Levitikusi 24:1-23
24 UJehova waqhubeka wakhuluma noMose, wathi:
2 “Yala ama-Israyeli ukuba akulethele amafutha omnqumo ezibani ahlanzekile ukuze izibani zikhanye njalo. +
3 U-Aroni kufanele ahlele ukugcina izibani zikhanya njalo phambi kukaJehova ngaphandle kwekhethini lobuFakazi etendeni lokuhlangana kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Kuwumthetho waphakade kuzo zonke izizukulwane zenu.
4 Kufanele ahlele izibani njalo phambi kukaJehova phezu kothi lwesibani + lwegolide elihlanzekile.
5 “Uzothatha ufulawa ocolekile ubhake olofu bezinkwa abamise okwesongo abangu-12. Kulofu ngamunye kumelwe kusetshenziswe izingxenye ezimbili eshumini ze-efa.*
6 Uzozibeka ngamaqoqo amabili ezinkwa, esinye sibe phezu kwesinye, iqoqo ngalinye libe nezinkwa eziyisithupha, + phezu kwetafula legolide elihlanzekile phambi kukaJehova. +
7 Kufanele ubeke impepho ehlanzekile phezu kweqoqo ngalinye, lizoba isinkwa esimelela wonke umnikelo *+ oshiswa emlilweni onikelwa kuJehova.
8 Kufanele asihlele njalo phambi kukaJehova ngawo wonke amaSabatha. + Kuyisivumelwano saphakade nama-Israyeli.
9 Siyoba esika-Aroni namadodana akhe, + bayosidlela endaweni engcwele + ngoba siyinto engcwelengcwele kuye evela eminikelweni kaJehova eshiswa emlilweni, njengomthetho waphakade.”
10 Phakathi kwama-Israyeli kwakunendodana yowesifazane ongumIsrayeli nendoda yaseGibhithe, + kwaqubuka impi phakathi kwayo nendoda engumIsrayeli ekamu.
11 Le ndodana yowesifazane ongumIsrayeli yahlambalaza iGama* yaliqalekisa. + Ngakho bayiletha kuMose. + Igama likanina kwakunguShelomiti, indodakazi kaDibiri wesizwe sakwaDani.
12 Bayivalela kwaze kwaba yilapho becaciselwa isinqumo sikaJehova. +
13 UJehova wabe esekhuluma noMose, wathi:
14 “Mkhiphele ngaphandle kwekamu lowo oqalekisile, bonke labo abamzwile kumelwe babeke izandla zabo ekhanda lakhe futhi yonke inhlangano kumelwe imshaye ngamatshe. +
15 Kufanele utshele ama-Israyeli uthi, ‘Uma noma ubani eqalekisa uNkulunkulu wakhe, uyophendula ngenxa yesono sakhe.
16 Ngakho umhlambalazi wegama likaJehova kufanele abulawe nakanjani. + Yonke inhlangano kufanele nakanjani imshaye ngamatshe. Isifiki kufanele sibulawe njengoba nje kufanele kubulawe owokuzalwa ngokuhlambalaza kwakhe iGama.
17 “‘Uma umuntu ebulala omunye umuntu,* kufanele naye abulawe nakanjani. +
18 Noma ubani oshaya isilwane esifuywayo asibulale kufanele akhiphe isinxephezelo ngaso, ukuphila ngokuphila.*
19 Uma umuntu elimaza omunye umuntu, lokho akwenzile kufanele kwenziwe nakuye. +
20 Ukuphuka ngokuphuka, iso ngeso, izinyo ngezinyo, leyo ndlela alimaze ngayo omunye umuntu kufanele alinyazwe ngayo naye. +
21 Umuntu oshaya isilwane asibulale kufanele akhiphe isinxephezelo ngaso, + kodwa oshaya umuntu ambulale kufanele abulawe. +
22 “‘Kuzosebenza isinqumo esisodwa sokwahlulela kini, kungakhathaliseki ukuthi isifiki noma owokuzalwa, + ngoba nginguJehova uNkulunkulu wenu.’”
23 Ngemva kwalokho uMose wakhuluma nama-Israyeli, bamkhiphela ngaphandle kwekamu lowo owayeqalekisile, bamshaya ngamatshe. + Ngakho ama-Israyeli enza njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
Imibhalo yaphansi
^ Izingxenye ezimbili eshumini ze-efa zazilingana no-4,4 L. Bheka iSithasiselo B14.
^ Noma, “njengengxenye eyisikhumbuzo sawo.”
^ Okuwukuthi, igama elithi Jehova, njengoba kuboniswe emavesini 15 no-16.
^ Noma, “eshaya noma imuphi umphefumulo owumuntu ufe.”
^ Noma, “umphefumulo ngomphefumulo.”