Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ uMyrat Orazgeldiyev

SEPTHEMBA 7, 2020
ITURKMENISTAN

INkantolo YaseTurkmenistan Igwebe UMfoweth’ UMyrat Orazgeldiyev Ngokwenqaba Ubusosha Ngenxa Kanembeza

INkantolo YaseTurkmenistan Igwebe UMfoweth’ UMyrat Orazgeldiyev Ngokwenqaba Ubusosha Ngenxa Kanembeza

Isinqumo

NgoSepthemba 3, 2020, iNkantolo YeSifunda YaseVekilbazar eSifundazweni saseMary igwebe uMfoweth’ uMyrat Orazgeldiyev unyaka owodwa ejele ngenxa yokwenqaba kwakhe ubusosha ngenxa kanembeza. Uzofaka isikhalo.

Umlando omfushane

UMyrat Orazgeldiyev

  • Wazalwa: 2002 (eMary City)

  • Umlando omfushane: Ubenza umsebenzi wokuba uweta ukuze asize ekondleni umndeni wakubo. Umama wakhe wamfundisa ngoJehova kusukela esemncane. Uyayithanda imidlalo nokubhala izingoma

Umlando Wecala

Ihhovisi elibhalisa abazosebenza ebusosheni labiza uMfoweth’ u-Orazgeldiyev ukuze azongena ebusosheni ngoJuni 2020, ngemva kwenyanga eyodwa ehlanganise iminyaka engu-18 ubudala. UMfoweth’ u-Orazgeldiyev wachaza ukuthi akanakukwazi ukusebenza ebusosheni, wabe esecela ukuba bamnike omunye umsebenzi owenziwa amalungu omphakathi avamile.

NgoJulayi 1, 2020, amalungu amathathu avela ebuthweni lezempi azama ukuthatha uMfoweth’ u-Orazgeldiyev kubo. Wenqaba ukuhamba nawo. Kamuva ngalolo suku, uMfoweth’ u-Orazgeldiyev wahlolwa odokotela. Kwatholakala ukuthi uphile kahle ukuba angasebenza emasosheni.

NgoJulayi 14, 2020, ihhovisi likamshushisi labiza uMfoweth’ u-Orazgeldiyev ukuze lizomphenya ngemibuzo. Ngenyanga elandelayo, wabekwa icala kwase kubekwa usuku lokuqulwa kwalo.

Sithandaza sinokuqiniseka kokuthi uJehova uzoqhubeka emupha isibindi namandla uMfoweth’ u-Orazgeldiyev nabanye abafowethu abasebasha abayishumi abasejele.—IHubo 31:24.