Numeri 15:1-41

  • Imithetho ephathelene neminikelo (1-21)

    • Abokuzalwa nezifiki banikwa umthetho ofanayo (15, 16)

  • Iminikelo yezono ezingahlosiwe (22-29)

  • Isijeziso sezono zamabomu (30, 31)

  • Owephula iSabatha uyabulawa (32-36)

  • Izingubo kufanele zibe nezinsephe emiphethweni (37-41)

15  UJehova waqhubeka wathi kuMose:  “Khuluma nama-Israyeli, uthi kuwo, ‘Lapho ekugcineni nifika ezweni engininika lona ukuba nihlale kulo +  bese nenza umnikelo oya kuJehova oshiswa emlilweni, umnikelo ovela emhlanjini wezinkomo noma wezimvu nezimbuzi—kungakhathaliseki ukuthi umnikelo oshiswayo + noma umhlatshelo wokwenza isifungo esikhethekile noma umnikelo wokuzithandela + noma umnikelo phakathi nemikhosi yenu yezinkathi ezithile, + ukuze nenzele uJehova iphunga elimnandi *+  lowo oletha umnikelo wakhe kumelwe futhi alethe kuJehova umhlatshelo wokudla okusanhlamvu kafulawa ocolekile, + okweshumi kwe-efa* okuxutshwe nokwesine kwehini* lamafutha.  Kufanele unikele nangewayini libe umnikelo ophuzwayo, okwesine kwehini, kanye nomnikelo oshiswayo + noma nomhlatshelo wewundlu ngalinye leduna.  Noma uma kuyinqama kufanele unikele umnikelo wokudla okusanhlamvu oyizingxenye ezimbili eshumini ze-efa likafulawa ocolekile oxutshwe nengxenye yesithathu yehini lamafutha.  Kufanele ulethe newayini libe umnikelo ophuzwayo, ingxenye yesithathu yehini, njengephunga elimnandi* kuJehova.  “‘Kodwa uma kwenzeka unikela ngeduna lomhlambi wezinkomo libe umnikelo oshiswayo + noma umhlatshelo wokwenza isifungo esikhethekile + noma imihlatshelo ehlanganyelwayo kuJehova, +  kufanele futhi ulethe kanye nalelo duna lomhlambi wezinkomo umnikelo wokudla okusanhlamvu + oyizingxenye ezintathu eshumini ze-efa likafulawa ocolekile oxutshwe nohhafu wehini lamafutha. 10  Kufanele ulethe newayini libe umnikelo ophuzwayo, + uhhafu wehini, kube umnikelo oshiswa emlilweni njengephunga elimnandi* kuJehova. 11  Yilokhu okufanele kwenziwe ngenkunzi ngayinye noma ngenqama ngayinye noma ngewundlu ngalinye eliyiduna noma ngezimbuzi. 12  Kungakhathaliseki ukuthi kungaki eninikela ngakho, kufanele ninikele ufulawa oxutshwe namafutha nomnikelo ophuzwayo kanye nalowo mnikelo. 13  Yile ndlela wonke umuntu ongowokuzalwa kwa-Israyeli okufanele alethe ngayo umnikelo oshiswa emlilweni, njengephunga elimnandi* kuJehova. 14  “‘Uma isifiki esihlala nani noma umuntu obelokhu ephakathi kwenu ezizukulwaneni zenu eziningi naye kufanele enze umnikelo oshiswa emlilweni, njengephunga elimnandi* kuJehova, kufanele enze njengani. + 15  Nina eningabebandla nesifiki esihlala nani niyoba nomthetho owodwa. Kuyoba umthetho waphakade kuzo zonke izizukulwane zenu. Isifiki kufanele sifane nani phambi kukaJehova. + 16  Kufanele kube nomthetho owodwa nesinqumo sokwahlulela esisodwa kini nakoyisifiki ohlala nani.’” 17  UJehova waqhubeka wathi kuMose: 18  “Khuluma nama-Israyeli, uthi kuwo, ‘Lapho nifika ezweni enginiyisa kulo 19  futhi nidla noma yisiphi isinkwa* sezwe, + kufanele nenze umnikelo kuJehova. 20  Kufanele nenze umnikelo wokudla kwenu kokuqala + okumahhadlahhadla ube olofu bezinkwa abamise okwesongo. Kufanele niwunikele ngendlela eninikela ngayo umnikelo wesibuya.* 21  Omunye ufulawa wenu wokuqala kufanele niwunikele ube umnikelo oya kuJehova kuzo zonke izizukulwane zenu. 22  “‘Manje uma nenza iphutha nihluleka ukugcina yonke le miyalo uJehova ayikhulume kuMose, 23  konke lokho uJehova aniyala ngakho ngoMose kusukela osukwini uJehova ayala ngalo kuqhubekele ezizukulwaneni zenu, 24  futhi uma kwenziwa ngephutha, inhlangano ingazi, yonke inhlangano kufanele inikele ngethole leduna libe umnikelo oshiswayo oyiphunga elimnandi* kuJehova, kanye nomnikelo walo wokudla okusanhlamvu nomnikelo walo ophuzwayo ngokwenqubo evamile, + nangezinyane elilodwa lembuzi libe umnikelo wesono. + 25  Umpristi uyokwenzela yonke inhlangano yama-Israyeli isihlawulelo, iyothethelelwa + ngoba kwakuyiphutha, futhi yaletha njengomnikelo wayo umnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova nomnikelo wayo wesono phambi kukaJehova ngenxa yephutha layo. 26  Iyothethelelwa yonke inhlangano yama-Israyeli nesifiki esihlala phakathi kwayo ngoba kwaba iphutha labo bonke abantu. 27  “‘Uma kuba khona umuntu* owona ngephutha, kumelwe alethe imbuzi yensikazi engakawuqedi unyaka ibe umnikelo wesono. + 28  Umpristi uyomenzela isihlawulelo umuntu owenze iphutha ngokwenza isono engahlosile phambi kukaJehova, ukuze amenzele isihlawulelo, athethelelwe. + 29  Ngokuphathelene nowokuzalwa phakathi kwama-Israyeli nesifiki esihlala phakathi kwawo, kufanele kube nomthetho owodwa kini ngokuqondene nokwenza okuthile ungahlosile. + 30  “‘Kodwa umuntu owenza okuthile ngamabomu, + kungakhathaliseki ukuthi ungowokuzalwa noma uyisifiki, lowo muntu uhlambalaza uJehova, kumelwe abulawe.* 31  Ngenxa yokuthi udelele izwi likaJehova wephula nomyalo wakhe, lowo muntu kufanele anqunywe nakanjani. + Isiphambeko sakhe siphezu kwakhe.’” + 32  Ngesikhathi ama-Israyeli esehlane, athola umuntu etheza ngosuku lweSabatha. + 33  Labo abamthola etheza bamletha kuMose no-Aroni nakuyo yonke inhlangano. 34  Bamvalela + ngoba kwakungakashiwo ukuthi yini okufanele yenziwe kuye. 35  UJehova wathi kuMose: “Lowo muntu kufanele abulawe nakanjani, + yonke inhlangano kufanele imshaye ngamatshe ngaphandle kwekamu.” + 36  Ngakho yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu, yamshaya ngamatshe wafa, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose. 37  UJehova waqhubeka esho lokhu kuMose: 38  “Khuluma nama-Israyeli, uwatshele ukuthi kumelwe azenzele insephe emiphethweni yezingubo zawo kuzo zonke izizukulwane zawo, futhi kufanele afake intambo eluhlaza okwesibhakabhaka phezu komphetho wengubo onensephe. + 39  ‘Kumelwe nibe nalo mphetho onensephe ukuze niwubone bese nikhumbula yonke imiyalo kaJehova futhi niyigcine. + Akumelwe nilandele izinhliziyo zenu namehlo enu, okuniholela ebufebeni obungokomoya. + 40  Lokhu kuyonisiza ukuba nikhumbule futhi niyoyigcina yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu. + 41  NginguJehova uNkulunkulu wenu, onikhiphe ezweni laseGibhithe ukuze ngibe uNkulunkulu wenu. + NginguJehova uNkulunkulu wenu.’” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Okweshumi kwe-efa kwakulingana no-2,2 L. Bheka iSithasiselo B14.
Ihini lalilingana no-3,67 L. Bheka iSithasiselo B14.
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Noma, “ukudla.”
Indawo okubhulelwa kuyo ukudla okusanhlamvu.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Noma, “umphefumulo.”
Noma, “anqunywe phakathi kwabantu bakubo.”