UJeremiya 17:1-27
17 “Isono sikaJuda sibhalwe phansi ngepeni lensimbi.
Siqoshwe ngedayimane enhliziyweni yakheNasezimpondweni zama-altare akhe,
2 Kuyilapho amadodana akhe ecabanga ngama-altare akhe nezigxobo zakhe ezingcwele *+Eceleni kwesihlahla esikhephuzelayo, emagqumeni aphakeme, +
3 Ezintabeni nasesigangeni.
Umnotho wakho, yonke ingcebo yakho, ngiyokunikela ukuba kuphangwe +—Izindawo zakho eziphakeme ngenxa yesono kuzo zonke izindawo zakho. +
4 Ngokuzithandela uyodedela ifa engakunika lona. +
Ngiyokwenza ukuba usebenzele izitha zakho ezweni ongalazi, +Ngoba wokhele intukuthelo yami njengomlilo. *+
Iyovutha kuze kube phakade.”
5 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Iqalekisiwe indoda* ethembela kubantu +Encika emandleni abantu, *+Enhliziyo yayo ifulathela uJehova.
6 Iyoba njengesihlahla esimi sodwa ogwadule.
Ngeke izithole izinto ezinhle,Kodwa iyohlala ezindaweni eziwugwadule ehlane,Ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.
7 Ibusisiwe indoda* ethembela kuJehova,Ebeka ithemba layo kuJehova. +
8 Iyoba njengesihlahla esitshalwe ngasemanzini,Esinezimpande ezenabele emfuleni.
Ngeke ikuzwe ukushisa,Kodwa amaqabunga ayo ayohlale eluhlaza. +
Ngesikhathi sesomiso ngeke ikhathazeke,Ngeke iyeke ukuthela izithelo.
9 Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi iyingozi. *+
Ubani ongase ayazi?
10 Mina, Jehova, ngicubungula inhliziyo, +Ngihlola imicabango ejulile,*Ukuze nginike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe,Ngokwemiphumela yemisebenzi yakhe. +
11 Njengethendele* elibutha amaqanda elingazange liwazalele,Unjalo umuntu othola ingcebo ngokukhwabanisa. *+
Iyomlahlekela ngokuhamba kwesikhathi,Ekugcineni uyoba ongenangqondo.”
12 Isihlalo sobukhosi esikhazimulayo besidunyiswa kusukela ekuqaleni,Siyindawo yethu yokuphephela. +
13 O Jehova, themba lika-Israyeli,Bonke abakushiyayo bayothelwa ngehlazo.
Labo abakuhlubukayo* bayolotshwa emhlabathini, +Ngoba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi okuphila. +
14 Ngelaphe Jehova, ngizokwelapheka.
Ngisindise, ngizosinda, +Ngoba nguwena engimdumisayo.
15 Bheka! Kukhona abathi kimi:
“Kungani izwi likaJehova lingakagcwaliseki namanje?” +
16 Kodwa mina, angiyekanga ukukulandela njengomalusi,Angizange ngilulangazelele usuku lwenhlekelele.
Wena uzazi kahle zonke izinto engizishilo;Konke kwenzeke phambi kwakho!
17 Ungangenzi ngesabe.
Uyisiphephelo sami ngosuku lwenhlekelele.
18 Abangishushisayo mabahlazeke, +Kodwa mina mangingahlazeki.
Mabashaywe uvalo,Kodwa mina mangingashaywa uvalo.
Balethele usuku lwenhlekelele, +Ubaphihlize ubabhubhise ngokuphelele.*
19 Yilokhu uJehova akushilo kimi: “Hamba, ume esangweni lamadodana abantu lelo amakhosi akwaJuda angena futhi aphume ngalo, nakuwo wonke amasango aseJerusalema. +
20 Kumelwe uthi kubo, ‘Yizwani izwi likaJehova, nina makhosi akwaJuda nawo wonke uJuda nani nonke zakhamuzi zaseJerusalema, eningena ngala masango.
21 Yilokhu uJehova akushoyo: “Ziqapheni, ningathwali mthwalo ngosuku lweSabatha noma niwungenise ngamasango aseJerusalema. +
22 Akumelwe nikhiphe umthwalo emakhaya enu ngosuku lweSabatha; ningenzi lutho. + Kumelwe nilungcwelise usuku lweSabatha, njengoba nje ngayala okhokho benu. +
23 Kodwa abazange balalele noma banake, kunalokho ngenkani benqaba* ukulalela noma ukwamukela isiyalo.” ’ +
24 “ ‘ “Nokho, uma ningilalelisisa,” kusho uJehova, “ningangenisi mthwalo ngamasango aleli dolobha ngosuku lweSabatha kodwa ningcwelise usuku lweSabatha ngokungenzi lutho ngalo, +
25 kuyongena ngamasango aleli dolobha amakhosi nezikhulu ezihlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, + ezigibela inqola namahhashi, wona nezikhulu zawo, amadoda akwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema; + futhi kuleli dolobha kuyohlala abantu kuze kube phakade.
26 Kuyofika abantu bevela emadolobheni akwaJuda, ezindaweni ezizungeze iJerusalema, ezweni lakwaBhenjamini, + ezweni elisethafeni, + ezintabeni naseNegebhi,* belethe iminikelo eshiswa ngokuphelele, + imihlatshelo, + iminikelo yokudla okusanhlamvu, + impepho enephunga elimnandi nemihlatshelo yokubonga endlini kaJehova. +
27 “ ‘ “Kodwa uma ningangilaleli ngokuba ningcwelise usuku lweSabatha futhi ningathwali mithwalo niyingenise ngamasango aseJerusalema ngosuku lweSabatha, ngiyowashisa ngomlilo amasango alo, nakanjani umlilo uyoshisa imibhoshongo yaseJerusalema + enezivikelo eziqinile futhi ngeke ucimeke.” ’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma kungaba, “Ngoba nokhelwe njengomlilo entukuthelweni yami.”
^ Noma, “indoda enamandla.”
^ NgesiHebheru, “Eyenza umuntu ingalo yayo.”
^ Noma, “indoda enamandla.”
^ Noma kungaba, “ayelapheki.”
^ Noma, “imizwa ejulile.” NgesiHebheru, “izinso.”
^ Uhlobo lwenyoni efana nenkukhu.
^ Noma, “ngokungenabulungisa.”
^ NgesiHebheru, “abangihlubukayo,” cishe kubhekiselwa kuJehova.
^ Noma, “ubabhubhise ngokuphindwe kabili.”
^ NgesiHebheru, “benza lukhuni intamo yabo.”
^ Noma, “naseningizimu.”