Eyesibili YeziKronike 8:1-18

  • Eminye imisebenzi yokwakha kaSolomoni (1-11)

  • Kuhlelwa ukukhulekela kwasethempelini (12-16)

  • Imikhumbi kaSolomoni (17, 18)

8  USolomoni wakha indlu kaJehova nendlu* yakhe + ngeminyaka engu-20.  Ngemva kwalokho uSolomoni wawakha kabusha amadolobha uHiramu + ayemnike wona, wabe esehlalisa ama-Israyeli* kuwo.  Ngaphezu kwalokho, uSolomoni waya eHamati-zoba walithumba.  Ngemva kwalokho wakha* iTadimori ehlane nawo wonke amadolobha okugcina izinto + awakha eHamati. +  Wakha neBheti-horoni Elingenhla + neBheti-horoni Elisezansi, + amadolobha anezivikelo eziqinile anezindonga, amasango nemigoqo,  neBhahalati + kanye nawo wonke amadolobha kaSolomoni okugcina izinto, wonke amadolobha ezinqola, + amadolobha abagibeli bamahhashi nanoma yini uSolomoni ayefisa ukuyakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayelibusa.  Bonke abantu ababesele kumaHeti, kuma-Amori, kumaPherizi, kumaHivi nakumaJebusi, + ababengeyona ingxenye ka-Israyeli, +  inzalo yabo eyayisele ezweni—labo ama-Israyeli angazange abaqothule +—uSolomoni wabayala ukuba bamenzele umsebenzi oyimpoqo kuze kube namuhla. +  Kodwa abekho kuma-Israyeli uSolomoni abenza izigqila zomsebenzi wakhe, + ngoba babengamaqhawe akhe, izinduna zezikhulu zempi, izinduna zabashayeli bezinqola zakhe nezabagibeli bakhe bamahhashi. + 10  Kwakunezinhloko zezinduna ezingu-250 zeNkosi uSolomoni, ziphethe abantu. + 11  USolomoni waletha nendodakazi kaFaro + eyisusa eDolobheni LikaDavide eyiletha endlini ayeyakhele yona, + ngoba wathi: “Nakuba engumkami, akufanele ahlale endlini kaDavide inkosi yakwa-Israyeli, ngoba izindawo uMphongolo kaJehova osufike kuzo zingcwele.” + 12  USolomoni wabe esenikela imihlatshelo eshiswayo + eya kuJehova e-altare + likaJehova ayelakhe phambi kompheme. + 13  Walandela inqubo yansuku zonke wenza iminikelo ngokomyalo kaMose wamaSabatha, + wokwethwasa kwezinyanga + nowemikhosi emisiwe eyayenziwa kathathu ngonyaka +—uMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, + uMkhosi Wamasonto + noMkhosi Wamadokodo. *+ 14  Ngaphezu kwalokho, wamisa izigaba zabapristi + phezu kwezinkonzo zazo ngokomthetho kaDavide uyise, namaLevi ezindaweni asebenza kuzo, ukuba adumise + futhi akhonze phambi kwabapristi ngokwenqubo yansuku zonke, nabalindisango ngezigaba zabo zamasango ahlukahlukene, + ngoba lo kwakungumyalo kaDavide umuntu kaNkulunkulu weqiniso. 15  Abazange baphambuke emyalweni wenkosi kubapristi namaLevi ngokuqondene nanoma yiluphi udaba noma ngokuqondene nezinqolobane. 16  Ngakho wonke umsebenzi kaSolomoni wawuhlelwe kahle,* kusukela ngosuku okwabekwa ngalo isisekelo sendlu kaJehova + yaze yaphela. Ngakho indlu kaJehova yaphela. + 17  USolomoni waya ngaleso sikhathi e-Eziyoni-gebheri + nase-Eloti + ogwini lolwandle ezweni lakwa-Edomi. + 18  UHiramu + wamthumelela imikhumbi namatilosi angomakadebona ngezinceku zakhe. Baya e-Ofiri + nezinceku zikaSolomoni bathatha igolide elingamathalenta* angu-450 + baliletha eNkosini uSolomoni. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “nesigodlo.”
NgesiHebheru, “amadodana akwa-Israyeli.”
Noma, “wakha kabusha.”
Noma, “Wezindlwana Zesikhashana.”
Noma, “waqedwa.”
Ithalenta lalilingana no-34,2 kg. Bheka iSithasiselo B14.