Bamunye Othandweni—Umhlangano WaseFrankfurt, EGermany
“Kwakungathi Umcimbi Womndeni” kusho isihloko sephephandaba i-Frankfurter Rundschau. Ababekhona bavuma.
UKarla, owesifazane owayevela ePuerto Rico wathi: “Bangenza ngazizwa ngisekhaya.”
USara, owayevela e-Australia, wathi: “Kwakungathi ngivakashele umndeni wakithi osezweni elikude.”
Yini eyayijabulisa kangaka. Umhlangano wezizwe woFakazi BakaJehova. WawuseCommerzbank-Arena, eFrankfurt am Main, eGermany, ngomhla ka-18 kuya ku-20, July, 2014. Ababekhona babecela ku-37 000.
Ababebuthene babezele ukuzofunda ngeBhayibheli. Kuleso simiso semfundo kwakukhona ukufundwa kweBhayibheli, izingoma, imithandazo, imidlalo emibili yaseshashalazini nezinkulumo ezinikezwa ngomdlandla ezikhuluma ngeBhayibheli.
KwakunoFakazi bendawo nezihambeli ezingaphezu kuka-3 000 ezivela e-Australia, eBrithani, eGreece, eLebanon, eNingizimu Afrika, eSerbia nase-United States. Kwakukhona noFakazi abangaba ngu-234 ababevela emazweni angu-70 abasenkonzweni ekhethekile, njengezithunywa zevangeli.
Kwezinye izingxenye zesimiso kwakuxhunywa ezinye izindawo ezingu-19 eziseGermany, nezise-Austria naseSwitzerland, zithamele bukhoma. Ingqikithi yababekhona kuzo zonke izindawo kwakungu-204 046.
Ukunqoba Imigoqo
EFrankfurt, kwakunesimiso sesiGreki, isiJalimane nesiNgisi. Kwezinye izindawo, izinkulumo zazihunyushwa bukhoma ngezilimi ezingu-17, ezihlanganisa isi-Arabhu, isiShayina, isiTamil, isiTurkey nezilimi ezimbili zezandla.
Nakuba lab’ oFakazi babekhuluma izilimi ezingafani futhi bevela emazweni namasiko amaningi, babengenakho ukwahlukana—babehlanganiswe uthando. (Johane 13:34, 35) Babebhekana futhi bephathana njengabandawonye.
UTobias, waseBrithani, wathi: “Sazizwela mathupha ukuthi ubuzalwane bethu bomhlaba wonke buyinqoba kanjani yonke imingcele.
UDavianna, owayevela ePuerto Rico, wathi: “Ngahlangana nabanye oFakazi abavela emazweni angu-20.”
UMalcom, isihambeli esasivela e-Australia, wathi: “Ngangisedolobhaneni elincane elisemaphandleni lapho ngiba omunye woFakazi BakaJehova. Ngangiye ngifunde ngobuzalwane bethu bomhlaba wonke obuhlukile ngize ngibone ama-video aphathelene nabo. Lapha, ngizizwele mathupha. Kungenye nje into. Akuve kuluqinisa ukholo ukuba lapha.”
Umoya Wokungenisa Izihambi Oyokhumbuleka Njalo
OFakazi basemabandleni angu-58 aseFrankfurt namaphethelo babenzele izihambeli izipho nezinhlelo zokuzibungaza kusihlwa.
UCynthia, owayevela e-United States, wathi: “Sabona umoya wokungenisa izihambi omuhle ngokumangalisayo. Angisoze ngalukhohlwa uthando, umusa nokupha okukhulu kwabazalwane.”
USimon, ohlala eGermany, wathi: “Kwakunothando olukugabhayo, uhleko lwenjabulo nothando lobuzalwane. Akuve kukuningi esingakufunda komunye nomunye.”
U-Amy, isihambeli esasivela e-Australia, wathi: “Uhlelo lwakusihlwa kimi luwubufakazi bokuthi thina boFakazi BakaJehova asiphili ukuphila kokuzincisha injabulo okweqisayo. Siyakwazi ukuba nobumnandi—ubumnandi obuhlanzekile nobangempela.”
Ukugoduka Nezinkumbulo Ezimnandi
Umhlangano waseFrankfurt wawungowodwa nje ochungechungeni lwemihlangano yezizwe eyayisemazweni angu-9 emhlabeni wonke.
Lapho sibuzwa ukuthi kwakunjani ukuba semhlanganweni waseFrankfurt, esinye isihambeli sathi: “Zicabange uthola umuntu wakini, mhlawumbe umfowenu, obungamazi ukuthi ukhona. Ngemva kokubonana, ukuvulela ikhaya lakhe nenhliziyo yakhe. Ugcwala injabulo engachazeki. Lowo muzwa uphindaphinde izikhathi ezingu-37 000. Kwakunjalo-ke ukuba laphaya.”