UMika 4:1-13
4 Ezinsukwini zokugcina,*Intaba yendlu kaJehova +Iyomiswa iqine ibe ngaphezu kweziqongo zezintaba,Iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma,Izizwe ziyothutheleka kuyo. +
2 Izizwe eziningi ziyohamba zithi:
“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehovaNasendlini kaNkulunkulu kaJakobe. +
Uzosifundisa izindlela zakheSihambe ezindleleni zakhe.”
Ngoba umthetho* uyophuma eZiyoni,
Nezwi likaJehova eJerusalema.
3 Uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe eziningi, +Alungise izindaba ngokuqondene nezizwe ezinamandla ezikude.
Ziyokhanda izinkemba zazo zibe amagejaNemikhonto yazo ibe ocelemba. +
Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba,Futhi ngeke zisayifunda impi. +
4 Bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane, +Akekho oyobenza besabe, +Ngoba umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile.
5 Zonke izizwe ziyohamba yileso naleso ngegama likankulunkulu waso,Kodwa thina siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu + kuze kube phakade naphakade.
6 “Ngalolo suku,” kusho uJehova,“Ngiyobabutha labo ababexhuga,Ngiqoqele ndawonye abahlakazekile +Kanye nalabo engabaphatha ngesihluku.
7 Ababexhuga ngiyobenza babe insali, +Abadediselwe kude ngibenze babe isizwe esinamandla; +UJehova uyobusa njengenkosi phezu kwabo eNtabeni iZiyoni,Kusukela manje kuze kube phakade.
8 Kodwa wena mbhoshongo womhlambi,Ndunduma yendodakazi yaseZiyoni, +Uyofika kuwe, yebo, umbuso wokuqala* uyofika, +Umbuso wendodakazi yaseJerusalema. +
9 Kungani umemeza kakhulu kangaka?
Awunayo yini inkosi,Noma ingabe umeluleki wakho ushabalele?Kungaleso sizathu yini ubanjwe izinhlungu njengowesifazane obelethayo? +
10 Zibhonqe ububule ndodakazi yaseZiyoni,Njengowesifazane obelethayo,Ngoba manje uzosuka edolobheni uyohlala esigangeni.
Uzohamba uze ufike eBhabhiloni, +Uyokhululwa lapho; +Lapho, uJehova uyokuthenga akubuyise esandleni sezitha zakho. +
11 Manje izizwe eziningi ziyobuthana zimelane nawe;Ziyothi, ‘Makangcoliswe,Amehlo ethu mawakubone lokhu kwenzeka eZiyoni.’
12 Kodwa aziyazi imicabango kaJehova,Aziyiqondi injongo* yakhe;Ngoba uyoziqoqela ndawonye njengenqwaba yokudla okusanhlamvu okusanda kusikwa kwayiswa esibuyeni.
13 O ndodakazi yaseZiyoni sukuma ubhule; +Ngoba izimpondo zakho ngizozishintsha zibe insimbi,Nezinselo zakho ngizishintshe zibe yithusi,Uyochoboza izizwe eziningi. +
Inzuzo yazo eziyithole ngokungathembeki uyoyinikela kuJehova,Nomnotho wazo uyowunikela eNkosini yeqiniso yomhlaba wonke.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Engxenyeni yokugcina yezinsuku.”
^ Noma, “imfundiso.”
^ Noma, “wangaphambili.”
^ Noma, “iseluleko.”