Numeri 29:1-40
29 “‘Ngenyanga yesikhombisa, ngosuku lokuqala lwenyanga, kufanele nibe nomhlangano ongcwele. Akumelwe nenze umsebenzi okhandlayo. + Kuwusuku okufanele nishaye ngalo icilongo. +
2 Niyonikela ngethole elilodwa leduna, inqama eyodwa namawundlu angamaduna ayisikhombisa, ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, konke kube okuphile kahle, kube umnikelo oshiswayo oyiphunga elimnandi* kuJehova,
3 nomnikelo wako wokudla okusanhlamvu kafulawa ocolekile oxutshwe namafutha, izilinganiso ezintathu eshumini ze-efa ezihambisana nenkunzi, izilinganiso ezimbili eshumini ezihambisana nenqama,
4 nesilinganiso esisodwa eshumini ngewundlu leduna ngalinye emawundlwini angamaduna ayisikhombisa,
5 nezinyane lembuzi leduna elilodwa libe umnikelo wesono wokunenzela isihlawulelo.
6 Niyonikela ngalokhu ngaphandle komnikelo oshiswayo wanyanga zonke nomnikelo wawo wokudla okusanhlamvu + nomnikelo oshiswayo owenziwa njalo nomnikelo wawo wokudla okusanhlamvu, + kanye neminikelo yako ephuzwayo, + ngokwenqubo yayo evamile, njengephunga elimnandi,* umnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova.
7 “‘Ngosuku lweshumi lwale nyanga yesikhombisa kufanele nibe nomhlangano ongcwele, + futhi kumelwe nidabuke.* Akumelwe nenze noma yimuphi umsebenzi. +
8 Niyonikela ngethole elilodwa leduna, inqama eyodwa namawundlu angamaduna ayisikhombisa, ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, kube umnikelo oshiswayo oya kuJehova, iphunga elimnandi,* konke kube okuphile kahle. +
9 Umnikelo wawo wokudla okusanhlamvu kafulawa ocolekile oxutshwe namafutha yizilinganiso ezintathu eshumini ngeduna, izilinganiso ezimbili eshumini ngenqama eyodwa,
10 isilinganiso esisodwa sokweshumi ngokufanayo ngewundlu leduna ngalinye emawundlwini angamaduna ayisikhombisa,
11 kanye nezinyane lembuzi elilodwa libe umnikelo wesono, ngaphandle komnikelo wesono wesihlawulelo + nomnikelo oshiswayo owenziwa njalo nomnikelo wawo wokudla okusanhlamvu, kanye neminikelo yako ephuzwayo.
12 “‘Ngosuku luka-15 lwenyanga yesikhombisa kufanele nibe nomhlangano ongcwele. Akumelwe nenze umsebenzi okhandlayo futhi kumelwe nigubhele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa. +
13 Kumelwe ninikele ngamathole eduna angu-13, izinqama ezimbili namawundlu angamaduna angu-14, ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, kube umnikelo oshiswayo, + umnikelo oshiswa emlilweni oyiphunga elimnandi* kuJehova, konke kube okuphile kahle. +
14 Umnikelo wawo wokudla okusanhlamvu kafulawa ocolekile oxutshwe namafutha uyizilinganiso ezintathu eshumini ngenkunzi ngayinye kulezi zinkunzi ezingu-13, izilinganiso ezimbili eshumini ngenqama ngayinye ezinqameni ezimbili,
15 nesilinganiso esisodwa sokweshumi ngewundlu ngalinye leduna kula mawundlu angamaduna angu-14,
16 kanye nezinyane lembuzi elilodwa libe umnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswayo owenziwa njalo, umnikelo wawo wokudla okusanhlamvu nomnikelo wawo ophuzwayo. +
17 “‘Ngosuku lwesibili amathole eduna angu-12, izinqama ezimbili namawundlu angamaduna angu-14, ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, konke kube okuphile kahle, +
18 nomnikelo wako wokudla okusanhlamvu neminikelo yako ephuzwayo ehambisana nezinkunzi, izinqama namawundlu angamaduna ngokwesibalo sako ngokwenqubo evamile,
19 kanye nezinyane lembuzi elilodwa libe umnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswayo owenziwa njalo nomnikelo wawo wokudla okusanhlamvu, kanye neminikelo yayo ephuzwayo. +
20 “‘Ngosuku lwesithathu izinkunzi ezingu-11, izinqama ezimbili namawundlu angamaduna angu-14 ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, konke kube okuphile kahle, +
21 nomnikelo wako wokudla okusanhlamvu neminikelo yako ephuzwayo ehambisana nezinkunzi, izinqama namawundlu angamaduna ngokwesibalo sako ngokwenqubo evamile,
22 kanye nembuzi eyodwa ibe umnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswayo owenziwa njalo nomnikelo wawo wokudla okusanhlamvu nomnikelo wawo ophuzwayo. +
23 “‘Ngosuku lwesine izinkunzi eziyishumi, izinqama ezimbili namawundlu angamaduna angu-14 ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, konke kube okuphile kahle, +
24 umnikelo wako wokudla okusanhlamvu neminikelo yako ephuzwayo ehambisana nezinkunzi, izinqama namawundlu angamaduna ngokwesibalo sako ngokwenqubo evamile,
25 kanye nezinyane lembuzi elilodwa libe umnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswayo owenziwa njalo, umnikelo wawo wokudla okusanhlamvu nomnikelo wawo ophuzwayo. +
26 “‘Ngosuku lwesihlanu izinkunzi ezingu-9, izinqama ezimbili, amawundlu angamaduna angu-14 ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, konke kube okuphile kahle, +
27 nomnikelo wako wokudla okusanhlamvu neminikelo yako ehambisana nezinkunzi, izinqama namawundlu angamaduna ngokwesibalo sako ngokwenqubo evamile,
28 kanye nembuzi eyodwa ibe umnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswayo owenziwa njalo nomnikelo wawo wokudla okusanhlamvu nomnikelo wawo ophuzwayo. +
29 “‘Ngosuku lwesithupha izinkunzi ezingu-8, izinqama ezimbili, amawundlu angamaduna angu-14, ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, konke kube okuphile kahle, +
30 nomnikelo wako wokudla okusanhlamvu neminikelo yako ephuzwayo ehambisana nezinkunzi, izinqama namawundlu angamaduna ngokwesibalo sako ngokwenqubo evamile,
31 kanye nembuzi eyodwa ibe umnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswayo owenziwa njalo, umnikelo wawo wokudla okusanhlamvu, neminikelo yawo ephuzwayo. +
32 “‘Ngosuku lwesikhombisa izinkunzi eziyisikhombisa, izinqama ezimbili, amawundlu angamaduna angu-14 ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, konke kube okuphile kahle, +
33 nomnikelo wako wokudla okusanhlamvu neminikelo yako ephuzwayo ehambisana nezinkunzi, izinqama namawundlu angamaduna ngokwesibalo sako ngokwenqubo evamile ngako,
34 kanye nembuzi eyodwa ibe umnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswayo owenziwa njalo, umnikelo wawo wokudla okusanhlamvu nomnikelo wawo ophuzwayo. +
35 “‘Ngosuku luka-8 kufanele nibe nomhlangano onesizotha. Akufanele nenze umsebenzi okhandlayo. +
36 Niyonikela ngenkunzi eyodwa, inqama eyodwa, amawundlu angamaduna ayisikhombisa ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, kube umnikelo oshiswayo, umnikelo oshiswa emlilweni oyiphunga elimnandi* kuJehova, konke kube okuphile kahle, +
37 nomnikelo wako wokudla okusanhlamvu neminikelo yako ephuzwayo ehambisana nenkunzi, inqama namawundlu angamaduna ngokwesibalo sako ngokwenqubo evamile,
38 kanye nembuzi eyodwa ibe umnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswayo owenziwa njalo nomnikelo wawo wokudla okusanhlamvu nomnikelo wawo ophuzwayo. +
39 “‘Lena niyoyinikela kuJehova emikhosini yenu yangezinkathi ezithile, + ngaphandle kweminikelo yenu ethenjiswe ngesifungo + neminikelo yenu yokuzithandela + ibe iminikelo yenu eshiswayo + neminikelo yenu yokudla okusanhlamvu + neminikelo yenu ephuzwayo + nemihlatshelo yenu ehlanganyelwayo.’” +
40 UMose watshela ama-Israyeli konke uJehova ayemyale ngakho.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
^ Noma, “imiphefumulo yenu idabuke.” “Ukudabuka” kuvame ukuqondwa njengokusho izinhlobo ezihlukahlukene zokuzincisha, kuhlanganise nokuzila ukudla.
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
^ Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”