Eyokuqala YeziKronike 14:1-17
14 UHiramu inkosi + yaseThire wathumela izithunywa kuDavide, amapulangwe omsedari, abasebenza ngetshe* nababazi ukuze bayomakhela indlu. *+
2 UDavide wayazi ukuthi uJehova wayemmise ngokuqinile njengenkosi phezu kuka-Israyeli, + ngoba ubukhosi bakhe babuphakanyiswe kakhulu ngenxa yabantu baKhe u-Israyeli. +
3 UDavide wathatha abanye abafazi + eJerusalema, wazala amanye amadodana namadodakazi. +
4 Yilawa amagama abantwana azalelwa bona eJerusalema: + UShamuwa, uShobabi, uNathani, + uSolomoni, +
5 u-Ibhari, u-Elishuwa, u-Elipheleti,
6 uNoga, uNefegi, uJafiya,
7 u-Elishama, uBeyeliyada no-Elifeleti.
8 Lapho amaFilisti ezwa ukuthi uDavide ugcotshwe waba inkosi phezu kwawo wonke u-Israyeli, + wonke amaFilisti akhuphuka ezofuna uDavide. + Lapho uDavide ezwa ngakho, waphuma wayokulwa nawo.
9 AmaFilisti afika alokhu etheleka eSigodini* SamaRefa. +
10 UDavide wabuza uNkulunkulu, wathi: “Ngikhuphuke yini ngiyokulwa namaFilisti? Uzowanikela yini esandleni sami?” UJehova wathi kuye: “Khuphuka, nakanjani ngizowanikela esandleni sakho.” +
11 Ngakho uDavide wakhuphukela eBhali-pherazimi, + wafike wawabulala lapho. Ngenxa yalokho uDavide wathi: “UNkulunkulu weqiniso uhambe phambi kwami njengezikhukhula zamanzi wafike wazibhubhisa izitha zami.” Yingakho baqamba leyo ndawo ngokuthi iBhali-pherazimi.*
12 AmaFilisti abashiya lapho onkulunkulu bawo, futhi lapho uDavide ekhipha umyalo, bashiswa ngomlilo. +
13 Kamuva amaFilisti aphinda atheleka esigodini. *+
14 UDavide waphinda wabuza uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu weqiniso wathi kuye: “Ungakhuphuki uqonde kuwo. Kunalokho, zungeza uye ngemva kwawo, uwaqhamukele phambi kwezihlahla zamabhakha. +
15 Lapho uzwa umsindo wokumasha phezu kwezihlahla zamabhakha, hlasela ngoba uNkulunkulu weqiniso uyobe ephume ngaphambi kwakho ukuze anqobe ibutho lamaFilisti.” +
16 Ngakho uDavide wenza njengoba nje uNkulunkulu weqiniso ayemyalile, + futhi balibulala ibutho lamaFilisti kusukela eGibheyoni kuya eGezeri. +
17 Udumo lukaDavide lwasakazekela kuwo wonke amazwe, uJehova wamenza wesatshwa yizo zonke izizwe. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “abakha izindonga.”
^ Noma, “isigodlo.”
^ Noma, “eThafeni Eliphansi.”
^ Incazelo: “Umpetha Wokufohla.”
^ Noma, “ethafeni eliphansi.”