UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
IMihlangano Yesifunda Iyizikhathi Zokubonisa Uthando
Kungani siyijabulela kangaka imihlangano yethu yesifunda yaminyaka yonke? Njengoba kwakwenzeka kwa-Israyeli wasendulo, namuhla imihlangano yesifunda isinikeza ithuba lokukhonza uJehova kanye namakhulu, ngisho nezinkulungwane, zabakhulekeli esikanye nabo. Sithola imfundo ecebile evela eZwini likaNkulunkulu. Siyasijabulela nesikhathi esimnandi esiba naso nomndeni nabangane. Sibonisa ukuthi siyabonga uma siba khona zontathu izinsuku zomhlangano.
Uma sisemhlanganweni, akumelwe sicabange ngalokho esizokuzuza thina kuphela, kodwa kumelwe sicabange nangendlela esingabonisa ngayo abanye uthando. (Gal 6:10; Heb 10:24, 25) Lapho sibavulela iminyango abafowethu nodadewethu noma sigcina izihlalo esizidingayo kuphela, sisuke sibonisa ukuthi siyabakhathalela abanye. (Fil 2:3, 4) Imihlangano yesifunda isinikeza amathuba okuthola abangane abasha. Ngaphambi kwesimiso nangemva kwaso kanye nangesikhathi sekhefu singaqikelela ukuthi sizama ukwazana nabantu esiqala ukubabona. (2Ko 6:13) Ubungane esibakha ngaleso sikhathi bungahlala njalo! Ngaphezu kwalokho, lapho ababukele besibona sithandana ngempela, bangase banqume ukuhlanganyela nathi ekukhonzeni uJehova.—Joh 13:35.
BUKELANI IVIDIYO ETHI IMIHLANGANO YEZIZWE ETHI “UTHANDO ALUSOZE LWAPHELA NANINI”! BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Izihambeli zomhlangano wezizwe ka-2019 zaboniswa kanjani uthando?
-
Kungani ubunye nothando okukhona phakathi kwabantu bakaJehova kuphawuleka kangaka?
-
Yikuphi okwaqokonyiswa amalungu eNdikimba Ebusayo ngokuphathelene nothando lobuKristu?
-
Uthando lobuKristu lunqobe kanjani eJalimane naseNingizimu Korea?
-
Yini okufanele sizimisele ukuyenza?