Dlulela kokuphakathi

EPHRELI 29, 2020
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Umkhosi WeSikhumbuzo ka-2020—Umbukiso Wezithombe Wamazwe Ahlukahlukene

Nakuba Siqhelelene Nabazalwane Bethu, Sidumisa Ngobunye

Umkhosi WeSikhumbuzo ka-2020—Umbukiso Wezithombe Wamazwe Ahlukahlukene

Ekushoneni kwelanga ngo-Epreli 7, 2020, emhlabeni wonke abafowethu nodadewethu babegubha iSikhumbuzo esibe yingqopha-mlando ngempela. Nakuba ubhubhane luvimbele iningi ukuba lihlangane ubuso-nobuso, bonke bebezimisele ukulalela umyalo kaJesu othi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Bonke abazalwane bethu—abahlala ngabodwa, abashadile, imindeni enezingane kanye nasebekhulile esibathandayo—bebemunye ekuboniseni ukumbonga uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu.

Sikwethulela umbukiso wezithombe zabafowethu nodadewethu basemazweni ahlukahlukene belungiselela iSikhumbuzo sokufa kukaKristu sika-2020 nalapho sebesigubha.