Eyokuqala YaMakhosi 10:1-29
10 Indlovukazi yaseSheba yezwa umbiko ngoSolomoni ngokuphathelene negama likaJehova, + ngakho yafika izomvivinya ngemibuzo enzima. *+
2 Yafika eJerusalema nodwendwe olubabazekayo, *+ namakamela athwele amafutha ebhalsamu + negolide eliningi kakhulu namatshe ayigugu. Yaya kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okwakusenhliziyweni yayo.
3 USolomoni wayiphendula yonke imibuzo yayo. Ayikho into okwakunzima kakhulu* ngenkosi ukuba iyichazele yona.
4 Lapho indlovukazi yaseSheba isikubone konke ukuhlakanipha kukaSolomoni, + indlu ayeyakhile, +
5 ukudla kwetafula lakhe, + indlela izinceku zakhe ezihlala ngayo, umsebenzi woweta nendlela abagqoka ngayo, izinceku zakhe eziletha iziphuzo nemihlatshelo yakhe eshiswayo ayeyinikela njalo endlini kaJehova, yasala ibambe ongezansi.*
6 Ngakho yathi enkosini: “Uyiqiniso umbiko engawuzwa ngisezweni lami ngokuphathelene nezinto ozenzile* nokuhlakanipha kwakho.
7 Kodwa angizange ngiyikholwe imibiko engayizwa kwaze kwaba yilapho sengifikile ngazibonela ngawami. Bheka! Kuncane kakhulu ebengikuzwile. Ngokuhlakanipha nangokuchuma uwudlula kude kakhulu umbiko engiwuzwile.
8 Bayajabula abantu bakho, ziyajabula nezinceku zakho ezima phambi kwakho njalo, zilalele ukuhlakanipha kwakho! +
9 Makadunyiswe uJehova uNkulunkulu wakho, + ojabulile ngawe, wakubeka esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli. Ngenxa yothando lukaJehova olungapheli ngo-Israyeli, ukumise waba inkosi ukuze wenze ubulungisa nokulunga.”
10 Yabe isinika inkosi amathalenta* egolide angu-120 namafutha ebhalsamu amaningi kakhulu + namatshe ayigugu. + Akuphindanga kwalethwa amafutha ebhalsamu amaningi njengalawo indlovukazi yaseSheba eyawanika iNkosi uSolomoni.
11 Uxhaxha lwemikhumbi kaHiramu eyayithwala igolide lase-Ofiri + lwaletha nezingodo zom-aligamu wase-Ofiri + eziningi kakhulu namatshe ayigugu. +
12 Inkosi yenza izinsika zendlu kaJehova nezendlu* yenkosi ngezingodo zom-aligamu kanye namahabhu nezinsimbi zomculo ezinezintambo zabahlabeleli. + Izingodo zom-aligamu ezinjengalezo aziphindanga zaba khona noma zabonwa kuze kube namuhla.
13 INkosi uSolomoni yabuye yanika indlovukazi yaseSheba konke eyayikufisa neyayikucelile, kungabalwa lokho inkosi eyayiyinike kona ngenxa yesandla sayo esivulekile.* Ngemva kwalokho yaphindela ezweni layo kanye nezinceku zayo. +
14 Igolide elaliza kuSolomoni ngonyaka lalingamathalenta egolide angu-666, +
15 ngaphandle kwalelo elalivela kubathengisi nenzuzo evela kubahwebi nakuwo wonke amakhosi ama-Arabhu nababusi bezwe.
16 INkosi uSolomoni yenza amahawu amakhulu angu-200 egolide elixutshiwe + (ihawu ngalinye lalinegolide elingamashekeli* angu-600) +
17 namahawu amancane* angu-300 egolide elixutshiwe (ihawu ngalinye lalinegolide elingomina* abathathu). Inkosi yakubeka eNdlini Yehlathi LaseLebhanoni. +
18 Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezinyo lendlovu + yasinameka ngegolide elicwengekile. +
19 Kwakunezitebhisi eziyisithupha eziya esihlalweni sobukhosi, isihlalo sobukhosi sasinompheme oyindilinga ngaphezulu, kukhona nendawo yokubeka izingalo ngapha nangapha kwesihlalo, eceleni kwalezi zindawo zokubeka izingalo kumi amabhubesi amabili. +
20 Kwakukhona amabhubesi angu-12 ayemi ezitebhisini eziyisithupha, ngalinye limi ekugcineni kwesitebhisi ngasinye. Awukho omunye umbuso owake wenza into efana naleyo.
21 Zonke izitsha zokuphuza zeNkosi uSolomoni zazenziwe ngegolide, nazo zonke izinto zeNdlu Yehlathi LaseLebhanoni + zazenziwe ngegolide elihlanzekile. Kwakungekho lutho olwenziwe ngesiliva, ngoba isiliva lalibhekwa njengento engelutho ezinsukwini zikaSolomoni. +
22 Ngoba inkosi yayinoxhaxha lwemikhumbi yaseTharishishi + eyayisolwandle kanye noxhaxha lwemikhumbi kaHiramu. Kanye njalo ngemva kweminyaka emithathu kwakufika uxhaxha lwemikhumbi yaseTharishishi luthwele igolide nesiliva, izinyo lendlovu, + izinkawu namapigogo.
23 Ngakho iNkosi uSolomoni yayinkulu ngengcebo + nangokuhlakanipha + kunawo wonke amanye amakhosi omhlaba.
24 Abantu bomhlaba wonke babefuna ukulalela uSolomoni* ukuze bezwe ukuhlakanipha uNkulunkulu ayekufake enhliziyweni yakhe. +
25 Ngamunye wayeletha isipho—izinto zesiliva, izinto zegolide, izingubo, izembatho zempi, amafutha ebhalsamu, amahhashi neminyuzi—lokhu kwakwenzeka unyaka nonyaka.
26 USolomoni wayelokhu eqongelela izinqola namahhashi;* wayenezinqola ezingu-1 400 namahhashi* angu-12 000, + wakugcina kumi emadolobheni ezinqola naseduze kwenkosi eJerusalema. +
27 Inkosi yenza isiliva laba liningi njengamatshe eJerusalema, nokhuni lomsedari yalwenza lwaba luningi njengezihlahla zemisikhamori eShefela. +
28 Amahhashi kaSolomoni ayethunyelwa evela eGibhithe, abathengisi benkosi babethenga umhlambi wamahhashi* ngenani elibekiwe. +
29 Inqola ngayinye eyayithengwa eGibhithe yayibiza izinhlamvu zesiliva ezingu-600, ihhashi libiza ezingu-150; uma sebewathengile, babewadayisela wonke amakhosi amaHeti + namakhosi aseSiriya.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngeziphicaphicwano.”
^ Noma, “nezikhonzi zayo eziningi.”
^ NgesiHebheru, “Kwakungekho lutho olufihlekile.”
^ NgesiHebheru, “wawungasekho umoya kuyo.”
^ Noma, “namazwi.”
^ Ithalenta lalilingana no-34,2 kg. Bheka iSithasiselo B14.
^ Noma, “nezesigodlo.”
^ NgesiHebheru, “ngokwesandla seNkosi uSolomoni.”
^ Ishekeli lalilingana no-11,4 g. Bheka iSithasiselo B14.
^ Ihawu elincane elalivame ukuphathwa amasosha aphatha imicibisholo.
^ EmiBhalweni YesiHebheru, umina wawulingana no-570 g. Bheka iSithasiselo B14.
^ NgesiHebheru, “babefuna ubuso bukaSolomoni.”
^ Noma, “nabagibeli bamahhashi.”
^ Noma, “nabagibeli bamahhashi.”
^ Noma kungaba, “ayethengwe eGibhithe naseKuwe; abahwebi benkosi babewathenga eKuwe,” cishe kubhekiselwa eKhilikhiya.