IzAga 12:1-28
12 Othanda isiyalo uthanda ulwazi, +Kodwa ozonda ukusolwa akacabangi. *+
2 UJehova uyamamukela umuntu omuhle,Kodwa uyamlahla umuntu wamacebo amabi. +
3 Umuntu ngeke azenze alondeke ngokwenza okubi, +Kodwa abalungile abasoze basishulwe.
4 Umfazi onekhono ungumqhele kumyeni wakhe, +Kodwa umfazi owenza ngokuhlazisayo unjengokubola emathanjeni omyeni wakhe. +
5 Imicabango yabalungile ingubulungisa,Kodwa isiqondiso sababi siyinkohliso.
6 Amazwi ababi anjengomuntu ocuthele ukuhlasela nokubulala, +Kodwa umlomo wabaqotho uyabakhulula. +
7 Lapho ababi begumbuqelwa ababe besaba khona,Kodwa indlu yabalungile iyohlala imile. +
8 Umuntu uyadunyiswa ngenxa yomlomo wakhe onokuqonda, +Kodwa onenhliziyo esontekile uyokwedelelwa. +
9 Kungcono ukubukelwa phansi kodwa ube unencekuKunokuziphakamisa kodwa ungenakudla. *+
10 Olungile unakekela izilwane zakhe ezifuywayo, +Kodwa ngisho nesihe sababi sinesihluku.
11 Olima umhlabathi wakhe uyokwaneliswa ukudla, +Kodwa ogijimisa izinto ezingenamsebenzi untula ukuhlakanipha.*
12 Omubi ufisa lokho okubanjwe abanye abantu ababi,Kodwa impande yabalungile iveza izithelo.
13 Umuntu omubi ubanjwa inkulumo yakhe enesono, +Kodwa olungile uyaphunyuka osizini.
14 Umuntu waneliswa okuhle okuvela esithelweni senkulumo* yakhe, +Uyothola umvuzo ngomsebenzi wezandla zakhe.
15 Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso, +Kodwa ohlakaniphile wamukela isiyalo. *+
16 Isiwula siyashesha* ukubonisa ukucasuka, +Kodwa onokuqonda akakunaki* ukuhlanjalazwa.
17 Ofakaza ngokwethembeka uyokhuluma iqiniso,*Kodwa ufakazi wamanga ukhuluma inkohliso.
18 Inkulumo engacatshangiwe injengokuhlaba kwenkemba,Kodwa ulimi lwabahlakaniphile luyaphilisa. +
19 Izindebe ezineqiniso ziyohlala phakade, +Kodwa ulimi oluqamba amanga luyohlala umzuzwana nje. +
20 Inkohliso isenhliziyweni yalabo abaceba okubi,Kodwa labo abakhuthaza ukuthula* banenjabulo. +
21 Akukho lutho olulimazayo oluyokwehlela olungile, +Kodwa ukuphila kwababi kuyogcwala izinhlekelele. +
22 Izindebe eziqamba amanga ziyanengeka kuJehova, +Kodwa abenza ngokwethembeka bayamjabulisa.
23 Umuntu onokuqonda uyakufihla akwaziyo,Kodwa enhliziyweni yesiphukuphuku kuphuma ubuwula. +
24 Izandla zabakhuthele ziyobusa, +Kodwa izandla ezenqenayo ziyokwenziswa umsebenzi oyimpoqo. +
25 Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyenza isindwe, *+Kodwa izwi elihle liyenza ijabule. +
26 Olungile uhlola amadlelo akhe,Kodwa indlela yababi ibenza banhlanhlathe.
27 Ivila aliyizingeli inyamazane, +Kodwa ukukhuthala kuyingcebo eyigugu kumuntu.
28 Indlela yokulunga iholela ekuphileni; +Endleleni yako akukho ukufa.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “akanangqondo.”
^ NgesiHebheru, “ungenasinkwa.”
^ NgesiHebheru, “uswele inhliziyo.”
^ NgesiHebheru, “somlomo.”
^ Noma, “iseluleko.”
^ Noma, “ngalo lolo suku.”
^ NgesiHebheru, “uyakumboza.”
^ NgesiHebheru, “okulungile.”
^ NgesiHebheru, “abeluleka ngezindaba zokuthula.”
^ Noma, “icindezeleke.”