UZakariya 10:1-12
10 “Celani imvula kuJehova ngesikhathi semvula yasentwasahlobo.
NguJehova owenza amafu amnyama,Othululela abantu imvula, +Anike wonke umuntu izimila ensimini.
2 Ngoba izithombe zamatherafi* zikhohlisile;*Nababhuli babone amanga embonweni.
Bakhuluma amaphupho angasizi ngalutho,Bazama ukududuza kodwa abaphumeleli.
Yingakho beyozulazula njengomhlambi wezimvu.
Bayohlupheka ngoba akukho malusi.
3 Intukuthelo yami iyabavuthela abelusi,Ngizokwenza ukuba abaholi abacindezelayo* balandise;Ngoba uJehova wamabutho uwunakile umhlambi wakhe, + indlu yakwaJuda,Wawenza waba njengehhashi lakhe elikhazimulayo empini.
4 Iphuma kuye indoda eyinhloko,*Uphuma kuye umbusi osekelayo,*Uphuma kuye umnsalo wempi;Bonke ababonisi* baphuma kuye, bonke behlangene.
5 Bazoba njengamaqhawe,Anyathela odakeni emigwaqweni empini.
Bazolwa impi ngoba uJehova unabo; +Abagibeli bamahhashi bayohlazeka. +
6 Ngizokwenza indlu kaJuda iphakame,Indlu kaJosefa ngizoyisindisa. +
Ngizobabuyisela ezweni labo,Ngoba ngizobabonisa isihe; +Kuzoba njengokungathi angikaze ngibalahle; +Ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo, ngizobaphendula.
7 Abakwa-Efrayimi bazoba njengeqhawe,Izinhliziyo zabo zizojabula njengokungathi baphuze iwayini +
Amadodana abo azokubona lokhu ajabule;Izinhliziyo zawo zizojabula ngoJehova. +
8 ‘Ngizobashayela ikhwela ngibaqoqele ndawonye;Ngizobakhulula, + bazoba baningi,Baqhubeke banda.
9 Nakuba ngibasakaza njengembewu phakathi kwezizwe,Bayongikhumbula besezindaweni ezikude;Bayovuseleleka kanye namadodana abo babuye.
10 Ngiyobalanda ezweni laseGibhithe;Ngibaqoqe basuke e-Asiriya; +Ngibalethe ezweni laseGileyadi + naseLebhanoni,Ngeke ibe khona indawo eyanele yabo. +
11 Ngiyodabula olwandle ngokucindezeleka;Olwandle ngiyoshaya amagagasi; +Zonke izindawo ezijulile zeNayile ziyokoma.
Ukuziqhenya kwe-Asiriya kuyokwehliswa,Intonga yeGibhithe iyosuka. +
12 Mina Jehova, ngiyobenza baphakame, +
Bayohamba ngegama lami,’ + kusho uJehova.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “onkulunkulu bomndeni; izithixo.”
^ Noma, “zikhulume okuyinqaba; okungaqondakali.”
^ NgesiHebheru, “abayizimpongo.”
^ NgesiHebheru, “umbhoshongo osekhoneni,” ufanekisela umuntu obalulekile noma isikhulu; induna.
^ NgesiHebheru, “ihhuku,” lifanekisela umuntu osekelayo; umbusi.
^ Noma, “izinduna zomsebenzi.”