“Bengilokhu Ngilindele Ucingo Lwenu”
U-Ed nomkakhe uJennie, baqala ngo-2010 ukuzama ukushumayela ngocingo. a UJennie uthi: “Ngangingakuthandi. Ngathi kumyeni wami, ‘angeke ngiphinde!’” No-Ed wayezizwa ngendlela efanayo. Uyachaza, “angikuthandi ukushayelwa ucingo abantu abadayisayo, ngakho ngangingaziboni ngishumayela ngocingo.”
Kwabe sekugadla i-COVID-19, oFakazi BakaJehova bayeka ukushumayela endlini ngendlu. Kodwa ngenxa yokuthi balalela umyalo kaJesu wokumemezela izindaba ezinhle, baqhubeka beshumayela kakhulu ngokubhala izincwadi nangocingo. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ngesikhathi esifanayo, imihlangano yobuKristu, okuhlanganisa inkonzo yasensimini kwakwenziwa ngohlelo lwevidiyo. Komunye umhlangano, u-Ed waqunga isibindi wazama futhi ukushumayela ngocingo. Wazizwa kanjani lapho esezoshaya ucingo okokuqala? Uthi, “Ngangingeve ngithukile ngaze ngathandaza ngicela usizo. Ngabe sengishaya ucingo. Yilapho engathola khona uTyrone.” b
UTyrone nomkakhe u-Edith, bahlala emaphandleni aseKentucky, e-U.S.A. UTyrone uneminyaka engu-83 futhi akaboni kahle emehlweni. Noma kunjalo, wavuma ukufundelwa iBhayibheli u-Ed. Ufunda esebenzisa ithuluzi lokukhulisa amagama futhi waqala ukutadisha iBhayibheli njalo no-Ed besebenzisa ucingo.
Ngemva kwenyanga, uTyrone no-Edith baqala ukuba khona emhlanganweni owawuqhutshwa yibandla. Nokho, ngenxa yokuthi i-inthanethi babengenayo, baxhuma ngocingo. Yini eyenza u-Edith walithanda iqiniso?
Ngesikhathi u-Ed noJennie befunda noTyrone babezwa u-Edith ngemuva esiza uTyrone ngezimpendulo nasekutholeni imiBhalo eBhayibhelini lakhe. Kodwa u-Edith wayezwakala engakuthandi ukufunda. UJennie uthi: “Wayezwakala edangele kodwa mina no-Ed sasingazi ukuthi kungani.”
Ngelinye ilanga, uJennie wayefuna ukukhuluma no-Edith. Ngesikhathi esifanele wacela ucingo ku-Ed. Wathi “Tyrone, ngiyamuzwa umkakho ngemuva ngisacela asifundele umBhalo noma angaphawula ngokuthile.”
Ngemva kokuthula kancane, u-Edith wakhuluma ocingweni. Ngezwi lakhe eliphansi wathi “Kade ngifisa ukukhuluma nawe.” Wabe esethi: “Ngingomunye woFakazi BakaJehova. Sekuphele iminyaka engu-40 ngipholile.”
UJennie wayemangele. Wathi, “Ungudadewethu!”bobabili baqala ukukhala.
Ngokushesha ngemva kwalokho, u-Ed wanikeza u-Edith ikhophi yencwajana ethi Buyela KuJehova. Emasontweni alandela, u-Ed noJennie baphawula ushintsho oluhle ku-Edith. U-Ed uthi “Ekuqaleni izwi lakhe lalizwakala linosizi. Manje seliyaphila.” U-Edith usesondele kuJehova futhi usephinde waba ummemezeli ojabulayo wezindaba ezinhle. Umyeni wakhe wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova ngoJulayi 2022.
Lapho u-Ed ekhumbula indlela ayekubheka ngayo ukushumayela ngocingo, uphinde akhumbule ingxoxo aba nayo noTyrone. Ngemva kokuba u-Ed emfundele uJohane 6:44 wachaza ukuthi uJehova udonsela abantu eqinisweni, uTyrone wavuma, wabe esenezela: “Bengilokhu ngilindele ucingo lwenu.” UJennie naye uyajabula ngokuthi yena nomyeni wakhe baqunga isibindi ukuze bashumayele ngocingo. Uthi, “uJehova uyayibusisa imizamo enjalo.”