IsAmbulo Esiya KuJohane 4:1-11
4 Ngemva kwalokhu ngabona umnyango ovulekile ezulwini, izwi lokuqala engalizwa likhuluma nami lalinjengecilongo, lithi: “Khuphukela lapha, ngizokubonisa izinto okumelwe zenzeke.”
2 Ngemva kwalokhu masinyane ngaba semandleni omoya, bheka! isihlalo sobukhosi sasisendaweni yaso ezulwini, kwakukhona ohlezi kulesi sihlalo sobukhosi. +
3 Lowo owayehlezi wayebukeka njengetshe lejaspi + netshe elibomvu,* isihlalo sobukhosi sasizungezwe uthingo olubukeka njenge-emeraldi. *+
4 Isihlalo sobukhosi sasizungezwe yizihlalo zobukhosi ezingu-24, kulezi zihlalo zobukhosi ngabona kuhlezi abadala abangu-24 + begqoke izingubo ezimhlophe, emakhanda abo kunemiqhele yegolide.
5 Esihlalweni sobukhosi kwakuphuma imibani, + amazwi kanye nokuduma kwezulu; + kukhona izibani zomlilo eziyisikhombisa ezivuthayo phambi kwesihlalo sobukhosi, lezi zisho imimoya eyisikhombisa kaNkulunkulu. +
6 Phambi kwesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nolwandle lwengilazi, + njengekristalu.
Kwakunezidalwa ezine eziphilayo + zigcwele amehlo ngaphambili nangemuva, ziphakathi kwesihlalo sobukhosi* futhi zisizungezile.
7 Isidalwa esiphilayo sokuqala sasinjengebhubesi, + isidalwa esiphilayo sesibili sinjengenkunzi, + isidalwa esiphilayo sesithathu + sasinobuso obunjengobomuntu, kanti isidalwa esiphilayo sesine + sasinjengokhozi olundizayo. +
8 Ngokuqondene nalezi zidalwa ezine eziphilayo, ngasinye sazo sasinamaphiko ayisithupha; zigcwele amehlo nxazonke nangaphansi kwamaphiko. + Aziphumuli, imini nobusuku zithi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova *+ uNkulunkulu, uMninimandla Onke, owayekhona nokhona nozayo.” +
9 Noma nini lapho izidalwa eziphilayo zinikela inkazimulo nodumo nokubonga kuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, Lowo ophila kuze kube phakade naphakade, +
10 abadala abangu-24 + bawa phansi phambi kwaLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi bakhulekele Lowo ophila kuze kube phakade naphakade, baphonse imiqhele yabo phambi kwesihlalo sobukhosi, bathi:
11 “Kukufanele Jehova* Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo + nodumo + namandla, + ngoba wadala zonke izinto, + nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “netshe eliyigugu elinombala obomvu.”
^ Itshe eliyigugu elinombala oluhlaza.
^ Noma, “ziphakathi nendawo kanye nesihlalo sobukhosi.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.