AmaHubo 12:1-8
-
UJehova uyasukuma ukuze athathe isinyathelo
-
Amazwi kaJehova ahlanzekile (6)
-
Kumqondisi; ngenothi leSheminiti.* Ihubo likaDavide.
12 O Jehova, ngisindise, ngoba akusekho muntu oqotho;Abantu abathembekile sebeshabalele.
2 Abantu bayakhohlisana;Balalisa ulimi* bekhuluma ngenhliziyo ekhohlisayo. *+
3 UJehova uyozinquma zonke izindebe ezikhohlisayoNolimi oluqhoshayo, +
4 Labo abathi: “Sizonqoba ngolimi lwethu.
Sikhuluma esikuthandayo ngezindebe zethu;Ubani ozoba yinkosi yethu?” +
5 “Ngenxa yokuthi abahluphekile bayacindezelwa,Ngenxa yokububula kwabampofu, +Ngizothatha isinyathelo,” kusho uJehova.
“Ngizobakhulula kulabo abababukela phansi.”*
6 Amazwi kaJehova ahlanzekile; +Anjengesiliva elicwengwe esithandweni esisemhlabathini,* elihlanzwe kasikhombisa.
7 O Jehova, wena uyobaqapha; +Uyovikela ngamunye kubo, kusukela kulesi sizukulwane kuze kube phakade.
8 Ababi bahamba ngokukhululekaNgoba abantwana babantu bavumela inkohlakalo. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “Bakhuluma ngodebe olubushelelezi.”
^ NgesiHebheru, “ngenhliziyo embaxa-mbili.”
^ Noma, “abazikhukhumezayo.”
^ Noma kungaba, “esithandweni sokuncibilikisa esisemhlabathini.”