Levitikusi 4:1-35

  • Umnikelo wesono (1-35)

4  UJehova waqhubeka wathi kuMose:  “Khuluma nama-Israyeli, uthi, ‘Uma othile* ona ngephutha + ngokwenza noma iyiphi yezinto uJehova ayala ukuba zingenziwa:  “‘Uma umpristi ogcotshiwe + ona + alethe icala phezu kwabantu, kumelwe alethe ithole leduna eliphile kahle kuJehova libe umnikelo wesono ngenxa yesono asenzile. +  Uzoletha leli duna emnyango wetende lokuhlangana + phambi kukaJehova, abeke isandla sakhe ekhanda laleli duna, alihlabe phambi kukaJehova. +  Umpristi ogcotshiwe + uzobe esethatha elinye igazi laleli duna alilethe etendeni lokuhlangana;  umpristi uzogcobhoza umunwe wakhe egazini, + afafaze elinye laleli gazi kasikhombisa + phambi kukaJehova phambi kwekhethini lendawo engcwele.  Umpristi uzobheca elinye laleli gazi ezimpondweni ze-altare lempepho enamakha, + eliphambi kukaJehova etendeni lokuhlangana; lonke elinye igazi laleli duna uzolithululela phansi e-altare lomnikelo oshiswayo, + elisemnyango wetende lokuhlangana.  “‘Uzosusa wonke amafutha eduna lomnikelo wesono, kuhlanganise nomhlwehlwe omboze amathumbu nomhlwehlwe ozungeze amathumbu,  nezinso zombili ezinamafutha eziseduze kwezinkalo. Futhi uzosusa amafutha asesibindini kanye nezinso. + 10  Lezi zinto uzozisusa ngendlela efanayo nezisuswe ngayo emhlatshelweni ohlanganyelwayo. + Umpristi uzokushunqisa e-altare lomnikelo oshiswayo. 11  “‘Kodwa isikhumba seduna nayo yonke inyama yalo kanye nenhloko yalo, amanqina alo, amathumbu alo nomswani walo + 12  lonke iduna—uzoyala ukuba liyiswe ngaphandle emaphethelweni ekamu endaweni ehlanzekile lapho kuchithwa khona umlotha,* alishise phezu kwezinkuni emlilweni. + Kufanele lishiswe lapho kuchithwa khona umlotha. 13  “‘Manje uma yonke inhlangano ka-Israyeli inecala ngokwenza isono ngephutha, + kodwa ibandla lingaqapheli ukuthi lenze into uJehova ayale ukuba lingayenzi, + 14  bese leso sono saziwa, ibandla kumelwe lilethe ithole leduna libe umnikelo wesono, lililethe phambi kwetende lokuhlangana. 15  Amadoda amadala enhlangano azobeka izandla zawo enhloko yeduna phambi kukaJehova futhi leli duna lizohlatshwa phambi kukaJehova. 16  “‘Umpristi ogcotshiwe uzoletha elinye igazi laleli duna etendeni lokuhlangana. 17  Umpristi uzogcobhoza umunwe wakhe egazini afafaze elinye lalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwekhethini. + 18  Uzobe esebheca elinye laleli gazi ezimpondweni ze-altare + eliphambi kukaJehova, elisetendeni lokuhlangana; elisele uzolithululela phansi e-altare lomnikelo oshiswayo, elisemnyango wetende lokuhlangana. + 19  Uzosusa wonke amafutha alo, awashunqise e-altare. + 20  Kufanele enze kuleli duna njengoba nje enzile kwelinye iduna lomnikelo wesono. Yileyo ndlela azokwenza ngayo, umpristi uzobenzela isihlawulelo, + bathethelelwe. 21  Uzoyala ukuba liyiswe ngaphandle kwekamu bese elishisa, njengoba nje eshise iduna lokuqala. + Lingumnikelo wesono webandla. + 22  “‘Lapho isikhulu + sona singahlosile ngokwenza okukodwa kuzo zonke izinto uJehova uNkulunkulu waso ayala ukuba zingenziwa futhi siba necala, 23  noma uma siqaphela ukuthi senze isono ngokwenza okuphambene nomyalo, kumelwe silethe izinyane lembuzi eliyiduna eliphile kahle, libe umnikelo waso. 24  Sizobeka isandla saso enhloko yezinyane lembuzi silihlabe lapho kuhlatshelwa khona umnikelo oshiswayo phambi kukaJehova. + Lingumnikelo wesono. 25  Umpristi uzogcobhoza umunwe wakhe egazini lomnikelo wesono alibhece ezimpondweni + ze-altare lomnikelo oshiswayo, lonke elinye igazi uzolithululela phansi e-altare lomnikelo oshiswayo. + 26  Uzoshunqisa wonke amafutha awo e-altare njengamafutha omhlatshelo ohlanganyelwayo; + umpristi uzosenzela isihlawulelo ngenxa yesono saso futhi sizothethelelwa. 27  “‘Uma noma ubani* kubantu bezwe ona engahlosile bese eba necala ngokwenza okukodwa ezintweni uJehova ayala ukuba zingenziwa, + 28  noma uma eqaphela ukuthi wenze isono, kufanele alethe izinyane lembuzi yensikazi eliphile kahle, libe umnikelo wakhe ngenxa yesono asenzile. 29  Uzobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, ahlabe umnikelo wesono endaweni efanayo neyomnikelo oshiswayo. + 30  Umpristi uzogcobhoza umunwe wakhe egazini lawo alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo oshiswayo, lonke elinye igazi uzolithululela phansi e-altare. + 31  Uzosusa wonke amafutha awo, + njengoba nje kususwa amafutha emhlatshelweni ohlanganyelwayo, + umpristi uzowushunqisa e-altare njengephunga elimnandi* kuJehova; umpristi uzomenzela isihlawulelo futhi uzothethelelwa. 32  “‘Kodwa uma enikela ngewundlu njengomnikelo wesono, kufanele alethe iwundlu lensikazi eliphile kahle. 33  Uzobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe njengomnikelo wesono lapho kuhlatshwa khona umnikelo oshiswayo. + 34  Umpristi uzogcobhoza umunwe wakhe egazini lomnikelo wesono alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo oshiswayo, + lonke elinye igazi uzolithululela phansi e-altare. 35  Uzosusa wonke amafutha awo ngendlela asuswa ngayo amafutha ewundlu leduna lomhlatshelo ohlanganyelwayo, umpristi uzowashunqisa e-altare phezu kweminikelo kaJehova eshiswa emlilweni; + umpristi uzomenzela isihlawulelo ngenxa yesono asenzile futhi uzothethelelwa. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “umphefumulo.”
Noma, “umlotha onamafutha,” okuwukuthi, umlotha onamafutha emihlatshelo.
Noma, “noma imuphi umphefumulo.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”