AmaHubo 93:1-5
93 UJehova useyiNkosi! +
Wembethe ukuphakama;UJehova wembethe amandla;Uwabhince njengebhande.
Umhlaba* umiswe waqina;Awusoze wanyakaziswa.*
2 Isihlalo sakho sobukhosi samiswa saqina kusukela kudala; +Wena ubulokhu ukhona kusukela phakade. +
3 Imifula iyahlokoma, O Jehova,Imifula iyahlokoma futhi iyaduma;Imifula ilokhu ihlokoma futhi ihaza.
4 Kodwa wena, Jehova ophakeme osemazulwini +Unamandla kakhulu kunemisindo yamanzi amaningi,Unamandla kakhulu kunamagagasi agubhayo olwandle. +
5 Izikhumbuzo zakho zithembeke kakhulu. +
O Jehova, ubungcwele buhlobisa* indlu yakho + kuze kube phakade.