Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Bazali, Fundisani Izingane Zenu Lokho Okufanele Zikwazi

Bazali, Fundisani Izingane Zenu Lokho Okufanele Zikwazi

Siphila ezweni elithi okuhle kubi okubi kuhle. (Isaya 5:20) Ngokudabukisayo, abanye abantu benza izenzo uJehova azizondayo, kuhlanganise nezenzo ezingafanele phakathi kwabantu bobulili obufanayo. Intsha efunda nezingane zethu eziyigugu noma abanye abantu bangase bazame ukuzithonya ukuba zilingise isibonelo sabo. Ungazilungiselela kanjani izingane zakho ukuba zibhekane nalolu vivinyo nolunye olufana nalo ngokuphumelelayo?

Siza izingane zakho zazi ukuthi yini elungile nengalungile kuJehova. (Lev 18:3) Zifundise kancane kancane ukuthi iBhayibheli lithi ikuphi ukuziphatha okufanele kocansi, kuye ngeminyaka yazo nokuthi kungakanani ezingakwazi ukukuqonda. (Dut 6:7) Zibuze: ‘Sengizifundisile yini izingane zami indlela efanele yokubonisa uthando, ukubaluleka kokugqoka ngesizotha nesidingo sokuba abanye bazihloniphe izingane zami? Izingane zami zizokwazi yini ukuthi kufanele zenze njani uma othile ezibukisa izithombe ezingcolile noma omunye umuntu ezicela ukuba zenze okuthile uJehova athi akulungile?’ Uma zifundisiwe, lokho kuyozisiza zigweme izinkinga. (IzA 27:12; Shu 7:12) Uma ufundisa izingane zakho, ubonisa ukuthi uyalithanda ifa eliyigugu elivela kuJehova.—IHu 127:3.

BUKELANI IVIDIYO ETHI YAKHA INDLU EYOKUMA PHAKADE —VIKELA IZINGANE ZAKHO ‘KOKUBI,’ BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungani abanye bemathinta nyawo ukufundisa izingane zabo ngocansi?

  • Kungani abazali kufanele baqeqeshe izingane zabo “ngesiyalo sikaJehova”?—Efe 6:4

  • Ulwazi luyisivikelo

    Inhlangano kaJehova ibasize ngani abazali ukuze bakwazi ukufundisa izingane zabo ngocansi?—w19.05 12, ibhokisi

  • Kungani kufanele uhlale uxoxa nezingane zakho zingakabi nezinkinga?