Eyokuqala YeziKronike 24:1-31
24 Nazi izigaba zenzalo ka-Aroni: Amadodana ka-Aroni kwakunguNadabi, u-Abhihu, + u-Eleyazare no-Itamari. +
2 Nokho, uNadabi no-Abhihu bafa ngaphambi kukayise + futhi babengenawo amadodana; kodwa u-Eleyazare + no-Itamari baqhubeka bengabapristi.
3 UDavide, kanye noZadoki + emadodaneni ka-Eleyazare no-Ahimeleki emadodaneni ka-Itamari, bawahlukanisa ngezigaba bewahlukanisela izikhundla zenkonzo yawo.
4 Njengoba amadodana ka-Eleyazare ayenamadoda ayizinhloko amaningi kunamadodana ka-Itamari, bawahlukanisa ngendlela efanele: Amadodana ka-Eleyazare ayenezinhloko zemindeni yoyise ezingu-16, amadodana ka-Itamari wona enezinhloko zemindeni yoyise ezingu-8.
5 Ngaphezu kwalokho, bawahlukanisa ngenkatho, + kwaba iqembu nelinye iqembu, ngoba kwakunezinduna zendawo engcwele nezinduna zikaNkulunkulu weqiniso ezivela emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.
6 UShemaya indodana kaNethaneli unobhala wamaLevi wabe esebhala amagama awo phambi kwenkosi, izikhulu, uZadoki umpristi, + u-Ahimeleki + indodana ka-Abhiyathara + nezinhloko zemindeni yoyise yabapristi neyamaLevi, u-Eleyazare wakhethelwa umndeni owodwa woyise no-Itamari wakhethelwa owodwa.
7 Inkatho yokuqala yaya kuJehoyaribi; eyesibili kuJedaya,
8 eyesithathu kuHarimi, eyesine kuSeyorimi,
9 eyesihlanu kuMalikhiya, eyesithupha kuMijamini,
10 eyesikhombisa kuHakozi, eka-8 ku-Abhiya, +
11 eka-9 kuJeshuwa, eyeshumi kuShekaniya,
12 eka-11 ku-Eliyashibi, eka-12 kuJakimi,
13 eka-13 kuHupha, eka-14 kuJeshebheyabhu,
14 eka-15 kuBhiliga, eka-16 ku-Imeri,
15 eka-17 kuHeziri, eka-18 kuHaphizezi,
16 eka-19 kuPhethahiya, eka-20 kuJehezikeli,
17 eka-21 kuJakini, eka-22 kuGamuli,
18 eka-23 kuDelaya, eka-24 kuMahaziya.
19 Lezi kwakuyizikhundla zenkonzo yawo, + lapho ayengena khona endlini kaJehova ngokwenqubo eyamiswa ukhokho wawo u-Aroni, njengoba nje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ayemyalile.
20 KumaLevi ayesele: emadodaneni ka-Amramu + kwakukhona uShubayeli; + emadodaneni kaShubayeli kukhona uJehideya;
21 kuRehabhiya: + emadodaneni kaRehabhiya kukhona u-Ishiyahu inhloko;
22 kuma-Izihari, uShelomoti; + emadodaneni kaShelomoti kukhona uJahati;
23 emadodaneni kaHebroni kukhona uJeriya + inhloko, u-Amariya owesibili, uJahaziyeli owesithathu, uJekameyamu owesine;
24 emadodaneni ka-Uziyeli kukhona uMika; emadodaneni kaMika kukhona uShamiri.
25 Umfowabo kaMika kwakungu-Ishiyahu; emadodaneni ka-Ishiyahu kukhona uZakariya.
26 Amadodana kaMerari + kwakunguMaheli noMushi; emadodaneni kaJahaziya kukhona uBheno.
27 Enzalweni kaMerari: uJahaziya wayenoBheno, uShohamu, uZakuri no-Ibhiri.
28 KuMaheli kukhona u-Eleyazare, owayengenawo amadodana; +
29 kuKishi: emadodaneni kaKishi kukhona uJeramiyeli;
30 amadodana kaMushi kwakunguMaheli, u-Edere noJerimoti.
Lawa kwakungamadodana kaLevi ngokwemindeni yoyise.
31 Nawo enza inkatho + njengoba nje kwenza abafowabo amadodana ka-Aroni phambi kweNkosi uDavide, uZadoki, u-Ahimeleki nezinhloko zemindeni yoyise yabapristi neyamaLevi. Ngokuqondene nemindeni yoyise, oyinhloko wayefana nomfowabo omncane.