U-Isaya 42:1-25
42 Bheka! Inceku yami + engiyisekelayo!
Okhethiwe wami + engimamukele! +
Ngifake umoya wami kuye; +Uyoletha ubulungisa ezizweni. +
2 Ngeke amemeze noma aphakamise izwi lakhe,Nasemgwaqweni ngeke alizwakalise izwi lakhe. +
3 Akukho mhlanga ofohlokile ayowuphula,Akukho ntambo elokozayo ayoyicima. +
Uyokhipha ubulungisa ngokwethembeka. +
4 Ngeke adangale noma afohlozwe kuze kube yilapho eletha ubulungisa emhlabeni; +Iziqhingi ziyoqhubeka zilindele umthetho wakhe.*
5 Yilokhu uNkulunkulu weqiniso, uJehova, akushoyo,UMdali wamazulu oMkhulu owawelula, +Lowo owendlala umhlaba nomkhiqizo wawo, +Lowo owenza abantu abakuwo baphefumule +Nonika labo abahamba kuwo umoya: +
6 “Mina, Jehova, ngikubize ngokulunga;Ngibambe isandla sakho.
Ngizokulonda, ube yisivumelwano phakathi kwami nabantu +Ube ngukukhanya kwezizwe, +
7 Ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, +Ukhiphe isiboshwa ejele,
Ukhiphe abahlezi ebumnyameni ejele. +
8 NginguJehova. Yilelo igama lami;Anginiki muntu inkazimulo yami,*Noma izithombe ezibaziwe udumo lwami. +
9 Izinto zokuqala bheka sezenzekile;Manje ngimemezela izinto ezintsha.
Nginitshela ngazo zingakaveli.” +
10 Culelani uJehova ingoma entsha, +Ingoma yokumdumisa kusukela emikhawulweni yomhlaba, +Nina enehlela olwandle nani nonke enilugcwalisile,Nina ziqhingi nani enihlala kuzo. +
11 Ihlane namadolobha alo makumemeze, +Imizi okuhlala kuyo abakwaKhedari. +
Abahlala edwaleni mabamemeze ngenjabulo;Mabamemeze kakhulu beseziqongweni zezintaba.
12 Mabanike uJehova inkazimuloMabazise ngodumo lwakhe eziqhingini. +
13 UJehova uyophuma njengendoda enamandla. +
Uyovusa intshiseko yakhe njengeqhawe. +
Uyomemeza, yebo, uyomemeza ukumemeza kwempi;Uyozibonisa enamandla ngaphezu kwezitha zakhe. +
14 “Ngithule isikhathi eside.
Ngangilokhu ngithule ngizibambile.
Njengowesifazane obelethayo,Ngizobubula, ngihefuzele, ngibitoze ngasikhathi sinye.
15 Ngizobhuqa izintaba namagqumaNgomise zonke izimila zawo.
Ngizophendula imifula ibe yiziqhingi*Ngomise namachibi anomhlanga. +
16 Ngizohola izimpumputhe endleleni ezingayazi +Ngizihambise ngezindlela ezingajwayelekile. +
Ngizophendula ubumnyama obuphambi kwazo bube ngukukhanya +Nendawo emagebhugebhu ibe yizwe eliqondile. +
Yilokhu engizozenzela kona, futhi ngeke ngizishiye.”
17 Bazobuyiselwa emuva, bazohlazeka kakhulu,Labo abathembela ezithombeni ezibaziwe,Labo abathi ezithombeni zensimbi:* “Ningonkulunkulu bethu.” +
18 Yizwani, nina zithulu;Bhekani ukuze nibone, nina zimpumputhe. +
19 Ngubani oyimpumputhe, ngaphandle kwenceku yami,Oyisithulu njengesithunywa sami engisithumayo?
Ngubani oyimpumputhe njengalowo othole umvuzo,Oyimpumputhe njengenceku kaJehova? +
20 Nibona izinto eziningi kodwa aninaki.
Nivula izindlebe zenu kodwa anilaleli. +
21 Ngenxa yokulunga kwakhe,UJehova ukujabulele ukwenza umthetho* ube mkhulu nokuwenza ukhazimule.
22 Kodwa lesi yisizwe esiphangiwe nesiphundliwe; +Bonke babambeke emigodini futhi bafihlwe emajele. +
Baphangiwe kungekho ozobakhulula, +Baphundliwe kungekho othi: “Buyisa!”
23 Ngubani phakathi kwenu ozolalela lokhu?
Ngubani ozonaka futhi alalelele isikhathi esizayo?
24 Ngubani onikele uJakobe ukuba aphundlweNo-Israyeli kubaphangi?
Akuyena yini uJehova, Lowo esone kuye?
Abafunanga ukuhamba ezindleleni zakhe,Abazange bawulalele umthetho wakhe. *+
25 Ngakho waqhubeka ethululela phezu kuka-Israyeli ulaka,Intukuthelo yakhe nolaka lwempi. +
Lwaqothula yonke into emzungezile, kodwa akanakanga. +
Lwamvuthela kodwa wayengakubeki lokho enhliziyweni. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “isiqondiso sakhe.”
^ Noma, “Inkazimulo yami angiyihlanganyeli nomunye umuntu.”
^ Noma, “izindawo ezigudle ulwandle.”
^ Noma, “ezenziwe ngokuncibilikisiwe.”
^ Noma, “isiqondiso.”
^ Noma, “basilalele isiqondiso sakhe.”