Eyokuqala YeziKronike 20:1-8
20 Ekuqaleni konyaka,* ngesikhathi amakhosi aya ngaso emikhankasweni yempi, uJowabe + wahola amabutho alwayo, waqothula izwe lama-Amoni; weza wavimbezela iRaba, + ngesikhathi uDavide ehleli eJerusalema. + UJowabe wahlasela iRaba walibhidliza. +
2 Ngemva kwalokho uDavide wathatha umqhele kaMalikamu owawusekhanda lakhe, wathola ukuthi isisindo sawo siyithalenta* legolide futhi kuwo kwakukhona amatshe ayigugu; lo mqhele wabekwa ekhanda likaDavide. Wathatha nempahla eningi kulelo dolobha. +
3 Wakhipha abantu ababekulo, wabanika umsebenzi + wokusika amatshe nowokusebenza ngamathuluzi abukhali ensimbi nangezimbazo. Yilokho uDavide akwenza kuwo wonke amadolobha ama-Amoni. Ekugcineni uDavide nawo wonke amasosha babuyela eJerusalema.
4 Ngemva kwalokho kwaba nempi eGezeri kulwa ama-Israyeli namaFilisti. Ngaleso sikhathi uSibhekayi + umHusha wabulala uSiphayi owayezalwa amaRefa, + amaFilisti anqotshwa.
5 Kwaphinde kwaba nempi namaFilisti, u-Elihanani indodana kaJayire wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati + umGiti, owayenomkhonto onomphini onjengogodo lohlaka lokweluka indwangu. +
6 Kwaphinde kwaba nenye impi eGati, + lapho kwakunendoda ende ngendlela engavamile, + eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye nezinzwane eziyisithupha onyaweni ngalunye, sekukonke kungu-24; nayo futhi yayizalwa amaRefa. +
7 Yayilokhu ichukuluza + u-Israyeli. Ngenxa yalokho uJonathani indodana kaShimeya, + umfowabo kaDavide, wayibulala.
8 Laba babezalwa amaRefa + eGati, + uDavide nezinceku zakhe bababulala.
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, entwasahlobo.
^ Cishe ithalenta lalingu-34,2 kg. Bheka iSithasiselo B14.