Izintshumayelo Ezisikiselwe
INQABAYOKULINDA
Umbuzo: Abanye abantu bacabanga ukuthi iBhayibheli liphelelwe isikhathi, kanti abanye bakholelwa ukuthi lisewusizo. Wena ucabangani?
UmBhalo: 2Thim 3:16, 17
Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda inikeza izibonelo zamazwi ahlakaniphile awusizo aseBhayibhelini namacebiso endlela ongazuza ngayo ngokugcwele lapho ufunda iBhayibheli.
FUNDISA IQINISO
Umbuzo: Ingabe ukuphela kwezwe kuseduze?
UmBhalo: Math 24:3, 7, 14
Iqiniso: Iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi siphila esikhathini sokugcina. Kodwa lokhu kuyizindaba ezinhle—kusho ukuthi izikhathi ezingcono sezisemnyango.
INGABE IZINTO EZIPHILAYO ZADALWA?
Umbuzo: Yikuphi okubona kunengqondo kakhudlwana phakathi kokukholelwa ukuthi izinto eziphilayo zadalwa uNkulunkulu nokuthi zathuka ziba khona?
Okuzohanjiswa: Le ncwajana ibukeza ubufakazi obenze abaningi bakholelwa ukuthi kunoMdali ohlakaniphile. Ngingathanda ukubuya sizoxoxa ngombuzo osekhasini 29 othi: “Ingabe kunendaba ukuthi yini oyikholelwayo?”
ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.