Dlulela kokuphakathi

Kwakhiwe AmaHholo OMbuso Ayinkulungwane Futhi Kusadingeka Amanye

Kwakhiwe AmaHholo OMbuso Ayinkulungwane Futhi Kusadingeka Amanye

Ngo-August 2013, oFakazi BakaJehova ePhilippines baqopha umlando lapho uhlelo olukhethekile lokwakha lufinyelela inani lamaHholo OMbuso ayinkulungwane. Njengoba kunjalo nakwamanye amazwe, amabandla asePhilippines ebengenayo imali yokwakha noma ulwazi lwezokwakha ukuze azakhele amaHholo OMbuso ngaphandle kokusizwa. Sekuyiminyaka eminingi abanye behlanganela emizini yabanye oFakazi noma emaqhugwaneni amancane.

Ukwanda okuqhubekayo koFakazi BakaJehova ePhilippines nakwamanye amazwe amaningi kwenza saba sikhulu isidingo samaHholo OMbuso. Ngenxa yalokho, ngo-1999 iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yaqala uhlelo lokwakha amaHholo OMbuso emazweni antulayo. Ngaphansi kwalolu hlelo, oFakazi bendawo banikela ngalokho okusemandleni abo, bese kwenezelwa ngeminikelo evela kwamanye amazwe. Izisebenzi zokwakha eziqeqeshiwe zihlelwa ngamaqembu ukuze zisize amabandla azakhele amaHholo OMbuso. Ngo-November 2001, kwaqala uhlelo lokwakha lomhlaba wonke ePhilippines.

U-Iluminado uyilungu lebandla laseMarilao, eBulacan, lapho kwakhiwa khona iHholo LoMbuso lokugcina kwayinkulungwane . Wathi: “Ngizibonele ngawami uthando lobuKristu. Beziziningi izisebenzi zokuzithandela—amadoda nabesifazane, abancane nabadala. Besisebenza ndawonye elangeni elishisayo. Nakuba besikhathele ngemva komsebenzi onzima, bekumnandi ukubuka umsebenzi esiwufeze ndawonye.”

Bahlabeka umxhwele nabantu abangebona oFakazi ngemizamo yezisebenzi zokuzithandela. Umnikazi weloli elalilethe isihlabathi namatshe kule ndawo wathi: “Anive nibaningi! Wonke umuntu uyasiza. Angikaze ngiyibone into enjengalena.”

IHholo LoMbuso elisha

Izisebenzi zokuzithandela zaqeda ukwakha engakapheli amasonto ayisithupha kusukela isakhiwo saqalwa. Ngokwakha iHholo LoMbuso ngokushesha, amalungu ebandla akwazi ukuqhubeka ehlanganyela ngokugcwele emsebenzini obalulekile wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.​—Mathewu 24:14.

U-Ellen, elinye ilungu lebandla lendawo, uthi: “Sasingaseneli sonke eHholo LoMbuso lethu elidala futhi iningi lethu kwakudingeka lihlale ngaphandle. IHholo LoMbuso elisha lihle futhi sihlala kulo sinethezeke, ngakho sonke siyakwazi ukuzuza emfundisweni nasesikhuthazweni esisithola emihlanganweni yethu.”