UHoseya 6:1-11
6 “Wozani, masibuyele kuJehova,Ngoba usidwengule saba izicucu, + kodwa uzosiphulukisa.
Usishayile kodwa uzosibopha amanxeba.
2 Uzosiphilisa ngemva kwezinsuku ezimbili.
Ngosuku lwesithathu uzosivusaSiphile phambi kwakhe.
3 Sizokwazi, ngobuqotho sizofuna ukumazi uJehova.
Ukuphuma kwakhe kuqiniseke njengokuntwela kokusa;Uzoza kithi njengemvula,Njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.”
4 “Kufanele ngenzeni ngawe Efrayimi?
Kufanele ngenzeni ngawe Juda?
Ngoba uthando lwakho oluqotho lunjengamafu asekuseni,Lunjengamazolo ashabalala ngokuphazima kweso.
5 Yingakho ngiyobanquma ngabaprofethi; +Ngiyobabulala ngamazwi omlomo wami. +
Izahlulelo zami ngokumelene nani ziyokhanya njengesibani. +
6 Ngoba ngijabula ngothando oluqotho,* hhayi ngomhlatshelo,Ngijabula ngolwazi ngoNkulunkulu kunangeminikelo eshiswayo ephelele. +
7 Kodwa bona, njengabantu abavamile, basephulile isivumelwano. +
Yilapho lapho bengikhohlise khona.
8 IGileyadi liyidolobhana labenzi bokubi, +Ligcwele ukuchithwa kwegazi. +
9 Iqembu labapristi linjengamaviyo aphangayo acuthela umuntu.
Liyabulala emgwaqweni eShekemi +Ngoba liziphatha ngendlela ehlazisayo.
10 Ngibone into enyantisayo endlini yakwa-Israyeli.
Lapho, u-Efrayimi uyafeba; +U-Israyeli uzingcolisile. +
11 Kodwa wena Juda, ubekelwe isivuno,Lapho ngibuyisa abantu bami abayizithunjwa.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngesihe.”