Izintshumayelo Ezisikiselwe
PHAPHAMA!
Umbuzo: Imibiko yentsha ecindezelekile kubonakala yanda ngendlela ethusayo. Ucabanga ukuthi yini engenziwa ngale nkinga?
Okuzohanjiswa: Lo magazini unikeza intsha amacebiso okubhekana nokucindezeleka, nendlela abazali bayo abangayisiza ngayo.
FUNDISA IQINISO
Umbuzo: Yini eyenza abashadile bajabule?
UmBhalo: Efe 5:33
Iqiniso: Abashadile bayajabula lapho ubuhlobo babo busekelwe othandweni nasekuhloniphaneni.
INGABE IZINTO EZIPHILAYO ZADALWA? (lc)
Umbuzo: Yikuphi okubona kunengqondo kakhudlwana phakathi kokukholelwa ukuthi izinto eziphilayo zadalwa uNkulunkulu nokuthi zavele zaba khona?
UmBhalo: Heb 11:1
Okuzohanjiswa: Le ncwajana ibukeza ubufakazi obenze abaningi bakholelwa ukuthi kunoMdali ohlakaniphile. Ngingathanda ukubuya sizoxoxa ngombuzo osekhasini 29 othi: “Ingabe kunendaba ukuthi yini oyikholelwayo?”
ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.