Eyokuqala YeziKronike 10:1-14
-
Ukufa kukaSawule namadodana akhe (1-14)
10 AmaFilisti ayelwa no-Israyeli. Amadoda akwa-Israyeli awabalekela amaFilisti, amaningi abulawa eNtabeni iGilibowa. +
2 AmaFilisti amhlala ezithendeni uSawule namadodana akhe, abulala uJonathani, u-Abhinadaba noMaliki-shuwa, + amadodana kaSawule.
3 Impi yaba nzima kuSawule, abacibisheli bamthola futhi bamlimaza. +
4 Ngemva kwalokho uSawule wathi esikhonzini esiphatha izikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho ungigwaze ngayo, ukuze laba bantu abangasokile bangezi bangiphathe ngesihluku.” *+ Kodwa isikhonzi esiphatha izikhali zakhe asivumanga, ngoba sasesaba kakhulu. Ngakho uSawule wathatha inkemba wawela phezu kwayo. +
5 Lapho isikhonzi esiphatha izikhali zakhe sibona ukuthi uSawule usefile, naso sawela phezu kwenkemba yaso safa.
6 Ngakho uSawule namadodana akhe amathathu bafa, bonke abendlu yakhe ababenaye bafa ngesikhathi esisodwa. +
7 Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababesesigodini* bebona ukuthi wonke umuntu ubalekile nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya amadolobha abo babaleka; ngemva kwalokho kwafika amaFilisti ahlala kuwo.
8 Ngakusasa, lapho amaFilisti eza ezohlubula ababulewe, athola uSawule namadodana akhe bedindilizile eNtabeni iGilibowa. +
9 Ngakho amhlubula, ashumpula ikhanda lakhe athatha nezembatho zakhe zempi, athumela umyalezo kulo lonke izwe lamaFilisti ukuze lezi zindaba azimemezele ezithixweni zawo + nakubantu.
10 Ngemva kwalokho abeka izembatho zakhe zempi endlini* kankulunkulu wawo, abethela ugebhezi lwakhe endlini kaDagoni. +
11 Lapho bonke ababeseJabeshi + eGileyadi bezwa konke lokho amaFilisti ayekwenze kuSawule, +
12 wonke amaqhawe asuka athwala isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe. Aziletha eJabeshi angcwaba amathambo abo ngaphansi kwesihlahla esikhulu eJabeshi, + azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.
13 Ngakho uSawule wafa ngenxa yokungathembeki kwakhe kuJehova ngoba akazange alilalele izwi likaJehova, + nangenxa yokuthi wabuza kosebenzelana nemimoya +
14 esikhundleni sokubuza uJehova. Ngenxa yalokho uNkulunkulu wambulala, ubukhosi wabudlulisela kuDavide indodana kaJese. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “bangihlukumeze.”
^ Noma, “ababesethafeni eliphansi.”
^ Noma, “ethempelini.”