U-Isaya 48:1-22
48 O wena ndlu kaJakobe, yizwa lokhu,Nina enizibiza ngegama lika-Israyeli +Enivela emanzini kaJuda,*Nina enifunga ngegama likaJehova +Enibiza igama likaNkulunkulu ka-Israyeli,Kodwa hhayi ngeqiniso nangokulunga. +
2 Ngoba bazibiza ngegama ledolobha elingcwele +Bafuna usizo kuNkulunkulu ka-Israyeli, +OnguJehova wamabutho igama lakhe.
3 “Ngakutshela kudala ngezinto zesikhathi esidlule.*
Ngazisho ngomlomo wami,Ngazenza zaziwa. +
Kungazelelwe ngathatha isinyathelo, zenzeka. +
4 Ngoba ngangazi ukuthi unenkani kangakanani—Ukuthi umsipha wentamo yakho uyinsimbi nesiphongo sakho siyithusi +—
5 Ngakutshela kudala.
Ngaphambi kokuba kwenzeke, ngabangela ukuba ukuzwe,Ukuze ungasho ukuthi, ‘Kwenziwe yisithixo sami;Kuyalwe yisithombe sami esibaziwe nesithombe sami sensimbi.’*
6 Ukuzwile wakubona konke lokhu.
Ngeke yini ukumemezele? *+
Kusukela manje ngimemezela izinto ezintsha kuwe, +Izimfihlo ezigciniwe obungazazi.
7 Yima zidalwa, azidalwanga kudala,Izinto obungakazizwa ngaphambi kwanamuhla,Ukuze ungasho ukuthi, ‘Bheka! Bengivele ngizazi.’
8 Cha, awukezwa + futhi awukazi,Kudala izindlebe zakho zazingavuliwe.
Ngoba ngiyazi ukuthi awuve ukhohlisa, +Nokuthi ubulokhu ubizwa ngeseqamthetho kusukela uzalwa. +
9 Kodwa ngenxa yegama lami ngizoyibamba intukuthelo yami; +Ngenxa yodumo lwami ngizozibamba,Ngeke ngikubhubhise. +
10 Bheka! Ngikucwengile kodwa hhayi njengesiliva. +
Ngikuvivinyile* esithandweni sokuncibilikisa, okuwukuthi ukuhlupheka. +
11 Ngenxa yami, ngenxa yami ngizothatha isinyathelo, +Ngoba ngingavuma kanjani ukuba ngingcoliswe? +
Anginiki muntu inkazimulo yami.*
12 O Jakobe, ngilalele, nawe Israyeli engikubizile.
Ngingofanayo. + Ngingowokuqala futhi ngingowokugcina. +
13 Isandla sami sabeka isisekelo somhlaba, +Nesandla sami sokudla selula amazulu. +
Lapho ngiwabiza, ama ndawonye.
14 Qoqanani ndawonye nonke, nilalele.
Ngubani phakathi kwabo omemezele lezi zinto?
UJehova umthandile. +
Uyokwenza akuthandayo ngeBhabhiloni, +Ingalo yakhe iyojezisa amaKhaledi. +
15 Mina ngikhulumile, ngimbizile. +
Ngimlethile, indlela yakhe iyophumelela. +
16 Sondelani kimi nizwe lokhu.
Kusukela ekuqaleni angizange ngikhulume endaweni efihlekile. +
Kusukela esikhathini okwenzeka ngaso ngangikhona.”
Manje iNkosi EnguMbusi uJehova ingithumile kanye nomoya wayo.
17 Yilokhu uJehova akushoyo, uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli: +
“Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho,Lowo okufundisayo ukuze uzuze, *+Lowo okuqondisa endleleni okufanele uhambe ngayo. +
18 Ukube nje ubuyoyilalela imiyalo yami! +
Ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula +Nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle ahlale egubha. +
19 Inzalo* yakho ibiyoba ningi njengesihlabathi,Nesizukulwane sakho sibe njengezinhlayiya zaso. +
Igama layo belingeke linqunywe noma libhuqwe phambi kwami.”
20 Phumani eBhabhiloni! +
Balekani nisuke kumaKhaledi!
Kumemezeleni ngenjabulo! Kumemezeleni! +
Yenzani ukuba kwaziwe emikhawulweni yomhlaba. +
Thanini: “UJehova uyihlengile inceku yakhe uJakobe. +
21 Abomanga lapho ebahola ezindaweni ezibhuqiwe. +
Wabangela ukuba kugeleze amanzi edwaleni ukuze baphuze;Waqhekeza idwala wenza ukuba kugobhoze amanzi.” +
22 “Akukho ukuthula kwababi,” kusho uJehova. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “Enivela kwaJuda.”
^ NgesiHebheru, “zokuqala.”
^ Noma, “esenziwe ngokuncibilikisiwe.”
^ NgesiHebheru, “nikumemezele.”
^ Noma, “Ngikuhlolile.” Noma kungaba, “Ngikukhethile.”
^ Noma, “Angiyihlanganyeli namuntu inkazimulo yami.”
^ Noma, “ukuze usizakale.”
^ NgesiHebheru, “Imbewu.”