Duteronomi 28:1-68
28 “Uma nakanjani uzolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ngokuqikelela ukuthi uyigcina yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho nakanjani uyokuphakamisa ngaphezu kwazo zonke ezinye izizwe zomhlaba. +
2 Zonke lezi zibusiso ziyokwehlela phezu kwakho + ngenxa yokuthi uyaqhubeka ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho:
3 “Uyobusiswa edolobheni, ubusiswe nasemaphandleni. +
4 “Ziyobusiswa izingane zakho *+ nesithelo somhlabathi wakho nenzalo yemfuyo yakho namathole akho nezimvu zakho. +
5 “Uyobusiswa ubhasikidi wakho + nesitsha sakho sokuxovela. +
6 “Uyobusiswa kukho konke okwenzayo.
7 “UJehova uyobangela ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zihlulwe phambi kwakho. + Ziyokuhlasela ziqhamuka ngendlela eyodwa, kodwa zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa. +
8 UJehova uyoyaleza ukuba uthole isibusiso ezinqolobaneni zakho + nakuyo yonke imizamo yakho, nakanjani uyokubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
9 UJehova uyokumisa ube isizwe esingcwele kuye, + njengoba nje afunga kuwe, + ngoba uyaqhubeka ugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho futhi uhamba ezindleleni zakhe.
10 Zonke izizwe zomhlaba ziyobona ukuthi igama likaJehova libizwe phezu kwakho + futhi ziyokwesaba. +
11 “UJehova uyokwenza ube nezingane eziningi kakhulu nemfuyo eningi nomhlabathi ovundile + ezweni uJehova afunga kokhokho bakho ukukunika lona. +
12 UJehova uyokuvulela inqolobane yakhe enhle, amazulu, ukuze anise imvula ezweni lakho ngenkathi yayo + nokuba abusise konke okwenzayo. Uyoboleka izizwe eziningi, kodwa wena ngeke kudingeke uboleke. +
13 UJehova uyokwenza ube phambili hhayi emsileni; uyoba phezulu + hhayi phansi, uma uqhubeka ulalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine futhi uyenze.
14 Akumelwe uphambuke kuwo wonke la mazwi engikuyala ngawo namuhla, uye kwesokudla noma kwesobunxele, + ulandele abanye onkulunkulu ukuze ubakhonze. +
15 “Kodwa uma ungeke ulilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ngokuqikelela ukuthi wenza yonke imiyalo yakhe nemithetho yakhe engikuyala ngayo namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela phezu kwakho: +
16 “Uyoqalekiswa edolobheni, uqalekiswe nasemaphandleni. +
17 “Uyoqalekiswa ubhasikidi wakho + nesitsha sakho sokuxovela. +
18 “Ziyoqalekiswa izingane zakho *+ nesithelo somhlabathi wakho namathole akho nezimvu zakho. +
19 “Uyoqalekiswa kukho konke okwenzayo.
20 “UJehova uyothumela phezu kwakho isiqalekiso, isijeziso futhi akwenze uphithane kuyo yonke imizamo yakho, kuze kube yilapho usuqothuliwe washabalala ngokushesha, ngenxa yemikhuba yakho emibi nangokungishiya kwakho. +
21 UJehova uyokwenza ukuba isifo singasuki kuwe kuze kube yilapho esekuqothule waphela ezweni oya kulo ukuyolidla. +
22 UJehova uyokushaya ngesifo sofuba, imfiva, + ukuvuvukala, ukushisa okukhulu, inkemba, + umoya oshisayo nesikhunta; + kuyokuxosha uze ushabalale.
23 Isibhakabhaka sakho siyoba ithusi, nomhlaba ube insimbi. +
24 UJehova uyokwenza imvula yezwe lakho ibe ubhuqu nothuli okuyokwehlela phezu kwakho kuvela emazulwini kuze kube yilapho usuqothuliwe.
25 UJehova uyobangela ukuba uhlulwe phambi kwezitha zakho. + Wena uyozihlasela ohlangothini olulodwa, kodwa uyozibalekela ngezindlela eziyisikhombisa; yonke imibuso yomhlaba iyothuka lapho ibona izinto ezimbi ezikwehlelayo. +
26 Izidumbu zenu ziyoba ukudla kwazo zonke izinyoni ezisesibhakabhakeni nezilwane ezisemhlabeni, ngeke kube namuntu ozixoshayo. +
27 “UJehova uyokushaya ngamathumba aseGibhithe, umhlume, utwayi nezilonda emzimbeni, okungeke kwelapheke.
28 UJehova uyokushaya ngobuhlanya, ubumpumputhe + nangokudideka.
29 Uyophumputha emini bebade, njengoba nje impumputhe iphumputha ebumnyameni + futhi ngeke uphumelele kunoma yini oyenzayo; ngaso sonke isikhathi uyophanjwa futhi uphangwe, kungekho muntu ozokusiza. +
30 Uyothembisa owesifazane umshado, kodwa omunye umuntu amdlwengule. Uyokwakha indlu, kodwa ngeke uhlale kuyo. + Uyotshala insimu yamagilebhisi, kodwa ngeke uzijabulele izithelo zayo. +
31 Inkabi yakho iyohlatshwa phambi kwakho, kodwa ngeke udle lutho lwayo. Imbongolo yakho iyokwebiwa phambi kwakho, kodwa ngeke ibuyele kuwe. Imvu yakho iyonikwa izitha zakho, kodwa ngeke kube namuntu ozokusiza.
32 Amadodana akho namadodakazi akho ayonikwa esinye isizwe + ubhekile futhi ngaso sonke isikhathi uyofisa ukuwabona, kodwa izandla zakho ziyobe zingenamandla.
33 Isithelo somhlabathi wakho nakho konke okukhiqizayo kuyodliwa isizwe ongasazi, + ngaso sonke isikhathi uyophanjwa futhi uchotshozwe.
34 Uyohlanyiswa yilokho amehlo akho ayokubona.
35 “UJehova uyokushaya ngamathumba abuhlungu nangalapheki emadolweni nasemilenzeni, kusukela onyaweni lwakho kuya okhakhayini lwekhanda lakho.
36 UJehova uyokuhola wena nenkosi owazibekela yona akuyise esizweni eningazange nisazi wena nokhokho bakho, + uyofike ukhonze abanye onkulunkulu, onkulunkulu bokhuni nabetshe. +
37 Uyoba yinto ethusayo nenhlekisa* nento yokuklolodelwa phakathi kwazo zonke izizwe uJehova ayokuyisa kuzo. +
38 “Uyotshala imbewu eningi ensimini, kodwa uyobutha okuncane, + ngoba izintethe ziyokushwabadela.
39 Uyotshala amasimu amagilebhisi usebenze kuwo, kodwa akukho wayini oyoliphuza, akukho lutho oyolubutha, + ngoba isibungu siyokudla.
40 Uyoba nezihlahla zeminqumo kuyo yonke indawo yakho, kodwa ngeke uwagcobe amafutha, ngoba iminqumo yakho iyovuthuluka.
41 Uyozala amadodana namadodakazi, kodwa ngeke ahlale engawakho, ngoba ayothunjwa. +
42 Izinambuzane ezibhuzayo ziyogcwala kuzo zonke izihlahla zakho nasezithelweni zomhlabathi wakho.
43 Isifiki esiphakathi kwakho siyolokhu siba namandla kunawe kodwa wena uyolokhu uba buthaka kunaso.
44 Siyokuboleka, kodwa wena ngeke usiboleke. + Siyoba inhloko, wena ube umsila. +
45 “Zonke lezi ziqalekiso + nakanjani ziyokwehlela zikuxoshe, zikufice kuze kube yilapho usuqothuliwe, + ngoba awuzange ulilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ngokuba ugcine imiyalo yakhe nemithetho yakhe akuyale ngayo. +
46 Ziyoqhubeka ziphezu kwakho nasenzalweni yakho zibe isibonakaliso nesixwayiso kuze kube phakade, +
47 ngenxa yokuthi awuzange umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngokuthokoza nangenhliziyo ejabulayo ngesikhathi unenala yakho konke. +
48 UJehova uyothumela izitha zakho kuwe, uzikhonze + ulambile, + womile, ugqoke izingubo zabahluphekayo futhi ungenalutho. UNkulunkulu uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho kuze kube yilapho esekuqothulile.
49 “UJehova uyokuvusela isizwe esikude simelane nawe, + esivela emaphethelweni omhlaba; siyokubhozomela njengoba kwenza ukhozi, + isizwe ongeke uluqonde ulimi lwaso, +
50 isizwe esibonakala sinolaka, esingeke sibe nandaba nexhegu noma sibe nomusa kosemusha. +
51 Siyodla inzalo yemfuyo yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuze kube yilapho usuqothuliwe. Akukho kudla okusanhlamvu, iwayini elisha noma amafutha, amathole noma izimvu esiyokushiyela kona kuze kube yilapho sesikubhubhisile. +
52 Siyokuvimbezela, sikuvalele ngaphakathi kwamadolobha* akho akulo lonke izwe lakho zize ziwe izindonga zakho eziphakeme nezinezivikelo eziqinile othembele kuzo. Yebo, nakanjani siyokuvimbezela ngaphakathi kwamadolobha akho akulo lonke izwe lakho, uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona. +
53 Kuyodingeka udle izingane zakho,* inyama yamadodana namadodakazi akho, + uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona, ngenxa yobunzima bokuvinjezelwa nokucindezelwa yisitha sakho.
54 “Ngisho nendoda entekenteke nezwela kakhulu phakathi kwakho, ngeke imzwele umfowabo noma umkayo emthandayo noma abantwana bayo abasele,
55 ngeke ibaphe lutho enyameni yabantwana bayo ezoyidla, ngoba ayisenalutho ngenxa yobunzima bokuvinjezelwa nokucindezelwa isitha emadolobheni akho. +
56 Owesifazane ontekenteke nozwela kakhulu phakathi kwakho, ongeke alokothe acabange ukubeka unyawo lwakhe emhlabathini ngoba entekenteke, + ngeke amzwele umyeni wakhe amthandayo noma indodana noma indodakazi yakhe,
57 ngisho nomzanyana ophuma phakathi kwemilenze yakhe nabantwana abazalayo, ngoba uyobadlela ekusithekeni ngenxa yobunzima bokuvinjezelwa nokucindezelwa kwamadolobha akho yisitha sakho.
58 “Uma ungeke uwagcine ngokucophelela wonke amazwi alo Mthetho alotshwe kule ncwadi + futhi ungalesabi leli gama elikhazimulayo nelibabazekayo + likaJehova + uNkulunkulu wakho,
59 uJehova uyokujezisa ngezifo ezinzima wena nenzalo yakho, izifo ezinkulu nezingapheli, + nangokugula okubi okungapheli.
60 Uyobuyisa phezu kwakho zonke izifo zaseGibhithe owawuzesaba, nakanjani ngeke zisuke kuwe.
61 Ngaphezu kwalokho, uJehova uyoze alethe phezu kwakho ngisho nakho konke ukugula noma izinhlupho ezingalotshiwe encwadini yalo Mthetho, kuze kube yilapho usuqothuliwe.
62 Nakuba senibaningi ngangezinkanyezi zamazulu, + bambalwa kakhulu kini abayosala, + ngoba anizange nililalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.
63 “Njengoba nje uJehova ake akujabulela ukunenza nichume nokunandisa, uJehova uyokujabulela nokunibhubhisa kanye nokuniqothula; niyosuswa ezweni esenizolidla.
64 “UJehova uyonihlakazela kuzo zonke izizwe, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuya kolunye, + futhi lapho kuyomelwe nikhonze onkulunkulu bokhuni nabetshe, eningazange nibazi nina nokhokho benu. +
65 Ngeke nibe nakho ukuthula kulezo zizwe, + nonyawo lwakho ngeke luyithole indawo yokuphumula. Kunalokho uJehova uyokunika lapho inhliziyo enexhala + namehlo afiphalayo nomuzwa wokuphelelwa ithemba. *+
66 Ukuphila kwakho kuyoba sengozini enkulu, wesabe ubusuku nemini; ngeke uqiniseke ngokusinda kwakho.
67 Ekuseni uyothi, ‘Ukube bekukusihlwa!’ kusihlwa uthi ‘Ukube bekusekuseni!’ ngenxa yokwesaba oyoba nakho enhliziyweni yakho nangenxa yalokho amehlo akho ayokubona.
68 Nakanjani uJehova uyokubuyisela eGibhithe ngomkhumbi ngendlela engathi ngayo kuwe, ‘Ngeke uphinde uyibone,’ futhi lapho kuyodingeka uzithengise ezitheni zakho njengezigqila nezigqilakazi, kodwa ngeke abe khona umthengi.”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “isithelo sesibeletho sakho.”
^ NgesiHebheru, “isithelo sesibeletho sakho.”
^ NgesiHebheru, “nesaga.”
^ NgesiHebheru, “kwamasango.”
^ NgesiHebheru, “isithelo sesibeletho sakho.”
^ Noma, “nokuphelelwa ithemba komphefumulo.”