AbaHluleli 5:1-31
5 Ngalolo suku uDebora + kanye noBharaki + indodana ka-Abhinowamu bahlabelela le ngoma: +
2 “Ngenxa yezinwele ezingaboshiwe* kwa-Israyeli,Ngenxa yokuzinikela kwabantu ngokuzithandela, +Dumisani uJehova!
3 Lalelani, nina makhosi! Bekani indlebe, nina babusi!
Ngizomhlabelelela uJehova.
Ngizomhubela izindumiso* uJehova, + uNkulunkulu ka-Israyeli. +
4 Jehova, lapho uphuma eSeyiri, +Lapho uphuma endaweni yakwa-Edomi,Umhlaba wazamazama, namazulu ehlisa imvula,Amafu ehlisa amanzi.
5 Izintaba zancibilika* phambi kobuso bukaJehova, +Ngisho neSinayi phambi kobuso bukaJehova, + uNkulunkulu ka-Israyeli. +
6 Ezinsukwini zikaShamgari + indodana ka-Anati,Ezinsukwini zikaJayeli, + imigwaqo emikhulu yayingasetshenziswa;Abahambayo babehamba ngezindlela ezincane.
7 Abahlala emaphandleni kwa-Israyeli babengasekho;*Babengasekho kwaze kwaba yilapho mina Debora, + ngisukuma,Kwaze kwaba yilapho ngisukuma njengomama kwa-Israyeli. +
8 Bakhetha onkulunkulu abasha; +Kwase kuba nempi emasangweni. +
Ihawu lalingabonwa, ngisho nomkhonto imbala,Phakathi kwabangu-40 000 kwa-Israyeli.
9 Inhliziyo yami ikanye nabakhuzi bebutho lakwa-Israyeli, +Abahamba nabantu ngokuzithandela. +
Dumisani uJehova!
10 Nina bagibeli bezimbongolo ezimpofu,Nina enihlala kokhaphethi abahle,Nani enihamba emgwaqweni,Cabangani ngalokhu!
11 Amazwi alabo abakhelela imfuyo amanzi ezwakala ezindaweni okukhiwa kuzo amanzi;Babexoxa lapho ngezenzo ezilungile zikaJehova,Izenzo ezilungile zabantu abahlala emaphandleni akwa-Israyeli.
Khona-ke abantu bakaJehova behlela emasangweni.
12 Vuka, vuka, Debora! +
Vuka, vuka, hlabelela ingoma! +
Sukuma, Bharaki! + Hola izithunjwa zakho uhambe nazo, wena ndodana ka-Abhinowamu!
13 Labo ababesindile behla beza ezikhulwini;Abantu bakaJehova behlela kimi bezokulwa nabanamandla.
14 Babedabuka kwa-Efrayimi, labo abasesigodini;*Bayakulandela, Bhenjamini, phakathi kwabantu bakini.
Abakhuzi bebutho behla bevela kwaMakiri, +NakwaZebhuloni kweza labo ababeqoqa abaya empini.*
15 Izikhulu zakwa-Isakare zazikanye noDebora,Njengoba ayenjalo u-Isakare, wayenjalo noBharaki. +
Wathunywa ethafeni elisesigodini ehamba ngezinyawo. +
Izinhliziyo zazihlolisiswa phakathi kwesizwe sakwaRubeni.
16 Wawuhlaleleni phakathi kwezikhwama ezimbili zesihlalo sehhashi,Ubalalele bedlalela imihlambi yabo imitshingo? +
Izinhliziyo zazihlolisiswa phakathi kwesizwe sakwaRubeni.
17 UGileyadi waqhubeka engaphesheya kweJordani; +UDani yena, kungani ayehleli emikhunjini? +
U-Asheri wazihlalela nje ogwini lolwandle,Waqhubeka ehlezi emathekwini akhe. *+
18 UZebhuloni wayeyisizwe esibeka ukuphila kwaso engozini;*NoNafetali, + emagqumeni. +
19 Amakhosi afika, alwa;Amakhosi aseKhanani alwa +EThahanaki, ngasemachibini aseMegido. +
Awathathanga mpango yesiliva. +
20 Izinkanyezi zalwa zisezulwini;Zalwa noSisera zisemizileni yazo.
21 Umfudlana* waseKishoni wabakhukhula, +Umfudlana* wasendulo, umfudlana* waseKishoni.
Wanyathela abanamandla, mphefumulo* wami.
22 Izinselo zamahhashi zagabavulaNjengoba izinkunzi zakhe zamahhashi zigabavula ngamandla. +
23 ‘Liqalekiseni iMerozi,’ kusho ingelosi kaJehova,‘Baqalekiseni impela abahlala kulo,Ngoba abazange bamsize uJehova,Abazange bamsize uJehova kanye nabanamandla.’
24 Ubusiswe ukubedlula bonke abesifazane uJayeli +UmkaHebhere + umKheni;Ubusiswe ukubedlula bonke abesifazane abahlala ematendeni.
25 Wacela amanzi; wamnika ubisi.
Ngesitsha esikhulu sedili waletha amasi. *+
26 Welula isandla sakhe wathatha isikhonkwane setende,Ngesandla sakhe sokudla wathatha isando sokhuni.
Wambethela uSisera, wamphihliza ikhanda,Wazifahlaza, waziqhekeza izinhlafuno zakhe. +
27 Wawela phakathi kwezinyawo zakhe; wafumbeka phansi, wadindiliza;Wawela phakathi kwezinyawo zakhe, wafumbeka phansi;Lapho awela khona, wafela khona.
28 Owesifazane walunguza efasiteleni,Unina kaSisera walunguza efasiteleni,‘Kungani inqola yakhe ingakabuyi namanje?
Kungani ngingakawuzwa umsindo wezinqola zamahhashi akhe?’ +
29 Abahlakaniphile emakhosazaneni akhe babemphendula;Yebo, naye wayesho ethi,
30 ‘Kumelwe ukuba bahlukanisa impango abayitholile,Intombazane,* amantombazane* amabili, kulelo nalelo qhawe,Impango yengubo edayiwe kaSisera, impango yengubo edayiwe,Ingubo ehlotshisiwe, ingubo edayiwe, izingubo ezimbili ezihlotshisiweZezintamo zabaphanga impango.’
31 Mazishabalale kanjalo zonke izitha zakho, + Jehova,Kodwa abakuthandayo mababe njengelanga liphuma ngokukhazimula kwalo.”
Izwe laba nokuthula* iminyaka engu-40. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Ngenxa yamabutho anezinwele ezingaboshiwe.”
^ Noma, “Ngizomculela.”
^ Noma kungaba, “zazamazama.”
^ Noma, “baphela.”
^ Noma, “abasethafeni.”
^ Noma kungaba, “labo ababephatha amathuluzi kanobhala.”
^ Noma, “ezikhumulweni zakhe zemikhumbi.”
^ Noma, “esidelela umphefumulo waso.”
^ Noma, “umfula.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “umfula.”
^ Noma, “umfula.”
^ Noma, “ukhrimu.”
^ NgesiHebheru, “isibeletho.”
^ NgesiHebheru, “izibeletho.”
^ Noma, “laphumula.”