IzAga 26:1-28
26 Njengeqhwa ehlobo nanjengemvula ngesikhathi sokuvuna,Udumo alumfanele oyisiphukuphuku. +
2 Njengoba nje inyoni inesizathu sokubaleka nenkonjane inesizathu sokundiza,Nesiqalekiso asizi ngaphandle kwesizathu sangempela.*
3 Isiswebhu ngesehhashi, amatomu awembongolo, +Nenduku eyomhlane wabantu abayiziphukuphuku. +
4 Ungamphenduli oyisiphukuphuku ngokobuwula bakhe,Ukuze ungafani naye.*
5 Phendula oyisiphukuphuku ngokobuwula bakhe,Ukuze angacabangi ukuthi uhlakaniphile. +
6 Njengomuntu owenza izinyawo zakhe zikhubazeke, azilimaze yenaUnjalo umuntu ophathisa isiphukuphuku izindaba zakhe.
7 Njengemilenze exegezelayo yolunyonga,Sinjalo isaga emlonyeni wabantu abayiziphukuphuku. +
8 Njengokufaka itshe endwayimaneni,Kunjalo ukunika isiphukuphuku udumo. +
9 Njengesihlahla sameva esandleni sesidakwa,Sinjalo isaga emlonyeni wabantu abayiziphukuphuku.
10 Njengomcibisheli omane acibe nje noma ikuphi,*Unjalo umuntu oqasha isiphukuphuku noma oqasha abadlula ngendlela.
11 Njengenja ebuyela emhlanzweni* wayo,Oyisiphukuphuku uphinda ubuwula bakhe. +
12 Uke wambona umuntu ocabanga ukuthi uhlakaniphile? +
Kukhona ithemba elikhulu ngoyisiphukuphuku kunangaye.
13 Ivila lithi: “Kukhona iwundlu lebhubesi emgwaqweni,Kukhona ibhubesi esigcawini!” +
14 Isicabha silokhu siphenduka emahinjini* aso,Nevila lilokhu liphenduka embhedeni walo. +
15 Ivila lifaka isandla esitsheni,Kodwa likhathele kakhulu ukuba lisibuyisele emlonyeni walo. +
16 Ivila licabanga ukuthi lihlakaniphileKunabantu abayisikhombisa abaphendula ngokunengqondo.
17 Njengomuntu obamba inja ngamadlebeUnjalo umuntu odlulayo othukutheliswa ingxabano* okungeyona eyakhe. +
18 Njengohlanya oluciba izikhali ezivuthayo, imicibisholo nokufa*
19 Unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe bese ethi, “Bengizidlalela!” +
20 Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima,Nalapho kungekho mnyundeli ukuxabana kuyaphela. +
21 Njengamalahle amasha afakwa kwavuthayo nezinkuni ezifakwa emlilweni,Unjalo nomuntu onochuku obhebhezela ingxabano. +
22 Amazwi omnyundeli anjengokudla okumnandi;*Ayagwinywa angene phakathi esiswini. +
23 Njengesiliva elicwebezelayo elinanyekwe odengeziniAnjalo amazwi othando avela enhliziyweni embi. +
24 Ozonda abanye uyakufihla lokho ngezindebe zakhe,Kodwa ngaphakathi ufukamele inkohliso.
25 Nakuba ekhuluma ngomusa, ungamethembi,Ngoba enhliziyweni yakhe kukhona izinto eziyisikhombisa ezinengekayo.*
26 Nakuba inzondo yakhe ifihlwe yinkohliso,Ububi bakhe buyokwembulwa ebandleni.
27 Ogubha umgodi uyowela kuwo,Nanoma ubani ogingqa itshe—liyobuyela kuye. +
28 Ulimi lwamanga luyabazonda abachotshozwe yilo,Nomlomo othophayo ubangela umonakalo. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “Nesiqalekiso esingamfanele umuntu asidluli.”
^ Noma, “ungazibeki ezingeni lakhe.”
^ Noma, “bonke abantu.”
^ Noma, “ebuhlanzweni.”
^ Noma, “ezingibeni.”
^ Noma kungaba, “ogxambukela engxabanweni.”
^ Noma, “nemicibisholo ebulalayo.”
^ Noma, “anjengezinto okumelwe zigwinywe ngokushesha, ziphangwe.”
^ Noma, “Ngoba inhliziyo yakhe iyanengeka kakhulu.”