Duteronomi 33:1-29
33 Yilesi isibusiso uMose umuntu kaNkulunkulu weqiniso asisho kuma-Israyeli ngaphambi kokufa kwakhe. +
2 Wathi:
“UJehova—weza evela eSinayi, +Wakhanya phezu kwabo eseSeyiri.
Wakhanya ngenkazimulo esesifundeni esinezintaba sasePharanu, +Kwakukhona amashumi ezinkulungwane ezingcwele kanye naye, +Esandleni sakhe sokudla kukhona amaqhawe akhe. +
3 Wayebathanda abantu bakhe; +Bonke abangcwele babo basesandleni sakho. +
Babehleli ezinyaweni zakho; +Baqala ukulalela amazwi akho. +
4 (UMose wasinika umyalo, umthetho, +Waba ifa lebandla likaJakobe.) +
5 UNkulunkulu waba inkosi eJeshuruni, *+Lapho izinhloko zabantu zibuthana ndawonye, +
Kanye nazo zonke izizwe zakwa-Israyeli. +
6 Makaphile uRubeni angafi, +Kwangathi amadoda akhona angangaba mbalwa.” +
7 Yilesi isibusiso asisho kuJuda: +
“O Jehova, yizwa izwi likaJuda, +Kwangathi ungambuyisela kubantu bakubo.
Izingalo zakhe zikulwele okungokwakhe,Kwangathi ungamsiza amelane nabaphikisana naye.” +
8 Ngokuqondene noLevi wathi: +
“IThumimi lakho* ne-Urimi lakho + kungokomuntu oqotho kuwe, +Owamvivinya eMasa. +
Waqala ukuphikisana naye ngasemanzini aseMeriba, +
9 Umuntu owathi kuyise nonina, ‘Angikhathazekanga ngabo.’
Ngisho nabafowabo akabavumanga, +Abantwana bakhe akabanakanga.
Ngoba baligcina izwi lakho,Bagcina nesivumelwano sakho. +
10 Mabafundise uJakobe ngezinqumo zakho zokwahlulela +No-Israyeli ngoMthetho wakho. +
Mabanikele impepho ibe iphunga elimnandi kuwe *+Banikele nomnikelo ophelele phezu kwe-altare lakho. +
11 O Jehova, busisa amandla akhe,Kwangathi ungawujabulela umsebenzi wezandla zakhe.
Fahlaza imilenze* yalabo abamelana naye,Ukuze labo abamzondayo bangaphinde bamelane naye.”
12 Ngokuqondene noBhenjamini wathi: +
“Othandekayo kaJehova makahlale ngakuye ngokuphepha;Kuyilapho emkhoselisa usuku lonke,Uyohlala emhlane wakhe.”*
13 Ngokuqondene noJosefa wathi: +
“Kwangathi izwe lakhe lingabusiswa uJehova +Ngezinto zekhethelo zezulu,Ngamazolo nangamanzi avela eziphethwini, +
14 Ngezinto zekhethelo ezikhuliswe ilangaNesivuno sekhethelo senyanga ngayinye, +
15 Ngezinto zekhethelo ezivela ezintabeni zasendulo *+Nangezinto zekhethelo zamagquma ami njalo,
16 Ngezinto zekhethelo zomhlaba nokugcwele kuwo, +
Nangokwamukelwa yiLowo ohlala esihlahleni sameva. *+
Kwangathi zingehlela phezu kwekhanda likaJosefa,Phezu kokhakhayi lwalowo owakhethwa kubafowabo. +
17 Ubukhazikhazi bakhe bunjengobenkunzi eyizibulo,Izimpondo zakhe ziyizimpondo zenkunzi yasendle.
Uyogwaza* ngazo izizweUyozisunduzela emaphethelweni omhlaba zonke ngothi lwazo.
Zingamashumi ezinkulungwane zika-Efrayimi, +Ziyizinkulungwane zikaManase.”
18 Ngokuqondene noZebhuloni wathi: +
“O Zebhuloni, jabula ekuphumeni kwakho,Nawe Isakare, ematendeni akho. +
19 Bayobizela izizwe entabeni.
Bayoyinikela khona imihlatshelo yokulunga.
Ngoba bayothatha* emcebweni omningi wezilwandleNasengcebweni* efihliwe esesihlabathini.”
20 Ngokuqondene noGadi wathi: +
“Ubusisiwe oyenza ibe banzi imingcele kaGadi. +
Ulala khona njengebhubesi,Elilungele ukudwengula ingalo nokhakhayi.
21 Uyozikhethela ingxenye yokuqala, +Ngoba isabelo somniki-mithetho sigcinwe lapho. +
Izinhloko zabantu ziyoqoqana ndawonye.
Uyokwenza ukulunga kukaJehova,Nezinqumo zakhe zokwahlulela ku-Israyeli.”
22 Ngokuqondene noDani wathi: +
“UDani uyiwundlu lebhubesi. +
Uyogxuma aphume eBhashani.” +
23 Ngokuqondene noNafetali wathi: +
“UNafetali wanelisekile ngokwamukelwa uJehova,Ugcwele isibusiso sakhe.
Yidla ifa lezwe lasentshonalanga nelaseningizimu.”
24 Ngokuqondene no-Asheri wathi: +
“U-Asheri ubusiswe ngamadodana.
Kwangathi abafowabo bangambonisa umusa,Kwangathi angacwilisa* izinyawo zakhe emafutheni.
25 Izihluthulelo zamasango akho ziyinsimbi nethusi, +Uyovikeleka ukuphila kwakho konke.
26 Akekho onjengoNkulunkulu weqiniso + kaJeshuruni, +Ohamba anqamule amazulu ukuze akusize,Okhuphuka emafwini ngamandla akhe amakhulu. +
27 UNkulunkulu uyindawo yesiphephelo kusukela endulo, +Izingalo zakhe zaphakade ziyakusekela. +
UNkulunkulu uyoxosha isitha phambi kwakho, +Uyothi, ‘Babhuqe!’ +
28 U-Israyeli uyohlala ngokuphepha,Umthombo kaJakobe uyohlala wodwa,Ezweni lokudla okusanhlamvu newayini elisha, +Okuyoconsa kulo amazolo evela esibhakabhakeni. +
29 Uyajabula, Israyeli! +
Ubani onjengawe, +Isizwe esijabulela insindiso kuJehova, +Ihawu lakho elikuvikelayo, +Nenkemba yakho enkulu?
Izitha zakho ziyothithibala phambi kwakho, +Futhi wena uyonqoba izindawo zazo eziphakeme.”
Imibhalo yaphansi
^ Incazelo: “Oqotho,” isiqu esihloniphisayo sika-Israyeli.
^ Elithi “lakho” nelithi “kuwe” kuleli vesi abhekisela kuNkulunkulu.
^ NgesiHebheru, “emakhaleni akho.”
^ Noma, “izinqulu.”
^ NgesiHebheru, “phakathi kwamahlombe akhe.”
^ Noma kungaba, “ezintabeni zasempumalanga.”
^ Noma, “somunga.”
^ Noma, “Uyosunduza.”
^ NgesiHebheru, “bayoncela.”
^ Noma, “Nasemagugwini.”
^ Noma, “angageza.”