AmaHubo 55:1-23
Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Imaskili* likaDavide.
55 O Nkulunkulu, lalela umthandazo wami, +Ungasizibi isicelo sami sokuboniswa isihe. *+
2 Ngilalele ungiphendule. +
Ukukhathazeka kwami kungenza ngingahlaliseki, +Ngicindezelekile
3 Ngenxa yalokho okushiwo yisitha Nangenxa yokucindezelwa omubi.
Ngoba balokhu bengibangela izinkinga, Ngentukuthelo bangibambela amagqubu. +
4 Inhliziyo yami ibuhlungu, +Ngiyesaba ukuthi ngingase ngife. +
5 Ngifikelwa ukwesaba nokuthuthumela,Ngiyaqhaqhazela.
6 Ngilokhu ngithi: “Ukube nje benginamaphiko njengejuba!
Bengiyondiza ngiyohlala endaweni ephephile.
7 Bengiyobaleka ngiye kude. +
Bengiyohlala ehlane. + (Sela)
8 Bengiyoshesha ngiye endaweni yokukhoselaKude nomoya onamandla, kude nesiphepho.”
9 O Jehova, baphithanise ubhuntshise amacebo abo, *+Ngoba ngibone udlame nezingxabano edolobheni.
10 Imini nobusuku bayalizungeza behamba phezu kwezindonga zalo;Ngaphakathi kulo kukhona ukulimaza nezinkathazo. +
11 Ngaphakathi kulo kukhona ukucekela phansi;Ukucindezela nokukhohlisa akulokothi kusuke esigcawini salo. +
12 Ngoba akusona isitha esingiklolodelayo; +Ukube bekunjalo bengiyosibekezelela.
Akusona isitha esingivukele;Ukube bekunjalo bengiyosicashela.
13 Kodwa nguwe, muntu ofana nami, *+Mngane wami engimazi kahle. +
14 Sasingabangane abakhulu;Sasivame ukuhamba nesixuku siye endlini kaNkulunkulu.
15 Kwangathi izitha zami zingabhujiswa! +
Mazehlele eThuneni* ziphila;Ngoba kukhona ububi ezindaweni ezihlala kuzo nasezinhliziyweni zazo.
16 Kepha mina, ngiyombiza uNkulunkulu,UJehova uyongisindisa. +
17 Kusihlwa nasekuseni nasemini ngikhathazekile futhi ngiyabubula, +Uyalizwa izwi lami. +
18 Uyonginika ukuthula angikhulule kulabo abalwa nami,Ngoba baningi abangihlaselayo. +
19 UNkulunkulu uyozwa abaphendule, +Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi kusukela kudala. + (Sela)
Bayokwenqaba ukuphenduka,Labo abangamesabi uNkulunkulu. +
20 Umngane wami* uhlasele abangane bakhe; +Usiphulile isivumelwano sakhe. +
21 Amazwi akhe abushelelezi kunebhotela, +Kodwa inhliziyo yakhe ithanda izingxabano.
Amazwi akhe amnandi,*Kodwa anjengezinkemba ezibukhali. +
22 Phonsa umthwalo wakho kuJehova, +Yena uyokusekela. +
Akasoze avumele olungile awe. *+
23 Kodwa wena Nkulunkulu, uyobehlisela emgodini ojulile. +
Labo abanecala legazi nabakhohlisayo bayosheshe bafe. +
Kepha mina, ngizothembela kuwe.
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Ungazifihli lapho ngithandaza ngicela usizo.”
^ NgesiHebheru, “uhlukanise ulimi lwabo.”
^ Noma, “ntanga yami.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Okuwukuthi, lowo owayengumngane wakhe okukhulunywe ngaye evesini 13 no-14.
^ NgesiHebheru, “athambe ukwedlula amafutha.”
^ Noma, “antengantenge; anyakaziswe.”