IsAmbulo Esiya KuJohane 16:1-21
16 Ngezwa izwi elikhulu livela endlini engcwele + lithi ezingelosini eziyisikhombisa: “Hambani niyothululela izitsha eziyisikhombisa zentukuthelo kaNkulunkulu emhlabeni.” +
2 Eyokuqala yahamba yathululela isitsha sayo emhlabeni. + Isilonda esibuhlungu nesibulalayo + sahlupha abantu ababenophawu lwesilo sasendle + nababekhulekela isithombe saso. +
3 Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle. + Lwaba yigazi + elinjengelomuntu ofile, zonke izidalwa eziphilayo zafa, yebo, izinto ezisolwandle. +
4 Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni* yamanzi. + Yaba yigazi. +
5 Ngezwa ingelosi ephezu kwamanzi ithi: “Wena, okhona nowawukhona, + othembekile, + ulungile, ngoba ukhiphe lezi zahlulelo, +
6 ngenxa yokuthi bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, + ubanike igazi ukuba baliphuze; + kubafanele.” +
7 Ngezwa i-altare lithi: “Yebo, Jehova* Nkulunkulu, Mninimandla Onke, + ziyiqiniso futhi zilungile izahlulelo zakho.” *+
8 Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni, + ilanga lanikwa ukuba lihangule abantu ngomlilo.
9 Abantu bahangulwa ukushisa okukhulu, kodwa bahlambalaza igama likaNkulunkulu, onegunya phezu kwalezi zinhlupho, futhi abazange baphenduke bamkhazimulise.
10 Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo sasendle. Umbuso waso waba mnyama, + baqala ukuziluma ulimi ngenxa yobuhlungu babo,
11 kodwa bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yezinhlungu nangenxa yezilonda zabo, futhi abazange baphenduke emisebenzini yabo.
12 Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu i-Ewufrathe, + amanzi awo asha + ukuze kulungiswe indlela yamakhosi + avela empumalanga.
13 Ngabona namazwi amathathu aphefumulelwe angcolile* ayebukeka njengamaxoxo, ephuma emlonyeni kadrako + nasemlonyeni wesilo sasendle nasemlonyeni womprofethi wamanga.
14 Empeleni, lawa ngamazwi aphefumulelwe amademoni futhi enza izibonakaliso, + aphuma aqonde emakhosini omhlaba wonke owakhiwe, ukuze awabuthele ndawonye empini + yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla Onke. +
15 “Bheka! Ngiyeza njengesela. + Uyajabula ohlala ephapheme + egqoke nezingubo zakhe zangaphandle, ukuze angahambi nqunu nabantu babone ihlazo lakhe.” +
16 Awabuthela ndawonye endaweni ngesiHebheru ebizwa ngokuthi i-Armagedoni. *+
17 Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni. Kwabe sekuphuma izwi elikhulu endlini engcwele + livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile!”
18 Kwaba khona imibani namazwi nokuduma kwezulu, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okwakuhlanganisa indawo enkulu, okwakungakaze kube khona okunjengakho kusukela abantu baba khona emhlabeni. +
19 Idolobha elikhulu + laqhekeka laba izingxenye ezintathu, namadolobha abezizwe awa; noNkulunkulu walikhumbula iBhabhiloni Elikhulu, + ukuze alinike indebe yewayini yolaka lwakhe oluvuthayo. +
20 Zonke iziqhingi zabaleka, nezintaba azitholakalanga. +
21 Kwehla isichotho esikhulu sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu, + itshe laso ngalinye linesisindo esicishe sibe ngangethalenta,* abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho, + ngoba inhlupho yaso yayinkulu ngokungajwayelekile.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “naseziphethwini.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “izinqumo zakho zokwahlulela.”
^ NgesiGreki, “nemimoya engcolile.”
^ NgesiGreki, Har Ma·ge·donʹ, leli gama livela egameni lesiHebheru elisho “iNtaba YaseMegido.”
^ Ithalenta lamaGreki lalingu-20,4 kg. Bheka iSithasiselo B14.