IzAga 29:1-27
29 Umuntu oqinisa ikhanda* ngemva kokusolwa kaningi +Uyokwephulwa kungazelelwe, angabe esalapheka. +
2 Lapho abalungile bebaningi, abantu bayajabula,Kodwa lapho kubusa omubi, abantu bayabubula. +
3 Umuntu othanda ukuhlakanipha wenza uyise ajabule, +Kodwa ozihlanganisa nezifebe usaphaza ingcebo yakhe. +
4 Ngobulungisa inkosi yenza izwe lizinze, +Kodwa umuntu ofuna izifumbathiso uyalibhidliza.
5 Umuntu othopha umakhelwane wakheWendlalela izinyawo zakhe inethi. +
6 Isiphambeko somuntu omubi simbekela ugibe, +Kodwa olungile ukhamuluka ngenjabulo athokoze. +
7 Olungile ukhathalela amalungelo angokomthetho abantu abampofu, +Kodwa omubi akawakhathaleli. +
8 Abantu abaqhoshayo bokhela idolobhana, +Kodwa abahlakaniphile banqanda intukuthelo, +
9 Lapho umuntu ohlakaniphile ephikisana nesiwula,Kuyoba nokuthethisana nokwenzana inhlekisa, ohlakaniphile ngeke afeze lutho. +
10 Abantu abomele igazi bazonda noma ubani omsulwa, *+Futhi bafuna ukubulala oqotho.*
11 Isiphukuphuku siyikhipha yonke intukuthelo* yaso, +Kodwa ohlakaniphile uyilawula ngomoya ozolile. +
12 Lapho umbusi enaka inkulumo engamanga,Zonke izinceku zakhe ziyoba zimbi. +
13 Nakhu umuntu ompofu nocindezelayo abafana* ngakho:
UJehova uletha ukukhanya emehlweni abo bobabili.*
14 Lapho inkosi yahlulela abantu abampofu ngobulungisa, +Isihlalo sayo sobukhosi siyokuma siqine njalo. +
15 Induku* nokusola kunika ukuhlakanipha, +Kodwa umntwana ongakhuzwa ubangela unina amahloni.
16 Lapho ababi banda neziphambeko ziyanda,Kodwa abalungile bayobona ukuwa kwabo. +
17 Yala indodana yakho, iyokwenza uthole ukuphumula;Iyokwenza ujabule kakhulu. +
18 Lapho kungekho siqondiso sikaNkulunkulu, abantu abazibambi, +Kodwa bayajabula labo abagcina umthetho. +
19 Inceku ngeke ivume ukuba ilungiswe ngamazwi,Ngoba nakuba iqonda, ayilaleli. +
20 Uke wambona umuntu onamawala lapho ekhuluma? +
Kukhona ithemba elikhulu ngesiphukuphuku kunangaye. +
21 Uma inceku ibilokhu itotoswa kusukela ebusheni bayo,Kamuva ngeke ibonise ukubonga.
22 Umuntu ocasuka kalula ubhebhezela ingxabano; +Noma ubani osheshe athukuthele wenza izono eziningi. +
23 Ukuzidla komuntu kuyomthobisa, +Kodwa noma ubani onomoya othobekile uyothola udumo. +
24 Umngane wesela uzizonda yena.
Angase abizelwe ukuzofakaza, kodwa angabiki lutho. +
25 Ukwesaba abantu kuwugibe, *+Kodwa othembela kuJehova uyovikelwa. +
26 Abaningi bafuna ukukhuluma nombusi,*Kodwa umuntu ubuthola kuJehova ubulungisa. +
27 Umuntu ongalungile uyanengeka kolungile, +Kodwa ohamba ngobuqotho uyanengeka komubi. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “onenkani.”
^ Noma, “ongenaphutha; ongasoleki.”
^ Noma kungaba, “Kodwa oqotho ufuna ukuvikela ukuphila kwakhe.”
^ Noma, “imizwa.”
^ Okuwukuthi, ubanika ukuphila.
^ NgesiHebheru, “abahlangana.”
^ Noma, “Isiyalo; Isijeziso.”
^ Noma, “kubeka ugibe.”
^ Noma kungaba, “umusa wombusi.”