Numeri 34:1-29

  • Imingcele yaseKhanani (1-15)

  • Amadoda abelwe ukuhlukanisa izwe (16-29)

34  UJehova waqhubeka wathi kuMose:  “Yithi kuma-Israyeli: ‘Lapho ningena ezweni laseKhanani, + lelo yizwe eniyonikwa lona libe yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemingcele yalo. +  “‘Umngcele wenu ongaseningizimu uyosuka ehlane laseZini eceleni kuka-Edomi, umngcele wenu ongaseningizimu ngasempumalanga uyoqala emaphethelweni oLwandle Lukasawoti. *+  Umngcele wenu uyojika udlule eningizimu yomqansa wase-Akarabimi + uqhubeke uze uyofika eZini, uphelele eningizimu yeKadeshi-barineya. + Uyobe usudlulela eHazari-adari + uze uyofika e-Azimoni.  Umngcele uyojika e-Azimoni uye eMhosheni* WaseGibhithe, uphelele oLwandle. *+  “‘Umngcele wenu ongasentshonalanga uyoba uLwandle Olukhulu* nezwe elisogwini. Lona kuyoba umngcele wenu ongasentshonalanga. +  “‘Lona kuyoba umngcele wenu ongasenyakatho: Umngcele wenu niyowususa oLwandle Olukhulu uye eNtabeni iHori. +  Ukusuka eNtabeni iHori umngcele niyowususa eLebo-hamati *+ uphelele eZedadi. +  Umngcele uyoze ufike eZifroni, uphelele eHazari-enani. + Lona kuyoba umngcele wenu ongasenyakatho. 10  “‘Umngcele wenu ongasempumalanga kufanele niwususe eHazari-enani uye eShefamu. 11  Umngcele uyosuka eShefamu uye eRibila empumalanga ye-Ayini, wehlele ngasempumalanga yoLwandle LwaseKhinereti. *+ 12  Umngcele uyoze ufike eJordani, uphelele oLwandle Lukasawoti. + Leli kuyoba yizwe lenu + nemingcele yalo.’” 13  Ngakho uMose wayala ama-Israyeli, wathi: “Yileli izwe enizohlukaniselana lona njengefa ngenkatho, + njengoba nje uJehova eyale ukuba linikezwe izizwe ezingu-9 nohhafu. 14  Ngoba isizwe sakwaRubeni ngokwezindlu zoyise, isizwe sakwaGadi ngokwezindlu zoyise kanye nohhafu wesizwe sakwaManase sezilithathile kakade ifa lazo. + 15  Lezi zizwe ezimbili nohhafu kakade sezilithathile ifa lazo empumalanga yesifunda saseJordani ngaseJeriko, lapho kuphuma khona ilanga.” + 16  UJehova waqhubeka wathi kuMose: 17  “Yilawa amagama amadoda azonihlukanisela izwe elizoba yifa lenu: u-Eleyazare + umpristi noJoshuwa + indodana kaNuni. 18  Nizothatha isikhulu esisodwa esizweni ngasinye ukuba sihlukanise izwe njengefa lenu. + 19  Yilawa amagama alawo madoda: esizweni sakwaJuda, + uKalebi + indodana kaJefune; 20  esizweni sabantwana bakwaSimeyoni, + uShemuweli indodana ka-Amihudi; 21  esizweni sakwaBhenjamini, + u-Elidadi indodana kaKisiloni; 22  esizweni sabantwana bakwaDani, + isikhulu, uBhuki indodana kaJogili; 23  kubantwana bakwaJosefa, + esizweni sabantwana bakwaManase, + isikhulu, uHaniyeli indodana ka-Efodi; 24  esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi, + isikhulu, uKhemuweli indodana kaShifetani; 25  esizweni sabantwana bakwaZebhuloni, + isikhulu, u-Elizafani indodana kaPharinaki; 26  esizweni sabantwana bakwa-Isakare, + isikhulu, uPhalitiyeli indodana ka-Azani; 27  esizweni sabantwana bakwa-Asheri, + isikhulu, u-Ahihudi indodana kaShelomi; 28  esizweni sabantwana bakwaNafetali, + isikhulu, uPedaheli indodana ka-Amihudi.” 29  Yibo laba uJehova abayala ukuba babele ama-Israyeli izwe ezweni laseKhanani. +

Imibhalo yaphansi

Okuwukuthi, uLwandle Olufile.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Okuwukuthi, uLwandle Olukhulu, iMedithera.
Okuwukuthi, iMedithera.
Noma, “ekuqaleni kweHamati.”
Okuwukuthi, ichibi laseGenesaretha, noma uLwandle LwaseGalile.