AmaHubo 68:1-35
Kumqondisi. Ihubo likaDavide. Ingoma.
68 UNkulunkulu makavuke, izitha zakhe mazihlakazeke,Labo abamzondayo mabambalekele. +
2 Kwangathi ungabaphephula njengalapho umoya uphephula intuthu;Njengekhekheba lezinyosi* lincibilikiswa umlilo,Ababi mabashabalale kanjalo phambi kukaNkulunkulu. +
3 Kodwa abalungile mabajabule; +Kwangathi bangathokoza phambi kukaNkulunkulu;Kwangathi bangahalalisa ngenjabulo.
4 Hubelani uNkulunkulu; nidumise* igama lakhe. +
Mhlabeleleni Lowo odabula amathafa awugwadule.*
NguJah* igama lakhe! + Jabulani phambi kwakhe!
5 UNkulunkulu unguyise wentandane nomvikeli* wabafelokazi +Esendaweni yakhe yokuhlala engcwele. +
6 UNkulunkulu unika abangenabani ikhaya; +Ukhulula iziboshwa azenze ziphumelele. +
Kodwa abanenkani* kumelwe bahlale ezweni elomile. +
7 O Nkulunkulu, lapho uhola abantu bakho, *+Lapho unqamula ogwadule, (Sela)
8 Umhlaba wazamazama; +Imvula yana ivela ezulwini* ngenxa kaNkulunkulu;Leli Sinayi lazamazama ngenxa kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli. +
9 O Nkulunkulu, wanisa imvula enkulu;Wavuselela amandla abantu bakho ababekhathele.
10 Babehlala ematendeni akho; +O Nkulunkulu, ngobuhle bakho wabondla ababeswele.
11 UJehova ukhipha umyalo;Abesifazane abamemezela izindaba ezinhle bayibutho elikhulu. +
12 Amakhosi namabutho ayabaleka, + ayabaleka!
Owesifazane ozihlalele ekhaya, uthola ingxenye yempango. +
13 Nakuba nina madoda nanilele nizungezwe umlilo ekamu,*Kuyoba khona amaphiko ejuba ambozwe ngesiliva,Anezimpaphe zegolide elihle.*
14 Lapho uMninimandla Onke ehlakaza amakhosi alelo zwe, *+Lakhithika eZalimoni.*
15 Intaba yaseBhashani + iyintaba kaNkulunkulu;*Intaba yaseBhashani iyintaba eneziqongo.
16 O nina zintaba ezineziqongo, kungani niyidlela umonaIntaba uNkulunkulu akhethe* ukuhlala kuyo? +
UJehova uyohlala kuyo kuze kube phakade. +
17 Izinqola zempi zikaNkulunkulu zingamashumi ezinkulungwane, izinkulungwane ngezinkulungwane. +
UJehova ungene endaweni engcwele esuka eSinayi. +
18 Wena wenyukele phezulu; +Uthumbe izithunjwa;Uthathe izipho ezingabantu, +Ngisho nabanenkani, + ukuba uhlale phakathi kwabo, O Jah Nkulunkulu.
19 Makadunyiswe uJehova, osithwalela umthwalo nsuku zonke, +UNkulunkulu weqiniso osisindisayo. (Sela)
20 UNkulunkulu weqiniso unguNkulunkulu osisindisayo; +UJehova iNkosi EnguMbusi wenza indlela yokuphunyuka ekufeni. +
21 UNkulunkulu uyophihliza ikhanda lezitha zakhe,Ikhanda lanoma ubani oqhubeka enza isono. *+
22 UJehova uthe: “Ngizobalanda eBhashani; +Ngizobalanda ekujuleni kolwandle,
23 Ukuze unyawo lwakho lucwile egazini +Nolimi lwezinja zakho lukhothe igazi lezitha.”
24 O Nkulunkulu, bayababona abantu bakho beshaye ujenga,Ujenga lwabantu bakaNkulunkulu wami, iNkosi yami, lungena endaweni engcwele. +
25 Abahlabeleli bahamba phambili, belandelwa abashaya izinsimbi zomculo ezinezintambo; +Phakathi kwabo kukhona amantombazane ashaya amathamborini. +
26 Dumisani uNkulunkulu, ezixukwini ezibuthene;*Dumisani uJehova, nina enivela eMthonjeni ka-Israyeli. +
27 Lapho, isizwe esincane sakwaBhenjamini + siyazinqoba,Nezikhulu zakwaJuda nesixuku sazo esinomsindo,Izikhulu zakwaZebhuloni, izikhulu zakwaNafetali.
28 UNkulunkulu wakho uyale ukuba unikwe amandla.
O Nkulunkulu, bonisa amandla akho, njengoba nje uwabonisile kithi. +
29 Ngenxa yethempeli lakho eliseJerusalema, +Amakhosi azokulethela izipho. +
30 Khuza izilwane zasendle ezihlala emhlangeni,Umhlambi wezinkunzi + namathole azo,Kuze kube yilapho izizwe zikhothama ziphethe* izingcezu zesiliva.
Zihlakaze izizwe ezithanda impi.
31 Izinto zethusi ziyolethwa zivela* eGibhithe; +ITopiya* liyonikela izipho kuNkulunkulu ngokushesha.
32 O nina mibuso yomhlaba, hubelani uNkulunkulu, +Dumisani* uJehova, (Sela)
33 Lowo ogibela amazulu asendulo. +
Uyaduma ngezwi lakhe, izwi lakhe elinamandla.
34 Dumisani uNkulunkulu ngoba unamandla. +
Ubusa phezu kuka-Israyeli,Amandla akhe aphakeme asesibhakabhakeni.*
35 UNkulunkulu uyamangalisa esendlini yakhe* engcwele. +
UnguNkulunkulu ka-Israyeli,Oqinisa abantu bakhe abanike amandla. +
Makadunyiswe uNkulunkulu.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Njengengcina.”
^ Noma, “niculele.”
^ Noma kungaba, “amafu.”
^ Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ NgesiHebheru, “nomahluleli.”
^ Noma, “abavukelayo.”
^ NgesiHebheru, “lapho uhamba phambi kwabantu bakho.”
^ NgesiHebheru, “Izulu laconsa.”
^ Noma kungaba, “nanilele phakathi kwezibaya zezimvu.”
^ Noma, “eliluhlaza ngokuphuzi.”
^ NgesiHebheru, “kulo.”
^ Noma, “Kwakunjengokungathi likhithikile eZalimoni.”
^ Noma, “iyintaba enkulu.”
^ Noma, “afisa.”
^ Noma, “ohamba esonweni.”
^ NgesiHebheru, “emihlanganweni.”
^ Noma kungaba, “izizwe zinyathela.”
^ Noma, “IKushe.”
^ Noma kungaba, “Amanxusa ayofika evela.”
^ Noma, “Culelani.”
^ NgesiHebheru, “asemafwini.”
^ NgesiHebheru, “yakho.”