U-Esteri 10:1-3

  • Ubukhulu bukaMoridekayi (1-3)

10  INkosi u-Ahashiveroshi yayala ukuba kwenziwe umsebenzi oyimpoqo ezweni naseziqhingini zolwandle.  Zonke izinto ezinamandla nezinkulu eyazifeza kanye nokulandisa okuphelele kobukhulu bukaMoridekayi + inkosi eyamphakamisela kubo, + kulotshiwe encwadini yomlando + wamakhosi aseMediya nasePheresiya. +  Ngoba uMoridekayi umJuda wayengowesibili ngobukhulu ngemva kweNkosi u-Ahashiveroshi. Wayemkhulu* phakathi kwamaJuda futhi ehlonishwa abafowabo abaningi, enzela abantu bakubo okuhle futhi ekhulumela inhlalakahle yayo* yonke inzalo yakubo.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Wayaziswa kakhulu.”
NgesiHebheru, “ekhulumela ukuthula kwayo.”