UmShumayeli 10:1-20

  • Ubuwula obuncane buyakugqiba ukuhlakanipha (1)

  • Izingozi zokuntula ukuhlakanipha (2-11)

  • Umphumela odabukisayo wesiphukuphuku (12-15)

  • Ubuwula phakathi kwababusi (16-20)

    • Inyoni ingase ikuphinde okushilo (20)

10  Njengoba nje izimpukane ezifile zenza amafutha omenzi wamakha anuke kabi futhi abe namagwebu, kanjalo nobuwula obuncane bonakalisa igama elihle lomuntu obhekwa njengohlakaniphile nohlonishwayo. +  Inhliziyo yohlakaniphile imholela endleleni efanele, kodwa inhliziyo yesiphukuphuku isiholela endleleni engafanele. +  Kunoma iyiphi indlela isiwula esihamba ngayo, sintula ukuhlakanipha *+ futhi senza wonke umuntu azi ukuthi siyisiwula. +  Uma kwenzeka umbusi ekuthukuthelela, ungayishiyi indawo yakho, + ngoba ukuzola kudambisa izono ezinkulu. +  Kukhona into ecindezelayo engiyibonile phansi kwelanga, iphutha elenziwa yilabo abasezikhundleni: +  Ubuwula bubekwa ezikhundleni eziningi eziphakeme, kodwa abakhaliphile* baqhubeka besezikhundleni eziphansi.  Ngibone izinceku zigibele amahhashi kodwa izikhulu zihamba ngezinyawo njengezinceku. +  Omba umgodi angase awele kuwo; + nobhodloza udonga lwamatshe angase alunywe inyoka.  Oqhephula amatshe angase alimale, nocanda izinkuni angase azichaye engozini.* 10  Uma ithuluzi lensimbi libuthuntu futhi umuntu engaliloli, kuyodingeka asebenzise amandla amaningi. Kodwa ukuhlakanipha kusiza umuntu aphumelele. 11  Uma inyoka iluma lapho ingakathwebuleki, ayikho inzuzo kulowo oyithwebulayo onekhono. 12  Amazwi avela emlonyeni wohlakaniphile ayajabulisa, + kodwa izindebe zesiphukuphuku ziyasilimaza. + 13  Amazwi okuqala aphuma emlonyeni waso awubuwula, + amazwi aso okugcina awukuhlanya okubangela inhlekelele. 14  Kodwa isiwula siyaqhubeka sikhuluma. + Umuntu akakwazi okuyokwenzeka; ubani ongamtshela ukuthi yini ezokwenzeka lapho engasekho? + 15  Umsebenzi onzima wesiphukuphuku uyasikhathaza, ngoba asikwazi ngisho nokuthola indlela eya edolobheni. 16  Yeka indlela okukubi ngayo ezweni uma inkosi ingumfana, + nezikhulu ziqala ukudla ekuseni! 17  Yeka indlela izwe elijabula ngayo uma inkosi iyindodana yezicukuthwane nezikhulu zidla ngesikhathi esifanele ukuze zithole amandla, hhayi ngenjongo yokudakwa! + 18  Ngenxa yobuvila obukhulu uphahla luyawa, nangenxa yezandla ezivilaphayo indlu iyavuza. + 19  Isinkwa* senzelwe ukwenza abantu bajabule,* newayini lenza ukuphila kube mnandi; + kodwa imali yanelisa zonke izidingo. + 20  Ngisho nasemicabangweni* yakho ungayiqalekisi* inkosi, + nesicebi ungasiqalekisi ekamelweni lakho lokulala; ngoba inyoni* ingase ikudlulise okushilo* noma isidalwa esinamaphiko singase sikuphinde okushiwo.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “inhliziyo yaso iyantula.”
NgesiHebheru, “abacebile.”
Noma kungaba, “kufanele aqaphelisise.”
Noma, “Ukudla.”
Noma, “bahleke.”
Noma kungaba, “nasembhedeni.”
Noma, “ungakhulumi kabi.”
NgesiHebheru, “isidalwa esindizayo samazulu.”
Noma, “umyalezo.”