbuso ayisithupha. Igatsha lasePhilippines lenza amalungiselelo okunikeza usizo oludingekayo.
Siyaqhubeka sibathandazela abafowethu nodadewethu basePhilippines, njengoba le ndawo isihlaselwe yiziphepho ezingu-18 kulo nyaka nje uwodwa. Sithembele kuJehova, siyazi ukuthi uzoqhubeka esisekela.—IHubo 55:22.